Noma siyakhuluma kube yinjeje enqobe eKenya



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
INingizimu Afrika ayenzanga neze kahle kuma-Olympics akade eseToyko, ngalokho ibikade ibhekiwe ukuthi yenze kahle kumqhudelwano obizwa ngeWorld Athletics Under 20 Championships. Lo mqhudelwano ububanjelwe eNairobi, eKenya.
Nebala abasubathi bakuleli bakwazile ukuthoba izinhliziyo zabakuleli benqoba izindondo kulo mqhudelwano osongwe ngeledlule. Ngemuva kwehlazo lezindondo kuma-Olympic Games, abasubathi abasebancane bakuleli babuyise ithemba belala isithupha ngezindondo eziyisishiyagalolunye. Zibe ntathu ezegolide, zaba mbili ezesiliva bese ezethusi zaba zine.
Indawo yokuqala ithathwe osokhaya iKenya ngezindondo ezili-16. IFinland iphume isibili ngezinhlanu kwathi iNigeria yasonga kweyesithathu ngeziyisikhombisa.
Nakuba bekhona nabanye abakuleli abaphule amarekhodi kodwa undabamlonyeni kube yiqembu lika-4x100m relay eliphule irekhodi lo mhlaba ku-Under 20 ngesikhathi esiwu-38.51. UMihlali Xhotyeni, Sinesipho Dambile, Letlhogonolo Molenyane noBenjamin Richardson baphule eleqembu laseMelika lango-2019, kumaPan American Championships.
Laba subathi bahalaliselwe uMengameli wezwe uRamaphosa ngokwenza kahle kwabo.
“Ngiyalibongela iqembu leRelay ngokuthi libeke irekhodi elisha lomhlaba eKenya. Impumelelo enkulu entsheni yalapha eNingizimu Afrika iyibeka lapha ezwenikazi i-Africa. Bayadinga ukuthi bashayelwe elikhulu ihlombe ngabakwenzile. Isona sifiso sethu ukuthi intsha ikwazi ukunyusa ifulegi lakuleli kwamanye amazwe” usho kanje uRamaphosa.
UJames Moloi onguMengameli weAthletics South Africa (ASA), uthe ngemuva kwehlazo elenzeke kuma-Olympic, ubengazitsheli ukuthi maduze uzobe eseduduzekile.
” Lezi zingane zingigeze ubebebe. Maduze ngizohlela ukuhlangana noNgqongqoshe uNathi Mthethwa. Ngizocela uxhaso lokusungula uhlelo esizozifaka ngaphansi kwalo lezi zingane. Ithalente lalezi zingane kumele sileluse kusukela manje kuya eminyakeni eyisishiyagalombili ezayo. Ngifuna zimele elakuleli kuma-Olympic amabili kuya kwamathathu ezayo. Okungichaza kakhulu ukuthi eqenjini lethu omdala ubeneminyaka eli-19. Abanye baneminyaka eli-16, 17 neli-18. Sizophinde sizame ukucela uxhaso nakosomabhizinisi abazimele. Kumele silivikele leli golide. Ngizophinde ngihlangane noMengameli bezifunda ze-ASA.Ngeke ngibe nomusa nakancane ekuthuthukiseni ezokusubatha emazingeni aphansi. Sizohamba size siyoshaya kwaMhlabuyalingana. I-ASA izoqasha imeneja yokuthuthukiswa kwalo mdlalo, nezifunda ngifuna zinyuse amasokisi” kusho uMoloi
Lesi sikhulu sidalule ukuthi eKenya sijatshuliswe nawukuzalwa kwabanye o-Akani Simbine noWayde van Niekerk.
“Uma enganakile u-Akani, kwi-100m uzokhishwa uBenjami Richardson bese uWayde kwi-400m abhinciselwe nxanye uLythe Pillay. Laba bafana batshengisile ukuthi baya kude. EKenya bengibahambela ezindlini zabo ehhotela abasubathi ngibatshela ukuthi abanyuse amasokisi, kukhona esisazobavundulula nabo abazofuna ukuqhakaza. Ngithokoziswe nawukubona sinqoba izindondo nasemidlalweni efana nepole vault, shot put, discuss throw nakwijavelin. Lezi zinhlobo zemidlalo besingenazo kuma-Olympic”usho kanje.