Uzimisele ukulungela iComrades ngeHarry Gwala Marathon uMakhosazana



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMakhosazana Mhlongo uzimisele ngokwenza isikhathi esingaphansi kwamahora amathathu, emqhudelwaneni ozokuba ngeSonto iHarry Gwala Marathon.
Kulindeleke ukuthi izinga libe phezulu kakhulu kwazise lo mqhudelwano owasungulwa ngonyaka wezi-2015 awubanga khona nyakenye ngenxa yokhuvethe, lokhu kusho ukuthi kuzophela iminyaka eyisithupha ukhona.
Ekhuluma nelaboHlanga uMakhosazana uthe: “Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu, akukho okungiphazamisile. Ngizimisele ukuqeda ngaphansi kwamahora amathathu, lokho kobe kusho kukhulu kumina. Ngizimisele ukugijima ngokuzimisela kulo mqhudelwano” usho kanje.
Le ntokazi edabuka eHammarsdale negijima ngaphansi kweHollywoodbets Athletic Club, iza kulo mqhudelwano isike yanqoba iS.A Half Marathon ngesikhathi esiwu-1:19:05. Nonyaka igijime imiqhudelwano emikhulu emithathu lapho kubalwa iCapital City Marathon 21km kwaba yiyo eshaya kuqala intambo ngesikhathi esiwu-1:25. Kwaba iNedbank Runfied 50km yaphuma kweyesi-9 ngesikhathi esiwu-3:38, kwaba iBest of the Best 21km khona yaphuma endaweni yesine ngesiwu-1:22.
“Ngicabanga ukuthi emva kwalo mqhudelwano ngizobe sengiphumula, kwazise lapho ngizobe sengibheke emqhudelwaneni omkhulu iComrades Marathon ezokuba ngoNcwaba. Kuzobe kungokokuqala ngiyigijima, ngeke ngasho ukuthi ngifuna ukuzibona ngiqeda kuyiphi indawo kodwa inhloso enkulu ngizobe ngiyofunda kabanzi ngayo. Ukufunda kwami kuzokwenza ukuthi eminyakeni ezayo sengizibekela ukuthi ngifuna ukuqeda mhlambe kwabali-10 abaphambili, asazi okwamanje angifuni ukuzifakela ingcindezi,” kusho uMakhosazana.
Okuyikho okuzokwenza lo mqhudelwano ube sezingeni ukuthi ozoqeda ebangeni lika-42,2km ngesikhathi esingaphansi kwamahora amane nemizuzu engama-50 uzoba sethubeni lokugijima emqhudelwaneni waminyaka iComrades Marathon ezokuba mhla zingama-28 kuNcwaba.
Kubasubathi abaphuma kulesi sifunda kubalwa uWillie Mtolo owanqoba iNew York Marathon ngonyaka we-1993, waphuma endaweni yesibili kabili koweComrades Marathon. Abanye uBongumusa Mthembu osebe ngumphetha weComrades Marathon kathathu, wanqoba ne-56km Two Oceans Marathon, uThobani Chagwe ongumpetha weMandela Marathon neHarry Gwala Marathon kube uJanet Mbhele yena ongumpetha weHarry Gwala Marathon 10km ne-21km Best of the Best.
Ozonqoba ebangeni lika-42,2km uzogoduka nezinkulungwane ezingama-R50, kwelika-21,1km ahambe nezili-R10, kwelika-10km ahlomule ezi-R5.
Kulindele ukuthi kube nabasubathi abayizi-2 000 abazosubatha kulo mqhudelwano. Ngokusho kukaThemba Gumede weGenius Athletic Club okuyiyo ehlela lo mqudelwano uthe kunabasubathi abali-19 abaqhamuka eLesotho, abathathu abavela eZimbabwe, abane abavela eKenya kube oyedwa odabuka eCongo. Angama-90 amakilabhu azokuba yingxenye yalo mqhudelwano.
“Silindele ukuthi umbango ube mukhulu kakhulu ngoba baningi abasubathi abafisa ukuzibekela indawo yokugijima iComrades Marathon. Ngiyazi ukuthi ngokujwayelekile onqoba lo mqudelwano ugoduka nonyanyavu lwemoto, kodwa kulo nyaka ngeke kube njalo ozonqoba uzogoduka nenkece. Kodwa lokho akusho ukuthi kuzokwehliswa ksasa lalo mqhudelwano” usho kanje.