Now Reading
Umangazile enza okungajwayelekile eFrance uMacron ozophatha isibili
Dark Light

Umangazile enza okungajwayelekile eFrance uMacron ozophatha isibili

Ezweni lapho omengameli bengavamisile ukuthi baphinde baqokwe kabusha, uMacron uzuze amavoti angama-58.5% emzuliswaneni wesibili ebhekene noMarine Le Pen naphezu kokuphikiswa okuqinile kwezinqubomgomo zakhe zebhizinisi kanye nesiphakamiso sokunyusa iminyaka yokuthatha umhlalaphansi. Enkulumweni emfushane, ukhulume ngesidingo sokusungula izinto ezintsha ngesikhathi sezinselelo ezingakaze zibonwe emhlabeni naseFrance, wathi ihlandla lakhe lesibili lizoba “lisha” hhayi nje ukuqhubeka nelokuqala. Wagqamisa usongo olubangelwa ukuhlasela kweRussia e-Ukraine, kanye nokukhathazeka ngemvelo emhlabeni jikelele.

Scroll To Top