Now Reading
Akamkhohliwe uBroos yize engenaqembu uGxabhashe
Dark Light

Akamkhohliwe uBroos yize engenaqembu uGxabhashe

Sisathungatha ikhaya elisha isithenjwa seBafana Bafana, uSiyanda “Magazi” Xulu, ozilolonga na-AmaZulu ngenhloso yokuzigcina esesimeni esihle.

UXulu oyinsika yeBafana Bafana usanda kuhlukana neqembu lakhe iHopel Tel Aviv yakwa-Israel.

Uthathe isinqumo sokuthi baligqabule igoda naleli qembu. Njengamanje uzicija noSuthu.

Imeneja yakhe uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency utshele elaboHlanga ukuthi bamatasa bazama ukwenza isiqiniseko sokuthi uXulu azitholele ikhaya elisha. “Sesiziqalile izingxoxo namaqembu ahlukene. Akhona amaqembu asefake izicelo zokumsayinisa. Okwamanje asikathathi isinqumo sokuthi uzosayina kuliphi iqembu. Sisabhunga ngezinto eziningi. Phela uSiyanda akusesiyena ngumdlali omncane. Uma sibheka indaba yakhe kumele sicabange ukuthi usebheke ngasephesheneni ngokweminyaka yakhe. Iqembu asayina kulona kumele kube yiqembu elibeka into enconcisa amathe itafuleni ngoba uSiyanda useqalile ukulungiselela impilo ngemuva kwezinsuku zakhe zebhola. Ngakho asifuni ukuxhamazela. Sizimisele ngokuthatha isinqumo esifanele,” kubeka uMitchell.

UXulu uqale ukudlala ezingeni elikhokhelayo ngowezi-2009 kuMamelodi Sundowns. Ngesizini yakhe yokuqala waqokwa njengomdlali omncane ovelele. Uke wazama inhlanhla nezikhondlakhondla zamaqembu ahlonishwayo njengeBarcelona yaseSpain ne-Arsenal yase-England eminyakeni eyedlule.

Ngowezi-2012, uXulu usayine neqembu laseRussia, iFC Rostov. Kuleli qembu uhlale amasizini amathathu wabuyela kuPremier Soccer League (PSL). Ujoyine iKaizer Chiefs ngowezi-2015. Ngemuva kwamasizini amabili ujoyine iMaritzburg United. “Okwamanje azikho izingxoxo ezikhona phakathi koSuthu noSiyanda. Safaka isicelo sokuthi aziqeqeshe neqembu ngesikhathi kusekhona uBennie McCarthy. Wamvumela. Namanje usajima nalo kodwa azikho izingxoxo ezikhona phakathi kwethu,” kuchaza uMitchell.

UXulu uhlale amasizini amabili nengxenye kwa-Israel. “USiyanda ungowokuzalwa eThekwini. Ukuzicija noSuthu kumnika ithuba lokusondelana nomndeni wakhe,” kubeka uMitchell.

Kula masizini adlule, AmaZulu azakhele igama ngokusayina abadlali abanonhlonze njengoSphiwe Tshabalala, uTshepo Masilela noSiyabonga Nomvethe bonke abadume kwelesizwe. “Imithetho yeFifa ayimvumeli ukuthi angangena esivumelwaneni neqembu elithize okwamanje. Ku-AmaZulu ujima ngoba nakhu efuna ukuzigcina esesimeni. Akabhekile ukusayina,” kulandisa uMitchell.

NgoNhlangulana, iBafana izodlala imidlalo emibili yokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations azobanjelwa e-Ivory Coast ngowezi-2023.

Amaqembu azobamba iqhaza kweyokuhlunga aqhathwe eGoli ngeledlule. IBafana itomule iMorocco, iLiberia neZimbabwe. “Asikhathazekile ngekusasa lakhe kuBafana. Yebo, umqeqeshi umbizile emidlalweni eyedlule yeqembu lesizwe yize ubengenalo iqembu adlala kulona. Sonke simbonile ubesesimeni esihle. Lokho ngeke sikubalekele. Yingoba ubezilolonga noSuthu. Umehluko wukuthi akadlali. Konke kuncike kumqeqeshi ukuthi uzomfaka yini eqenjini noma cha.” kuphetha uMitchell.

See Also

UXulu usedlale imidlalo eli-14 kwelesizwe wabhakuzisa enethini igoli elilodwa. Kusukela uHugo Broos ongumqeqeshi omusha weBafana ethathe izintambo lo mdlali ozalwa KwaMashu akasasali kwelesizwe.

Akwaziwa noma uBroos uzophinde amfake yini uma sekuqala eyokuhlungela i-Afcon. IBafana yehluleke yancama ukuzibekisela indawo kweyeNdebe YoMhlaba ezoba seQatar ngoZibandlela.

Ne-Afcon iyibuke kuthelevishini ekuqaleni konyaka eCameroon. Ibingabonwa nangokhalo kulo mqhudelwano yagcina ukuwunqoba ngo-1996 eNingizimu Afrika ngaphansi kobuholi bukaClive Barker.

Amazwe amabili azoqeda phezulu yiwona azozibekisela indawo ku-Afcon eCameroon.

Wonke amazwe azodlala imidlalo eyisithupha. Azobhekana ekhaya nasekuhambeni.

Scroll To Top