Now Reading
ISILO sithi imithetho ekhona ithena abazali
Dark Light

ISILO sithi imithetho ekhona ithena abazali

OMdala usola aboHlanga ngokhwakha imithetho ebasontayo negugula okungokwabo

USUKU obelukade lumenyezelwa selufike lwedlula kanti aludumazanga. Lolu bekuwusuku lokugubha impilo yeNgonyama uShaka kaSenzangakhona kanye nesizukulwane sakhe aMakhosi kanye nezizwe ezafaka isandla ekwakhiweni kukaZulu. Inkundla iMoses Mabhida yabe iyindawo yalo msebenzi omkhulukazi. Izinsizwa nezintokazi zivunule osukwini olwavulwa ngamaNazaretha enza kwamhlophe iTheku.

Emuva kwezinkulumo ebezendlalela uMntwana wakwaPhindangene owabe esephakamisa ISILO. Inkulumo yOngangezwe ibigxile kakhulu esakhiweni esingumndeni.  Omdala ukhale kakhulu ngalokho akubize ngemithetho ephuca abazali ilungelo lokuba ngabaholi bempilo yezingane zabo kanye nasemakhaya. Omdala uthe le mithetho ekhona kuleli yenziwa yibo aboHlanga kepha manje isibasonta intamo njengoba igugula lokho okuyisikompilo labo. Ube esenxusa abazali ukuthi kabasukume balwisane nalokhu: “Lapha eNingizimu Afrika ngithi sesifikile isikhathi sokuthi njengabazali nithathe indawo yenu njengoba kwakunjalo endulo. Sukumani ngoba ayikho ingane kaHulumeni noma ingane yezinkantolo kepha kukhona ingane yakho. Musani ukuvuma ukuthenwa ngoba ekugcineni lezi zingane ngezenu. UHulumeni akakwazi ukukhuluma aze aqede nezingane zenu ningekho nina.” kusho iNdlondlo.

Sibe sesisola uHulumneni odabeni lweKhomishani ebhekelele udaba lwemfundo yamahhala kwanqondonkulu. Lapha sisole ngokuthi kukhulunywa nje kuze kuyaqedwa kepha kalicaci iqhaza okumele libanjwe ngabazali nokufakazela khona belu ukuthi abazali bayaqhubulukushwa empilweni yezinngane zabo.

“Le mali okukhulunywa ngayo iphuma kini kanti futhi abanye benu bangabakhokhi bentela, ngakho inkulu ingozi yokuthi kuqalwe kuze kuyoqedwa ningekho nina njengobuholi emakhaya lapho lezi zingane zivela khona. Akukhathaleki ukuthi abanye benu kuthiwa kabafundile kepha yilungelo lenu ukuba nibe yingxenye yesixazululo uma izingane zenu zibhekene ngeziqu zamehlo neziphathimandla. Akukwazi ukuba namakhomishani ngezingane zenu ningeyona ingxenye yalokho, kanti ngezobani lezi zingane? Ngobani laba okulindeleke ukuba bakhokhe?  kubuza Ongangezintaba Zakhe .

Siqhube sathi: “Kubazali ngithi senithule kakhulu nanika uHulumeni amandla angenawo, nanika izikole amandla ezingenawo nanika ngisho izinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni kanye nezinkantolo amandla ezingenawo. Yini eninelungelo lokuba yizinkulisa, zokwakha abaholi nezakhamuzi ezihloniphayo kanjalo nezizihloniphayo. Bonke abanye ake bahlehle manje lesi siyisikhathi somholi ongumzali ukuba asukume.”

Nezingane azisalanga

Khona kule nkulumo Omdala ube esebhekisa ezinganeni: “Ngabe ngenza iphutha nxa ngingabhekisi inkulumo yami kuzo njengoyise. Lapha angikhulumi nje kuphela ngalezi ezisemanyuvesi kepha ngikhuluma nani nonke nani enisemakhaya.  NjengeNkosi yenu ngiyalwazi usizi enibhekene nalo. Abanye benu njengoba besezikhungweni zemfundo bavela emakhaya lapho kuyibo bodwa okulindeleke ukuba babe yisibani, okuyoqala ngabo ukuthi ikati lingalali eziko. Abanye benu bavela emindenini lapho ubuholi obungabazali bungekho ngenxa yezinkinga zempilo.

“Abanye benu zingane zami bahamba nje kuningi okubahlukumezile kusuka khona ekhaya nasezikoleni. Kini lapho madodana namadodakazi ami ahleli emakhaya ngoba imisebenzi ingekho ngiyabuqonda ubuhlungu bokulahlekelwa yithemba,” kusho iSILO obekubonakala ukukhathazeka kwaso.

See Also

Siqhube sathi kulolu daba: “Kepha sengikusho konke lokhu naphezu kwayinoma yiluphi usizi noma ingqinamba obhekene nayo qaphela ukuthi ungazilibali ukuthi ungubani. Khumbulani bantabami ukuthi kawuzalwanga wena uyisigebengu, awuzalwanga unolaka lolu oselukwenza kwenye inkathi ungakwazi ukuzilawula.  Ngiyazi ukuthi phakathi kwezinto eziyinkinga empilweni yakho ukungabibikho kwesisekelo esingumndeni yikho uziphethe ngamazinyo nje. Abanye benu basebancane kepha namuhla sebephenduke izinhloko zamakhaya angenabazali, kunzima bantabami ngiyazi.  Abanye benu ngenxa yosizi sebephelelwe ngamandla okuzilawula. Kunalokho sebelawulwa yizidakamizwa.

“Namuhla njengeNkosi yakho nomzali kuwe mntanami ngithi ngelekelele ekulungiseni isimo. Isiqalo salokho ukukwazi ukulalelana nokuhloniphana. Ngelekeleleni ngithunge lesi sizwe sikaPhunga noMageba ukuze eminyakeni engamakhulu amabili ezayo siqhubeke nokuba yisizwe esihloniphekileyo.  Ngivumeleni ngibuyise ukwethembana, ukwamukelana nokuhloniphana phakathi kwenu nabazali benu ngoba njengoba abazali bekudinga nawe uyabadinga. Ngeke bantabami nginishiye okhalweni, ngeke ngivume ukuba nibe yisizukulwane esidiniwe, esinolaka nesiphelelwe yithemba. Uma ngenza njalo ngiyobe ngifela ngamathe umsebenzi weLembe nokhokho benu endulo. Sondelani Zulu ngoba yini ikusasa lethu, yini eniyobe niwubufakazi bokuthi nembala sake sanyathela kulo mhlaba.”

Le nkulumo yeSILO ilandela leyo esayethula eMkhosini WoMhlanga nayilapho savula izandla kubaphathi bezikhungo zakwanqgondonkulu sabaqinisekisa ukuthi nxa befisa ukuba singenelele ukudambisa ulaka lwabafundi kanjalo nokubuyisa ukwethembana.

Scroll To Top