Isimomazwe: Ubungozi beRussia ngobembodla evaleleke ekhoneni



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- Umlenze wesibili wempi yokuquvelana sewuqalile
- Lapha kuzoshawa ingcanga ezazela umniniyo
Iseluleko esivame ukushiwo uma kukhulunywa ngembodla wukuthi uma ubhekene nayo ungalenzi iphutha lokuyivalela ekhoneni ngoba yilapho iphenduka iba yingozi kakhulu. Kuthiwa ngenxa yokuthi isuke izibona isikuwafa wafa ulaka nokugadla kwayo kuba yingozi. Kubukeka kuyilesi simo iRussia ebhekene naso emkhankasweni wayo wezempi e-Ukraine.
Kusuka ngesikhathi uqala lo mkhankaso ngoNhlolanja nonyaka zimbili izinto ezicace bha; eyokuqala ngeyokuthi impi lena akuseyona eyamazwe amabili okuyiRussia ne-Ukraine kepha seyikapakele nakwamanye amazwe, sekuyimpi yamazwe asentshonalanga neRussia. Okwesibili wukuthi impi akubanga ngeyezikhali kuphela kepha kube njalo nakuzo ezokuxhumana nayilapho amazwe asentshonalanga aseka i-Ukraine aqale umkhankaso wawo wokunyundela iRussia kanjalo nokuyikhipha inyumbazana kwezomnotho nakupolitiki yamazwe ngamazwe. Lokhu kuqale ngokuqhamuka nezinhlelo zonswinyo ezethulwe yi-United State of America (USA) kanye namazwe angaphansi kwe-European Union (EU). Okunye okuhlaluke zisuka nje wukuthi i-USA inenhloso yokusebenzisa le mpi ukugadla eRussia naseChina abayizimbangi zayo kwezomnotho nakupolitiki yesimo mazwe.
Impi ese-Ukraine ibhixana nje amaMelikana kade eqalile ukucupha izinto zawo. Emhlanganweni obuseMunich nobubizwa ngeMunich Security Conference ngoNhlolanja wezi-2021 uMengameli wase-USA uMnu uBiden wethula inqubomgomo yesimomazwe sezwe lakhe nasibeka njengesizoqinisekisa ukuthi kunempi phakathi kwalokho akubiza ngamazwe eseka idemokhrasi nalawo angahambisani nayo. Lapha wabe etshala imbewu yobumbano lwamazwe asentshonalanga. Ukwenzile lokho nangesikhathi ekhuluma nePhalamende lase-USA nabelinxusa ukuba limeseke emkhankasweni wakhe wokunqanda iRussia neChina. Ekuzweni amanzi ngobhoko kulo mkhankaso wayo wokubumba amazwe asentshonalanga kwezokuphepha ngoMandulo nyakenye kwethulwa uhlaka olwaziwa nge-Aukus okuluhlaka lwezokuphepha oluhlanganisa i-United States, i-UK ne-Australia . Lolu mbimbi luhlose ukuqoqa nokwakha izikhali zenuzi kanye nemikhumbi ehamba ngaphansi kolwandle kulekelelwa yi-Australia. Okusobala lapha wukuthi bekwenziwa ihawu emizamweni yokukaka iRussia neChina.
Okunye okwenzeka ngonyaka owedlule ingakaqali impi ese-Ukraine yingesikhathi i-USA ibiza umhlangano obizwa nge “Summit for Democracy” nowabe uhlanganisa amazwe ali-100 nayilapho phezulu eqhulwini iRussia neChina yabe ipendwa njengezitha zedemokhrasi. Ongoti besimomazwe bayavumelana ekutheni okuzolandela manje wukuthi i-USA iqale umkhankaso wokukhipha iRussia kuG20 okunguhlaka lwezomnotho lwamazwe angamashumi amabili. Ngokufanayo izokhipha iChina ku-Indo-Pacific Economc Framework.
Akuyona imfihlo ukuthi ukuze izinhlelo ze-USA zokulwa neRussia neChina ziphumelele kumele yesekwe ngamanye amazwe i-USA ezimisele ngokuwaxhasa ngemali uma enza njalo noma iwajezise uma engaphesheya. Amazwe nje afana noSouth Korea asengcindezini njengoba umnotho kanjalo nezokuphepha kwayo kuncike ku-USA.
