Now Reading
Okwase-Afrika akunganciki kokwezizwe akuzimele qekeleleOkwase-Afrika akunganciki kokwezizwe akuzimele qekelele
Dark Light

Okwase-Afrika akunganciki kokwezizwe akuzimele qekeleleOkwase-Afrika akunganciki kokwezizwe akuzimele qekelele

Akube okwansuku zonke ukuzigqaja nokuqhakambisa ngefamlando lase-Afrika emhlabeni wonke. Sibe nentshisekelo yokwakha ifagugu elihle nelinenhlanzeko umuntu ngamunye, omdala nomncane, elibonakalayo esadla anhlamvana nelizosala emva kwethu.

Uma sifisa ukuzazi ukuthi singaboHlanga abangobani, bakwabani, akungabi nje umhla zingama-25 kuNhlaba usuku lwenkululeko yase-Afrika.

Esikwenzayo ukufunda imibhalo, sibhale, sibuze imibuzo enendelelo, enokubukela phansi nokushaya indiva okwase-Afrika nenhlanzeko yakhona. Sibukise nangokushiswa kwempepho, ngemimoya, nga-mathongo, ngabadala nabaphansi okungokwase-Afrika nokunye. Eku-beni sibhajwe emimoyeni yase-Europe namanye amazwe.

Asizami nakancane ukufukula ulwazi ngokwaboHlanga base-Afrika. Uma silaphaya emisakazweni, komathelevishini, ezinkundleni zokuxhumana nezokubhala ezehlukene, komaselulafoni, emakhaya nasezindlini, ezindaweni zokudumisa uMdali.

Sicaphuna emibhalweni eseBhayibhelini elafika nabelungu bezimishini zase-Europe, zase-United States of America nakwamanye amazwe, uku-zosididisa ngalo. Sididisane ngalo nangemibhalo eyehlukene. Eyayiz-ibopho nezimfihlo zababeyibhalile, zemindeni eyazisungulela izinto ezinhle nezimbi ezehlukene zalandelwa ngabantu.

Sisengcupheni enkulu yokungazigqaji nokuziqhakambisa nge-Afrika,ngobu-Afrika, ikakhulukazi ulimi lwebele lwasemakhaya,into elula kangaka.

Sisehlulwa ukuba nomuzwa wokuzama ukutolika nokuhumusha igama elilodwa noma amagama esingisi ngolimi lwebele lwasekhaya.

Kunamazwe ase-Afrika  abanosopolitiki abaqinisekisisa emva kwenku-luleko ukuba nolimi oluxhumanisa aboHlanga hhayi olwase-Europe. Phezu kwezilimi ezehlukene abazikhulumayo. Ngesishozi esikhulu asi-nalo eNingizimu Afrika esingazigqaja nesingaziqhakambisa ngalo.

Kuphela ubusela, ukugxekana, ukunakashela izikhundla ekuphatheni nokuba ngomengameli bezwe nepolitiki yamaqembu aboHlanga.

AbaseKenya, abaseTanzania, abase-Uganda baqoka ukuxhumana ngolimi iKiSwahili. Kamuva iRwanda seyisezinhlelweni zokwenza iKiSwahili ulimi olusemthethweni lokuxhumana. Kanti eMalawi baxhumana ngolimi iSiChichewa.

Mzukwana saqhakambisa le nyanga uNhlaba ngokujobelela okwase-Afrika kokwase-Europe. Bayokhungatheka abelungu.bayeke ukusixova, nathi siyoyeka ukusetshenziswa ngabelungu isinyelela.

Sebebona ukuthi aboHlanga sebeyakwemukela ukuthi abasendulelayo, babengadidekile ngoMdali ngokwezilimi zabo zebele, ngamathongo, ngabadala nabaphansi, ngesintu nangamasiko, nangentuthuko yase-Afrika bengakafiki abelungu neBhayibheli.

Ngenkathi umXhosa ethi uQamatha hhayi uThixo ngokweBhayibheli. UmZulu ethi uMvelingqangi hhayi uNkulunkulu ngokweBhayibheli. UmSuthu ethi uRamasedi hhayi uModimo ngokweBhayibheli. AbaVhen-da bethi uRhaluvimba hhayi uMudzimu ngokweBhayibheli.

