Usizi lwaboHlanga: Ziphelile izimoto yimigodi yomgwaqo ngenxa nenkombankombane
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Msweli.jpg?fit=80%2C80&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2022/05/y-18.jpg?fit=1575%2C1067&ssl=1)
Ngokujwayelekile kuba yizimoto ezingekho emthethweni kodwa indlela isimo semigwaqoesiyiso sekuyiyona engekho emthethweni
Sisempini yale migodi egcwele emigwaqeni, amaPothole, ekubeni umgwaqo siwukhokhela. Umthetho womgwaqo uthi imoto esemgwaqeni ayibe semgwaqeni ngokusemthethweni, uma imoto ingekho emgwaqeni amaphoyisa anegunya lokuyikhipha emgwaqeni. Inkinga ukuthi manje sekuwumgwaqo ongekho emthethweni.
Uma kuthiwa izinsinzwa zingenhla abafana bangezansi, kusuke kushiwo into enje. Imigodi manje ingenhla uHulumeni ungezansi, angeke esayilawula ngempela le eyemigodi ngisho umdidiyeli wayo angeke esakwazi ukuyibamba, iphumile ngempela esandleni. Uma uthi uyabheka imigwaqo yakithi yonke inemigodi.
Ezinye zezinto ezenza ukuthi lemigodi ingavalwa ukuthi kunale mibango eba khona yokuthi umgwaqo okabani. Kugcine ngokuthi umgwaqo ungalungiswa ngoba wonke umuntu uyaphika ukuthi kufanele kube uyena olungisa umgwaqo. Leyo mibango, uthola ukuthi kukhona umgwaqo kaSanral, kukhona umgwaqo woMnyango Wezokuthutha (DoT), kukhona umgwaqo owesifunda kukhona okamasipala.
Enye into eyenza ukuthi imigwaqo ibe nemigodi kanje ukuqashana ngobubhululu, lapho kuqashwe khona umuntu eqashwe ngumzala kasibanibani kodwa amaphepha awekho amgunyaza ukwenza lowo msebenzi.
Okunye okubulala umsebenzi indlela abantu abakhula ngakhona emsebenzini, kuvele isikhundla sinikwe umuntu ongazi lutho ngoba ungumngani kasibanibani, noma ngoba wazana nosibanibani. Bese umuntu owaziyo ulapha ngemuva avele azithulele athi sizoke sibone.
Yilapho ingena khona kahle inkulumo kaSolwazi uLubumba ethi, ‘abangenangqondo bahleli ezihlalweni abanenqondo balapha emuva’. Enye into edala imigodi yilo mkhuba wokushisa umgwaqo uma abantu befuna ukuzwakalisa izikhalo zabo. Nesimo sezulu siyimbangela yale migodi esiyibona igcwele izwe lonke.
Kunzima khona ngoba enye into uthi uyabheka thina boHlanga asikhali njalo, lokho okwenza ukuthi labantu abavilapha ukusebenza bazosebenza ngokuzikhandla ezindaweni zabamhlophe kuphela, kodwa ezindaweni zethu baqhubeke nokuvilapha. Enye into eyenzakalayo, ngazuthi namalungelo ethu asiwazi yize iningi lethu manje seliyile esikoleni selikhanyiselekile. Uma selimshayile iPothole umuntu uye engacaciseleki ukuthi uzonxephezelwa ubani, lolu lwazi abantu abanalo
Le nto yemigwaqo emagqebhugqebhu iyingozi. Uma imoto yakho iqhume isondo kwalimala irimu, lapho nje imoto isingena ephaketheni. Okwesibili, ungalahlekelwa impilo yakho ngoba kungadaleka ingozi. Okwesithathu, ungalahlekelwa impilo yakho ngoba lapho ushawe khona yisondo bengakubamba inkunzi, uma uwumuntu wesifazane bangagcina bekudlwengulile. Okwesine, ungalahlekelwa impilo yakho ngoba imoto uma ishawa yisondo, ayivamisile ukuba sendaweni ephephile; kungaba ukuthi indawo eyijika, kungaba ukuthi indawo enobugebengu vele.
Kungenzeka ulahlekelwe impilo yakho ngesikhathi usushintsha isondo, kufike imoto ikushayise usashintsha isondo. Sebephelile abantu yilezi zingozi ezinjalo zokushintshwa kwamasondo.