Now Reading
Iqembu i-EFF ifuna abehluleli abalawulwa ngumthetho kuphela
Dark Light

Iqembu i-EFF ifuna abehluleli abalawulwa ngumthetho kuphela

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema (osesithombeni) uthi uzoqhubeka nokwenza isiqiniseko sokuthi uphiko lwezobulungiswa eNingizimu Afrika alubanjwa noma kanjani ngosopolitiki. Uthi isizathu esenza enze isiqiniseko sokuthi bayangena kuzo zonke izinhlolokhono zabehluleli wukuqinisekisa ukuthi kukhethwa abehluleli bangempela nabangenakonakala. UMalema uthi, uma uphiko lwezobuLungiswa eNingizimu Afrika lungabanjwa osopolitiki, kuyobe sekuphelile ngentando yabantu.

UMalema ubekhuluma eMamelodi, ePitoli, izolo  ngesikhathi i-EFF ikhumbula imigubho yoSuku lweNkululeko yalo nyaka. “Akekho umehluleli okumele aphathwe usopolitiki. Umehluleli kumele azimele, abe nesineke, asebenzise umthetho kuphela, akukho okunye. Noma ngabe uWang rata Kapa akafuni, lalela ukuthi uthini umthetho. Lalela izinkinga zethu.”

Khonamanjalo, isishoshovu esikhulu se-One South Africa, uMmusi Maimane, uthi ukukhungatheka kweNingizimu Afrika kuyakhula unyaka nonyaka. Wethula inkulumo yenhlangano yoSuku Lwenkululeko eMfuleni eCape Flats. UMaimane uthi abantu baseNingizimu Afrika basaqhubeka nokubhekana nezinselelo eziningi. “Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba lolu oseluphenduke uSuku lweNkululeko seluphenduke usuku lokucikeka. Izakhamuzi eziningi kakhulu azisebenzi, empeleni izinga lokuntuleka kwemisebenzi liphezulu phakathi kwezomnotho ezisathuthuka.

See Also

Kuyacaca ukuthi abaningi bethu sikhungathekile, silambile futhi sizizwa singaphephile ezindlini zethu. Ngakho namhlanje sibheka uSuku lweNkululeko njengoba kubalulekile ukuthi sakhe umnyakazo obheke kuguquko futhi sakhe uhulumeni okwaziyo ukufeza isithembiso senkululeko.”

Scroll To Top