Now Reading
Zijika nelanga izihlabani zabadlali
Dark Light

Zijika nelanga izihlabani zabadlali

Zijika nelanga izilomo zabadlali ezisathungatha amakhaya amasha. Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela ibheka izihlabani zabadlali abaseqophelweni eliphezulu kodwa ezibheka amakhaya amasha. Njengoba isizini iphela zizohlalela ethembeni lokubuyela ensimini ngesizini ezayo.

USphiwe “Shabba” Tshabalala

UMshengu usamile ekutheni akakawuthathi umhlalaphansi. Njengamanje uyinxusa lakwaNedbank. Ugcine ukubonakala ensimini ngesizini edlule edlubhe imifaniswano ya-Amazulu. Inkontileka yakhe ayizange ivuselelwe. Ngemuva kwalokho igoda ligqabukile phakathi kwakhe noSuthu. 

UShabba uyohlezi ekhunjulwa ngegoli lakhe lodumo alishaya iBafana Bafana ibhekene neMexico eFNB Stadium emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba yokuqala eyabanjelwa e-Afrika ngowezi-2010. Leli nxele lizakhele igama kuKaizer Chiefs anqobe nayo zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika. KuMakhosi unqobe izicoco ezimbili zeligi, ezintathu zeTelkom Knockout, ezimbili zeMTN8 neseNedbank Cup. 

Kwelesizwe udlale imidlalo engu-90 wase edlala kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu okubalwa kuyona iNdebe yoMhlaba, Africa Cup of Nations (Afcon) neFifa Confederation Cup. NgoMandulo uzobe ehlanganisa iminyaka engu-38. Ngabe uShabba usazovuka ngeqembu elisha? Izinyanga ezimbili ezizayo zizosicacisela.

UHlompo Kekana

UKekana ozakhele udumo ngokudonsa izimbumbulu zamashodi ebezishiya onozinti benkemile naye ujika nelanga ekhaya. Phakathi nesizini ufinyelele esivumelwaneni sokunqamula inkontileka yakhe namaBrazilians. Uke wakhonjwa eqenjini langakubo iBaroka FC kodwa wagcina engasayinanga. UKekana unqobe zonke izicoco ezimqoka ebholeni. 

Ngowezi-2016 nguyena owayegqoke ibhande likakaputeni ngesikhathi iMamelodi Sundowns iqopha umlando idla ubhedu kuCaf Champions League. Uphinde wanqoba nezicoco ezine zeligi neSundowns. Phezu kwalokho unezinye ezimbili zeNedbank Cup, iMTN8 nezimbili zeTelkom Knockout. Emasontweni amabili azayo uzobe ehlanganisa iminyaka engama-37 ubudala. UKekana usamile ekutheni usafuna ukudlala. Ngabe uzophelelaphi ngesizini ezayo?

UTebogo Langerman

Muva nje usanda kuhlukana neSwallows kubangwa indaba yenkece. Izihlangothi zombili zivumelana ngokuthi kuhlukwane. ULangerman odlala ngakwesokunxele emuva uhlukane neSwallows phakathi nesizini. Lokhu kusho ukuthi angeke akwazi ukuthola ikhaya elisha kuze kuphele isizini. 

See Also

ULangerman unqobe zonke izicoco ezimqoka ngesikhathi sakhe kuSundowns. Nakuyena seziyasondela izinsuku zakhe zempesheni. Ngesonto eledlule ubehlanganisa iminyaka engama-36. Abathandi bebhola bayazibuza bayaziphedula ukuthi kazi uzophelelaphi. Konke kuzocaca kahle bese kuvulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

USiyanda Xulu

UMagazi usezicija noSuthu ukuze azigcine esesimeni esihle ngokozimba. Kulandela ukungaboni ngasolinye neHapoel Tel Aviv yakwa-Israel lesi sitobha sithathe isinqumo sokuhlukana naleli qembu. Ucele ukuziqeqesha noSuthu. Imenenja yakhe Paul Mitchell weSiyavuma Sports Agency uphansi phezulu uxoxisana namaqembu ahlukene asekhombise intshisekelo yokumsayinisa. Akungatshazwa ukuthi noSuthu lungathanda ukumgcina ekhaya lo mdlali odabuka KwaMashu. Usedlalele amaqembu amakhulu afana noMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. Useke wazama inhlanhla neBarcelona yaseSpain ne-Arsenal yase-England. Udlalile naseRussia kwelinye lamaqembu akhona iFC Rostov.

UThabo Rakhale

UJomo akanalo iqembu kusukela ahlukana neSekhukhune ngoMasingana. Kuze kube yimanje alikho iqembu anesivumelwano nalo. URakhale uzakhele igama ku-Orlando Pirates ngebhola lakhe elihehayo elihambisana nemijiko eya phambili. Phambilini uke wadlala kuPolokwane City neChippa United. KweZimnyama uke wafinyelela kowamanqamu weCaf Confederation Cup ngowezi-2015. Kuyethusa ukuthi umdlali onekhono njengaye ujika nelanga kodwa mhlawumbe ngesizini ezayo uzolithola ikhaya elisha.

Scroll To Top