Le mpi ingangayo iRussia
Kungaba yiphutha ekucabangeni ukuthi iRussia iye kule mpi ingazi ukuthi umphumela wayo uyini noma iye kuyo ingenalo uhlelo oluqondile lokubhekana nolaka lwamazwe asentshonalanga. Ekhuluma kuleli sonto uMengameli waseRussia uPutin wexwayise labo abangasohlangothini lwe-Ukraine ukuthi bazowuchama bawuphuze.
Ngokwezikhali iRussia ingayibamba impi nawasentshonalanga futhi kungagcini lapho kepha nayo ingabutha abahlobo bayo emhlabeni jikelele njengoba nawasentshonalanga enza. Empeleni lokhu kubukeka kuwakhathaza awasentshonalanga njengoba amazwe afana ne-Iran, iNorth Korea anenuzi nayizitha ezifungelwe ze-USA engahle ame neRussia. Akhona namanye angenza okufanayo inqobo nje uma ezovikelwa kwezempi kanye nakwezomnotho. Imicibisholo yenuzi iRussia inayo nenamandla okududula amazwe ehlukene ngesikhathi esisodwa. Kanti uma i-Iran iyingena le mpi yeseka iRussia okusho ukuthi izinkinga zika-Israeli ziqala phansi njengoba useduze futhi uyisitha se-Iran. Ngokufanayo uma iRussia ingenza ubuhlobo neNorth Korea okusho ukuthi iSouth Korea kayiphephile.
Enye induku iRussia esiqalile ukugadla ngayo ngeyokuhlukana ngokuhweba ngedola lase-USA kunalokho ihwebe ngerouble. Ngalokhu iRussia ithi bonke abathenga igesi kuyo oningi layo kungamazwe asentshonalanga kuyomele athenge ngohlelo lwaseRussia. Lokhu kusho ukuthi umthengi wegesi yaseRussia okuningi kungamazwe asentshonalanga kuyomele aguqule imali yakhe okuyidola asebenzise eyaseRussia nokuzokwehlisa amandla edola. Lokhu kungasho isiqalo sokuhlaselwa kobuqhude bedola ezimakethe zomhlaba njengoba neChina nayo ingalingeka iphakamise imali yalo kunedola.
Nokho induku okubukeka ingaba yingozi emazweni asentshonalanga wudaba lokuvalwa kokuthunyelwa kwegesi kuwo. Empeleni lokhu sekuqalile njengoba elaboHlanga liye koshicilelwa seyivele ikhalile ezimbanjeni nokubangelwe yisinqumo senkampani yegesi yaseRussia iGazprom inqamule ukuthunyelwa kwegesi ePoland naseBulgaria nokukhuphule amanani egesi ngama-20%. Ichaza ukuthi kungani ifinyelele kulesi sinqumo iGazprom ithe la mazwe ehlulekile ukukhokha esebenzisa uhlelo lwemali yaseRussia. Ukukhokha ngemali yaseRussia kushaya ngqo emazweni angaphansi kwe-EU ne-USA njengoba izinkontileka ezikhona zithi kumele kukhokhwe kusetshenziswa iyuro noma idola lase-USA.
UNdunankulu wasePoland uMateusz Morawiecki uthe okwamanje bazodla imihlathi yize izwe lakhe lithola amaphesenti angama-45 egesi. Isinqumo seGazprom sizozamazamisa namanye amazwe ancike kuyo njengeGermany okuyiyo ehamba phambili ngomnotho emazweni angaphansi kwe-EU. Kuvele ukuthi yona (iGermany) kanye Hungary sebexoxe ngohlelo thizeni neGazprom noluzoqinisekisa ukuthi kabanqanyulelwa. Okunye okuzokhinyabeza amazwe omhlaba ngale mpi wuhlelo lwezolimo njengoba amazwe amaningi abencike ku-Ukraine ngemikhiqizo ethize yokudla. Isibonelo nje leli lizwe yilo elikhiqiza ubhekilanga ongamaphesenti angama-30 emhlabeni jikelele.
Okusobala wukuthi amazwe amabili alwayo okuyiRussia ne-Ukraine azosebenzisa, asebenzisane noma aphoqe amanye amazwe ukuba akhethe uhlangothi nokuyodala isimo sempi emhlabeni jikelele kusetshenziswa okungale kwezikhali okungumnotho. Amazwe angavumelani nalwayo azonswinywa nokuzowaphoqa ukuba akhethe uhlangothi.