Now Reading
Ukubonga: Othi ‘angibongi’ ubonga ngokwedlulele
Dark Light

Ukubonga: Othi ‘angibongi’ ubonga ngokwedlulele


Ukwaneliseka nenkuthazo kulethwa ukubonga nokubongwa kanjalo nokubongelwa


Ayikho into eyedlula ukubonga nokubongwa kumuntu. Angakwenzela nanoma yini uma usuke nje wambonga. Ukuba uyakwazisa, ubonakala ngokuba afune awekhethelo, azothi ukuwathinta aze ayothi lwanye, kuthi cosololo ngisho emhobholweni wenhliziyo.

Umuntu uthi azi kahle ukuthi noma angasebenzisa yiphi indlela yokuzwakalisa ukuthokoza okusenhliziyweni ngomenzele khona, kodwa konke kube kuya egameni elithi: “Ngiyabonga”. Omunye akagcini nje ngokuthi ngiyabonga. Uyayebone sengathi akenele, umuzwe esethi: “Ngiyabonga mama. Ngiyabonga mama omuhle”. Uma njalo engathanga: “Bengingabonwa ngubani ngingasabonwanga nguwe?” Kobongwayo makhulu lawo, ayayithola indawo ewafanele, adlule ongiwe njalo.

Omunye njalo ngakho ukuzwakalisa ukuthakasa kwakhe ungamuzwa esethi: “Isibongo baba”.

Uma njalo engakhwelanga wathi: “Isibongo sibonga okubongekayo”.

Akabonganga, umahlule lona ambongayo. Ngiyamthanda umuntu ezozwakalisa intabo yakhe eze ehluleke nokuthi uzothini, uzoqalaphi agcinephi. Umuzwa esethi: “Angibongi mntanakwethu”.

Uthi umbuzo: Nguyena bani, nguyena muphi obonge kakhulu ukwedlula omunye kulona othe: “Ngiyabonga,” nalona othi “Angibongi”? Yebo konke kuya ekubongeni kodwa sengathi u-”angibongi” uthi ukuphuma kancane ngempumulo ku-”ngiyabonga”. Uma umuntu ethi: “Angibongi,” sengathi lokhu kuqukethe ukuthi ngehluleka nokuthi ngingathini. Khona kukho lokhu kuthi “Angibongi” kukhona ukuthi bakhona abayongibongela; ngiyobongelwa ngabakithi; ngiyobongelwa ngabangabonwa. Umuntu osuke umahlule lona oze athi kokunye: “Ngibongiseni bakwethu!” “Ngibongeleni nina bakwethu!” lngoba ubona sengathi okwakhe ngeke kwaba nesisindo sabanye abaningi, noma ngeke kufike ezingeni lomenzele khona. Yikho esemema ofakazi nje.

Ukubonga kuyedlulana ngamazinga nangokwethaba, uthakasela okuhle lokho. Omunye ngendlela omahlula ngayo uvele ayivume athi: “Ungahlule. Awungiphanga ungahlule”. Ukusho lokhu ngoba ngempela ekhinindeka amalunga emihlathi, ulimi lugogwa ngumnqantulo ukuthi khona engathi uyaqala ukubonga, engaqalaphi. Kube sengathi umthele ngamahloni ngomenzele khona. Yikho nje omunye eze ethi: “Ngizoyithathaphi bantu ezinkulungwane? Ngitsheleni! Ngiyithathephi ezinkulungwane imilomo? Ngingathini nje ngowodwa, kwawona ongaqede kuba mlomo?” Akasabonganga, useyikhiphe yonke ingonyuluka yomongo wokubonga. Uma njalo engakhiphanga elithi: “Ngeswele ezinkulungwane yokubonga”. Lokhu kuqhamisa ukhalo lokuthi umuntu noma inini uyadinga ukuxhaswa kokukhulu ngaphezulu kwamandla akhe. Lokhu kungaba ukucabanga, ukukhuluma nokwenza.

Ukukhula nokwehlukana kokubonga kuyawelela nasezingeni lokukugcizelela ngenhlonipho nesizotha esimangalisayo. Kwenye inkathi ukuthi ulindele u”ngiyabonga; angibongi; ungahlule noma ngintula ezinkulungwane,” uzwe umuntu ehlela ngezansi ethi: “ngiyathokoza”. Lona akusiyena u”ngiyathokoza,” ngu”ngiyathokoza”. U”ngiyathokoza” naye unezinga lakhe lokubonga. U”ngiyathokoza” umbuka okhakhayini u”ngiyathokoza”. Ngakho lowo muntu ukubonga akukhininde nasozwaneni ngalokhu kwehla kwakhe abe mncane kakhulu, uma engalali phansi ngesisu bhu, ukhule wena. Ngamafuphi uthi kuwe: “Khula wena, nginciphe mina. Khula udlondlobale, ubengangoNdi noKhahlamba!” Uma engasho njalo, uthi: “Wena owakhula silibele!”

