Now Reading
Uyilokhu oyikho ngenxa yemvelo, yiphathe kahle
Dark Light

Uyilokhu oyikho ngenxa yemvelo, yiphathe kahle


Ukuhlonipha imvelo kusho ukuzihlonipha thina ngoba siphila ngayo siyidinga ihlanzekile ukuze siphile kahle


Ngiyabingelela kinina nonke ekhaya, esikoleni nakulabo abafunda elaboHlanga kusizindalwebu. Ngithokoza kakhulu kulabo abaqhubekayo nokuxhumana nathi ngezindatshana esisuke sizishicilele kula makhasi ezingane. Kulabo abangakaxhumani nathi siyabamema ukuthi benze njalo.  Kulezi nyanga sindawonye kuningi esesifundisene khona ngathi njengabeNguni naboHlanga. Khumbula ulwazi oluhle, olufundisayo nolwakhayo kalugodlwa, kepha kwabelwana ngalo.  Okunye khumbula ukuthi ngaphandle kwezindatshana ezilapha, inhloso yethu wukuba sifundisane ngolimi. Nawe siyakugqugquzela ukuthi usebenzise la makhasi Ezingane zelaboHlanga, ekuthuthukiseni ulimi .

Namuhla ngifisa sikhulume hhayi nje kuphela ngemvelo kepha nangokuxhumana kwayo nathi. Yebo thina sonke esibizwa ngabantu siyimvelo futhi sixhumene nenye imvelo eyizilwane, amanzi, umkhathi, izintaba nokunye.  Ucwaningo olujulile oluhlanganisa izinkolo namasiko abantu luyakufakaza ukuthi thina bantu siyingxenye yomndeni omkhulu wemvelo. Siphuma kuyo imvelo futhi sigcina kuyo ekugcineni. Abantu abadala babeze bathi ‘imvelo ingubaba nobaba’ bechaza khona ukuthi kasilutho ngaphandle kwayo njengoba nathi siyiyo.

Kuleli sonto ukuze uqonde kabanzi ngalokhu kuzomele ufunde noma ubuze phakathi kokunye ngomkhathi okufaka izinkanyezi, ulwandle nezilwane ezingaphansi kulo, izilwane zasendle nalezo ezifuywa ekhaya noma izitshalo okuyizihlahla nokuhambisana nazo.  Lolu lwazi noma yiluphi olukhethayo lizokwenza lokhu esizama ukukuchaza lapha kube lula. Ungakhohlwa nokucela uthisha ukuthi akulekelele ukuthola amabhuku akhuluma ngalokhu esikoleni kanti nawe ungaya nasemtapweni wolwazi wangakini. 

Uma nje ngingaqala ngenze ukuxhumana kwethu siyimvelo ake ngenze isibonelo ngomkhathi lapho sithola khona lonke uhlobo lwenkanyezi kusuka kwindonsa, intshola nezinye. Khona emkhathini kukhona imihlaba eyahlukene njengobizwa ngeMercury, iVenus, i-Earth, iMars, iJupiter, iSaturn, i-Uranus neNeptune.  Kuthi khona futhi emkhathini sithole ilanga elisikhanyisela emini nenyanga esikhanyisela ebusuku. Cabanga ukube ilanga alikho emini nenyanga ingekho ebusuku, ngabe kukhona yini ukuphila? Ubukhona benyanga nelanga kuhlumelelisa okuningi kithi. Kepha uke uzibuze yini ngokuxhumana isibonelo ilanga nolwandle noma amanzi?  Ukuze sithole imithonseyana yemvula kudinga sibe nelanga lona elizokha emanzini phansi, okuthi uma amafu esemumethe bese ededela lokhu esikubiza ngemvula.

Njengoba sonke sazi akukho okungaphila ngaphandle kwamanzi imvula lena ikhulisa izitshalo, izihlahla. Izilwane nabantu bonke ukuze baphile badinga amanzi. Ososayensi bathi imizimba yethu idinga amanzi angama-60% ukuze siphile. NgokukaH.H. Mitchell, kuJournal of Biological Chemistry 158, ubuchopho nenhliziyo bakhiwe ngokungamanzi okungama-73%, kuthi amaphaphu okungamanzi angama-83%. Isikhumba sona sinamanzi angama-64%, izinyama nezinso kube ngamanzi angama-79%, kanti futhi ngisho amathambo anamanzi anga-31%.

Enye imvelo esixhumene nayo yinhlabathi. Kuyo asigcini ngokuthola ukudla nje kuphela okuqhuma kuyo kepha ekugcineni iba yikhaya lethu ngoba silondolozwa kuyo imhlabathi lena. Okunye inhlabathi lena kukuyo lapho sithola khona izimbiwa ezifana negolide, idayimane nensimbi  okusinika umnotho ingqephu nokunye okuningi.

Uma sibuka imizimba yethu ikakhulukazi iso kuvela ukuxhumana okumangalisayo. Iso lomuntu lifana ncamashi nezinhlobo ezahlukene nezinkanyezi. Kanti nazo izinkanyenzi kwezinye izinkolo zibizwa ‘ngaMehlo Omdali’. Kunenkolelo nje yokuthi uma umuntu ebazwa kwathathelwa kuyo imvelo lena.

See Also

Lapha ke ezilwaneni kuningi okungavela njengobufakazi bokuxhunmana kwethu ikakhulukazi thina beNguni. Uthi ubuwazi ukuthi sonke ezibongweni zethu okungamagama abantu abathile abangasekho kukhona ukuxhumana nezilwane ezithile? AbakwaNdlovu, abakwaNgonyama, abakwaNyoni noMfene bakwazi kangcono.  Amanye aMakhosi nje akwaZulu abizwa ngazo izilwane lezi njengoba uma sithi iSILO, iMbube nabeNdlovu sisuke sikhuluma ngazo izilwane lezi.  Ukuqonda kabanzi ngokuxhumana kwethu nemvelo kwenza sibe ngabavikeli bayo njengoba nayo ingabahlinzekeli bethu kokuningi. Kusho ukuthi wanakekele amanzi, zinakekele izilwane unakekele nezihlahla ngoba zona nathi siyadingana.

Isicathulo lesi osithandayo, ideski leli ohleli kulo, ithelevishini nephephandaba leli olifundayo konke kuqhamuka ezintweni ezivela enhlabathini. Okuwukuthi uma imvelo ethile ingekho nathi kasikho. Okokugcina khumbula ugcine nini ukudla?  Uzibuzile ukuthi lokhu kudla okudlile kuvelaphi? Angingabazi ukuthi impendulo izothi konke kuvela enhlabathini. Ngamafuphi sinjenje sondliwa yimvelo.

Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top