Now Reading
Seligawulile izembe: Ngabe sekuzoba umlando kwEzenkosi?
Dark Light

Seligawulile izembe: Ngabe sekuzoba umlando kwEzenkosi?

Ngingomunye wabasale bezibuza ukuthi ngabe sekuwukuphela kwalo yini iqembu laseSoweto iJomo Cosmos?

Lo mbuzo uvele ngeledlule ngesikhathi leli qembu kuvela ukuthi nakanjani ngesizini ezayo lizobe lingagijimi kuGladAfrica Championship njengoba ligencwe izembe nje. Lokhu kusho ukuthi isizogijima ku-ABC Motsepe League.

Amaqembu ahlale isikhathi eside ebholeni elikhokhelwayo bese edliwa izembe kukancane ukuthi abuye, amanye alowo maqembu iManning Rangers ne-African Wanderers.

IJomo Cosmos idliwa izembe nje ngonyaka ozayo izoqeda iminyaka engama-40 njengoba yasungulwa ngonyaka we-1983. Yathengwa inkakha eyazakhela igama ebholeni laseNingizimu Afrika u-Ephraim Matsilele Sono, owaziwa ngokuthi uJomo “Mjomana” Sono. Leli qembu lathengwa ngaphansi kwegama leHighlands Park.

ICosmos ingelinye lamaqembu abadlali abaningi abadumile abadlalile kulona, baphinde bamela namaqembu esizwe ngokuhlukana.

Abanye babo uSizwe Motaung, uMark Fish, uPhilemon Masinga noLinda Buthelezi lezi zingqwele zadlala indima enkulu ekutheni iBafana Bafana inqobe umqhudelwano we-African Cup of Nations (Afcon) ngonyaka we-1996 beqeqeshwa uClive Barker.

Eminyakeni elandelayo leli qembu ligijinyelwe abadlaki okubalwa uHelman Mkhelele, u-Andrew Raputla, uTico Tico Bucuane, uPitso “Jingles” Mosimane, uGodfrey Sapula, uLucky Mhlathe, uLovers Mohlala, u-Arthur “10111” Zwane, uMxolisi Macuphu noReneilwe Letsolonyane ukubala abambalwa.

Okugqamayo ukuthi iningi labadlali abadlale ngaphansi kukaSono ukuthi basakhona emehlweni abantu yize sebawabeka ethala amakhokho. Buka nje uZwane uyena obambe njengomqeqeshi kuKaizer Chiefs, uMosimane ungumqeqeshi we-Al Ahly, uMhlathe usebenza kwaSupersport , uMacuphu kuyimanje ungumdlali weRoyal AM egijima kuDStv Premeirship.

Yize kubuhlungu ukugawulwa izembe kweCosmos kodwa ngibona ezenze yena, vele lokhu kade kwakumjeqeza.

Noma kuthiwa wazi kangakanani empilweni kodwa uyabadinga abanye abantu, uJomo uzenzela yonke into akafuni ukulekelelwa. Okuhle ukuthi  ngisho abadlali abaseke bagijima kuleli qembu bayakubona lokho ukuthi “ungugombela kwesakhe”.

UMabalane benoMhlathe ngibonile bephawula kwelinye iphephandaba, besola yena uSono ukuthi uzigwaze ngowakhe.

Kufanele ingabe kade waqasha umuntu waba ngumqeqeshi yena abe ngumphathi weqembu nje kuphela. Angikholwa ukuthi nalaba ahlala nabo ebhentshini uyabalalela, ngibona ukuthi umbono wakhe kuhlezi kunguwo owokugcina.

See Also

USono fuze ingabe ufana noKaizer Motaung no-Irvin “Iron Duke” Khoza engazibandakanyi nokwenzeka ebhentshini leqembu.

ICosmos inamaphuzu angama-21 emva kwemidlalo engama-27, kule midlalo esele ngeke kuguquke lutho nje. Isakwaze ukunqoba imidlalo emithathu nje vo.

Eminyakeni yayo iCosmos kwelikhokhelwayo yanqoba iNational Soccer League (NSL) ngowe-1987, iBobsave Super Bowl ngowe-1990, iCoca Cola Cup ngowezi-2002 neSuper Eight ngowezi-2003.

Umbuzo wami usamile ukuthi, ngabe sekuyikuphela kwayo yini iJomo Cosmos?

Kuzo ezithinta iGladAfrica Championship ngifisela iqembu eliqhamuka esifundazweni sami iRichards Bay FC engathi inganyukela kwiDStv Premiership.

Scroll To Top