Awakhi umkhanya uMnyango Wezemidlalo, uyayisekela imidlalo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMnyango WeZemidlalo Amasiko Nobuciko, ungeminye okuthi uma kukhethwa ubuholi bawo bese kuyanakeka kakhulu ukuthi ngabe imphumela emihle ikhona yini.
Lo Mnyango esifundazweni iKwaZulu-Natal uphethwe uMhlonishwa uHlengiwe Mavimbela, wangena kulesi sihlalo ngonyaka wezi-2019. Yize kungaphelanga isikhathi esingakanani ethathe izintambo, umhlaba wonke wabe usuhlaselwa ukhuvethe. Lokho kwenza ukuthi kume imiqhudelwano eminingi, nokuyinto eyaphazamisa ukusebenza kwakhe. Yize kunjalo kodwa loMnyango wenza kahle kakhulu.
UMphathiswa ubonakala ekwenza konke ukweseka iminxa yonke yezemidlalo. NgeSonto eledlule wayehambele umqhudelwano wokusubatha iHarry Gwala Marathon, wathi esuka lapho wabe ephuthuma eKing Zwelithini Stadium ukuyokweseka iRichards Bay FC idlala umdlalo wayo wokugcina.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile naye lapho eveze khona izifiso anazo nemiyalezo ayidlulisela amaqembu kanobhutshuzwayo.
USabelo Maphumulo (SM): Kusukela wathatha izintambo zokuphatha uMnyango Wezemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal, ikuphi ongathi uma kuthiwa uyaphuma namhlanje kulesi sihlalo uziqhenye ngakho?
uMphathiswa (HM): Ngesikhathi ngiqokelwa kulesi sikhundla ngoNhlangulana ngonyaka wezi-2019, inhloso yami kwakungukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zoMnyango ziyaqhubeka kanye nokuthuthukisa izinga lokulethwa kwezidingo emphakathini. Phakathi kokunye, sikwazile ukuqinisa ubudlelwane nezihlangano ezibhekele ezemidlalo amaSport Federations, nengqala sizinda yezemidlalo siyibeke eqhulwini, okubalwa kuyo ukuqedela ukwakhiwa kabusha kwenkundla yemidlalo enhlobonhlobo efaka nesikhungo sokuqeqesha amakhono KwaMsane, iKwaMsane Sports Complex and High Performance Centre. Kulo nyaka wezimali siyazisabalalisa lezi zikhungo kwezinye izifunda, njengoba zakhiwa eNewcastle, eMhlathuze, eMzimkhulu nase-Alfred Duma. Sethule nohlelo lokuqinisekisa ukuthi ezemidlalo ziyenzeka emazingeni aphansi- (Ward based Intervention programme), kanti ngokubambisana neKZN Sport Confederation siqalise uhlelo lokuqashwa komakadebona eminxeni yemidlalo ehlukahlukene okuyibo abazosiza ekuqeqesheni nase kunikeni ngolwazi kubadlali abasafufusa.
SM: Iziphi izinselelo ezisekhona kwezemidlalo ngokuhlukana kwazo kuyona yonke iNingizimu Afrika?
HM: Inselelo enkulu ebhekene nomkhakha wezemidlalo kanye nowezobuciko kube yisimo esibhekane naso ngenxa yokhuvethe. Lokhu kukhahlameze kakhulu abezemidlalo namaciko. Siyajabula ukubona ukuthi njengamanje izinto zibuyela esimweni kancane kancane. Enye inselelo enkulu yileyo yokuhamba kancane koguquko kwezemidlalo ethile kanti sizoqhubeka nokusebenzisana namaFederation ukuqinisa izinhlelo zokuthuthukisa ezemidlalo. Isiyabonakala imiphumela kumbhoxo, ikhilikithi kanye nezokushova amabhayisikili kanti sizosondela kakhulu kwabe zokubhukuda ukuze sivuselele izinhlelo zokufundisa ukubhukuda emalokishini nasezindaweni
SM: IRichards Bay FC ngeledlule inyukele kuDStv Premiership, njengoba ibe ngompetha beGladAfrica Championship ngabe kuthini ukuphawula kukaMphathiswa?
HM: Sizizwa sithobekile kakhulu ngokuzinikela okukhonjiswe abadlali beRichards Bay FC, ithimba labaqeqeshi kanye nabaphathi beqembu. Njengesifundazwe iKwaZulu-Natal siyajabula kakhulu ngokunyukela kwaleli qembu, lokho kusho ukuthi sesinamaqembu amahlanu esigabeni esiphezulu, lokho kusho ukuthuthuka kukanobhutshuzwayo esifundazweni. Sizoqhubeka nokuseka amaqembu ngokusingatha umqhudelwano obizwa ngeKZN Premier’s Cup. Ngicela ukunxusa abalandeli ukuthi baqhubeke nokuseka amaqembu ethu ukuze ezoqhubeka nokwenza kahle. Ukwanda kwamaqembu asesigabeni esigabeni esiphezulu kuzofukula umnotho wesifundazwe.
SM: IRoyal AM, okuqeda endaweni yesibili kulogi lokho kosho ukuthi iyodlala emqhudelwaneni weCaf Champions League. Ungaphawula uthini?
HM: Siyifisela inhlanhla enkulu iRoyal AM kanti sinethemba lokuthi izokwazi ukuqeda endaweni yesibili kuDStv Premiership ukuze ingene emidlalweni yase Africa. Siyayethemba ukuthi iyofike isimele kahle, njengoba sibonile kwenza AmaZulu, kanti siyethemba bayofike benze kangcono. Sibafisela inhlanhla kule midlalo esele.
SM: Ku-ABC Motsepe sineSummerfield Dynamos eyodlala amaplay off ezomela iKwaZulu-Natal, umyalezo ungathini?
HM: Sinethemba elikhulu lokuthi iqembu elizophumelela imidlalo yokuhlungela iNational First Division lizoba ela KwaZulu-Natali. Siyadinga ukwandisa amaqembu, esigabeni esikhokhelwayo.
SM: Siyabonga ngesikhathi sakho.
HM: Kubonga mina.