Ngakho u”ngiyathokoza” udle ngamandla ezimalunda nezimhlwehlwe. Usikelana amandla nezimhlandla iphakeme zekhethelo. Nampa o-”Ume njalo!” Umuntu ekuchoma uphaphe olumhlophe lokuthi uze uphathe isihlangu esimhlophe, ulokhu ubahlephulela nje abasekudingeni njengaye, ungagcini ngaye. Umuntu ekukhongela izibusiso kuMdali zokuthi ukhule njalo, ungakhokhobi, ube ulokhu umile nje uthe mpo. lsiyezi singaze sazipha amandla kuwe. Ungaze wazanyazanyiswa nayimimoya neziphepho zezivunguvungu kuze kube nini nanini. Umuntu uthi umbonga, yena akubonge ngezehla zokuma njalo, okungokukaSimakade ukuma njalo. Yena ethi ngezilokotho, sikisela usuyisimakade nawe kusukela manje. Anjalo-ke amagama ababongwayo ngemisebenzi yabo yobuhle, noma befa befela ebuhleni, bangabaphilayo ngoba imisebenzi yabo iyabalandela, ichume, idlondlobale. Ngakho noma beshabalalisiwe emehlweni ethu, bangabaphilayo ngemisebenzi yabo. Futhi-ke ababongwayo emhlabeni, bayabongwa nasemazulwini ngemisebenzi yabo.

See Also

Ngamafuphi lokhu kubonga kwalolu hlobo kuhambisana nezilokotho ezithi unwele olude. Kuhambisana nezilokotho ezithi nkonzwenhle. Ngokupha kwakho ngokuncane onakho ungagodli, usugidlabezwa ngesanga. Akasho umuntu ukuthi ngoba umuphe okuncane, naye kufanele akukhiphele intshontsho loqwanga lesiphanga. Uyazi ukuthi, “Kubongwa okuncane, kubongwe okukhulu”. Imihla kayifani. Kodwa phezu kwalokho, ngokuncane lokho, yena uthi nje mina ngikusikela emanonini, ngenhliziyo nje yakho echichima ukuphana. Ulingisa uNodumehlezi owaxoshisa ikhehla ngemiqeku nomxhopho ngoba nje ethe uma ecela ukuba limshiyele, alaqala ngokulandula, lavele lakhipha idosha, lachatheka. Ngentshengula nje, laxoshiswa, lakleza ezasebukhosini. Ephezisa njalo ukuncishana kubantu. Sengathi leli khehla liyalazi ivangeli lendaba yenkosikazi eyabusiswa ngoba inikele yabedlula bonke, inikele nje ngodanariya. lnkani yaba sekutheni inikele ngakho konke enakho, yavuzwa yabongwa ngezibusiso zezulu. UNodumehlezi wayelazi leli izwi? Pho ukuthathephi lokhu akwenzayo? Waphikisana nesikwaziyo ukuthi “umuntu akabongwa esaphila, ubongwa esefile?” Yena wambonga wamehlula edla anhlamvana?

Sekwaba yijwayezi nje lokhu ngenxa yokuthi umuntu unele nje engabongwa ngakwenzile, wobobophu! lwuchithile umuthi inkonyane. Useyokhukhumala, eqhoshe, aqholoshe alingise impigogo, angaphinde amazi umuntu. Yikho nje uthola iziboni, yileso naleso sifuna ithuba, lokusika elilengayo uma umuntu esethule ngoba kade zakugodla ukumbonga kwazo. Zazi ukuthi ukubonga ngokwezulu. Yikho nje sezizomfumbathisa umphako wendlela nomngenandlini phambili, lapho kubongwa khona njalo. Isisekelo sakhona sithi, “Sibusisiwe isandla esiphayo kunesemukelayo”. Ngakho usuke uzibusisa ngokwelula nje kwakho isandla, upha.

Ukubonga lokhu kuyinsila yethu ethi thina. Ngisho ingane ebuncaneni bayo iyathinteka uma inikwa into ebese ikhombisa ngandlela thile ukubonga. Uma iphiwa into, ikhangeze ngasandlasinye, awuyiniki leyo nto. Uyoyibona isiqala ngokushaya izandla, sahlombe qede izihlanganise isikhangeza. Ingani isibongile ngisho ingakakwazi ukukhuluma. lyokhula yazi ukuthi kuyabongwa uma umuntu ekwenzele okuhle. Ikhula yazi ukuthi kuhle ukubonga, ingani iyezwa lapha ekhaya kancane kancane, sekuqhuma: “UNdabezitha! Mageba! Sithuli sikaNdaba!” Akaqhumi agcine koyise nakubafowabo, nayo ingangoba ingako, isikikhiwe nje ngaso isithakazelo. Nayo isiyobakha ngezabo nobani nobani abayenzele okukhulu.

lngane-ke ibongwa nje ingakazi lutho ngisho iwusane. Iphathwe ukubongwa kwabo, ibongwe ekhayakonina. Ufakazi yimbeleko nansi imasondo. lyokhula-ke iqashelwe ukuziphatha kwayo, kuyoze kuthi uma isisezingeni elithile izihloniphile, uyise ebese eyibonga ngokuziphatha kwayo. Ingani nanku umemulo. Uyoyibonga njalo-ke uyise ngisho eseyikhehla, aze ayikhiphe engenanxa kepha akhale mhla kuphume yona. Nomfana ngokunjalo ukuphela nje. Nazi ezamabheka ezishaya uyise. Iqiniso ukuthi akamane azishayele impukeqe. Akagcini siko, kepha ziwuphawu lokubonga indodana yakhe ngokuningi eyikho, nezilokotho zokuningi okuzayo.

Ukubonga nje ekhaya ukubona kahle uma kufinywa ngendololwane. Izingane zomnumzane zithi ukuhlanganyela esithebeni sinye senyama zithi du, ziyozwakala sezithi: “Nkobe! Sompisi! Ndlela! Godide!”

  • Lombhalo ucashunwe ebhukwini likaSolwazi uKhumalo ‘Inyoni kayiphumuli (1996)
Scroll To Top