Akulula ukumziba ezindaweni azilingisayo emidlalweni uThuli


Abaningi baqale ukumbona emdlalweni owuchungechunge wethelevishini, iSibaya kodwa iqiniso lithi uThuli Thabethe ungumakadebona womlingisi osebonakale emidlalweni eminingi evutshelwe kuleli.
Ukuvalwa kwesibaya akuzange kuligqibe ithalente nekhono lakhe ekulingiseni ngoba kuthe engazelele wanikwa enye indawo emqoka emdlalweni oshisa izikhotha kulezi zinsuku kuthelevishini iLingashoni lapho ebedlala khona indawo kaPuleng Cele. NgoNdasa abadidiyeli balo mdlalo bathatha isinqumo sokumshintsha ngomunye umlingisi uThuli kulo mdlalo. Wazalwa zi-5 kuMbasa we-1985.
Uthando lwakhe kwezokulingisa lwagqama ngesikhathi ethatha isinqumo sokwenza izifundo zeSpeech and Drama eNational School for the Art eGoli. Kululezi sikhungo lapho ahlangana khona nabalingisi abaningi beshashalazi nethelevishini waphinde wacobelela kubo ulwazi. Emuva kokuphothula ukukuqeqeshwa wathola indawo njengomlingisi emdlalweni Isidingo lapho ayelingisa khona indawo kaMaria okwabe kungowesifazane ongaziphethe kahle. Indlela ayibamba ngayo kule ndawo kwenza abanye ababelandela lo mdlalo bagcina sebebumatanisa nokuthi kungenzeka ukuthi impilo ayijwayele lena ayilingisayo. Lokho kuphawula kwabantu kwamvulela amathuba amaningi kuthelevishini.
Ngawo lowo nyaka wazithola eselingisa indawo yephoyisa uDetective Maseko emdlalweni owawuthandwa kakhulu iMtunzini.com, ngaso isikhathi esifanayo elingisa emdlalweni iHard Copy owabe ukhuluma kakhulu ngempilo yabacosheli bezindaba. Kulo mdlalo wayelingisa indawo yomcosheli osemncane wezindaba owayenguzulazaythole engalali.
Udumo lwakhe lukhule kakhulu ngonyaka wezi-2023 ngesikhathi eqokwa ukuba ethule uhlelo lwemishado olunabalandeli abaningi kuMzansi Magic i-Our Perfect Wedding. Akahlalanga isikhathi eside kulolu hlelo kwaba isizini eyodwa nje vo ekhala ngokuthi ludla kakhulu isikhathi sakhe, njengoba ngesikhathi elethula wayephinde aqhube izifundo zakhe ngasese.
Ekushiyeni kwakhe lolu hlelo indawo yakhe yathathwa uBrenda Ngxoli okwaphoqwa ukuthi ahoxiswe emuva kwesikhashana ngenxa yokwehluleka ukuvala isikhala esashiywa uThuli. Uke wahlala unyaka nengxenye engabonakali kuthelevishini ephothula izifundo zakhe, waze wavumbuka ngonyaka wezi-2015 emdlalweni wamahlaya iThe Mayor lapho ayedlala khona indawo yomkhulumeli wemeya uMercia Sithole.
Akalona ivukana kwezokulingisa ngoba phakathi kweminye yemidlalo asebonakale kuyo kukhona i-Ashes to Ashes ngowezi-2015 kuya kowezi-2016, iCity Se’la. iNkaba elingisa indawo kaNomsa, iZone 14 isizini yesithathu neyesine enguPinky Khumba. Umdlalo iSibaya umthathe wambeka kwelinye izinga, futhi yiwo ahlale kakhulu kuwo kusuka ngesizini yesine kuya kweyesishiyagalombili, elingisa indawo kaBeauty.