Ubaba uPhiri waseMalawi, kwa-G Kwamashu ngasezitolo kwaMhlongo, wathi ngesiNyanja uMdali babethi uMulungu hhayi uMungu ngokweBhayibheli.

AboHlanga babengazenyezi ngezinsika zikaMdali, ngemimoya ya-mathongo,yabadala nabaphansi,ngezilimi zebele ezindlini nasemakha-ya,kwezemfundo, kwezenkolo, kwezokwelapha, kwezokuvikela nomthetho, kwezokulima,kwezesintu, kwezemisebenzi, nentuthuko ezazingokwemiqondonto yabo e-Afrika.

Abamhlophe bazigudluza lezizinsika zethu singaboHlanga ezaziyimimoyamqondo yokhokho. Bazosifundisa imfundo, sazifundisa nathi, ukuphila ngempucuzeko nangezimomoyamqondo ezehlukene zasemazweni abo.  

Yinhle impela imfundo, kodwa kusagqama ukuthi sisaphicaphicana ngemfundo,ngemali nenkolo yobuKhrestu ikakhulukazi yaseNtshona-langa,ngokwezimishini,ngokwase-Europe,kokwase-United States of America nakwamanye amazwe.

Abakhwekazi bheka! Sisehluleka asikakajobeleli, asikakangakangezi, ngobuningi okwase-Afrika.asikakabi nezinhlelo zemfundo nemali,zolimi lwebele, zenkolo yobuKhrestu, zesintu nezentuthuko ezovuna ngokwe-balazwe i-Afrika kuqala, kube ima okwase-Europe futhi siphucuzekile ngokwalamazwe.  

Uma siphucuzekile,sizibuze ukuthi mingaki imizi,amakhaya okunama-toilet angamzukwana nasagcinwe emhlophe ngokwalamazwe.Bangaki kithina ababhekayo bese beyasula noma beyahlikihla ngama-brush uma sebeqede ukunya.

See Also

Kwakukhona izinyanga ezazimba imithi zihlanganise namakhambi azo-khendlwa, kulashwe ngokwehlukene. Manje sekunaPharmacist noma amaPharmacy okuthengwa imithi yokwelapha neyehlukene.

Kwakunabayizanusi, abayizinhlanya, abayizangoma, abahlolayo naba-bhulayo besebenzisa ingqondo yamathongo, yabadala nabaphansi ngokwase-Afrika.Lokhu esekubizwa ngePsychologist, okuyiwa kuyodin-gidwa okwehlukene okuhambisana nengqondo.Yenza njengazo izangoma, njengabo abahlolayo.

Ngabuza umngani wami oyiPsychologist ngokwase-Europe, okungowoHlanga, ukuthi sengacubungula kanzulu ngathola ukuthi wayehlola ngokwase-Afrika, engaziboni ukuthi wayenza njalo.

Abanye bayayebaphike uma uzibonele ukuthi lona uphika ulibofizo lwakubo oseluvumbuka ngokwemfundo yase-Europe.

Ngamcacisela ngokujulile. Wavuma ukuthi kwenye inkathi wayecabanga ukuthi wayesenza ngokwemfundo yase-Europe nakwamanye amazwe.

Njengokuthi kufanele ngabe siyajobelela okwase-Afrika ezinhlelweni ezintsha ezisetshenziswayo, ekwenzeni izinto emhlabeni okungubucwepheshe okuthiwa yi-Fourth Industrial Revolution manje.

Kafushane uma ngiqoqela ndawonye, ukuthi ongoti basibalulela nge-First Industrial Revolution, ukuthi yayigxile ekusebenziseni amanzi ekwenzeni izinto ezehlukene emhlabeni.

Kanti abamhlophe, okwakungamaKoloni, okwakungabeziMishini zenkolo yobuKhrestu nokunye, abase-Europe, abase-United States of America nabakwamanye amazwe, beza e-Afrika nakwamanye amazwe babehamba olwandle, ngemikhumbi eyayithembele emoyeni futhi eyayinoseyili phezulu.

Sekunemikhumbi ehanjiswa ngezinjini namabhanoyi anhlabonhlobo njengoba kusenjalo kule nkathi yamanje.

Scroll To Top