Now Reading
Ingane yomfana iyisihlangu sekhaya nesizwe
Dark Light

Ingane yomfana iyisihlangu sekhaya nesizwe

Ingane eqotho yomfana namuhla yindoda yakusasa eqotho


Kukhona imfundisoze mayelana nokukhuliswa kwezingane zabafana nabesilisa kwaboHlanga. Le mfundisoze idalwa ngokuningi kusuka ezinguqukweni nasendleleni esiphila ngayo, izifundo nezinkolelo ezintsha kanjalo nokungazi.  Lokhu kokugcina okuwukungazi kuyingozi.  Kuhle siqale sikuqophe ukuthi kwaboHlanga izingane noma ngabe zibulili buni ziyisipho esivela kwabadala, abafa bengafi balapha ekhaya abanye ababizwa ngamathongo noma amadlozi. Ukufika kwazo kulethwa imizwa eyahlukene. Zamukelwa ngethemba lokuthi ubukhona bazo buyothinta umndeni kanye nomphakathi eziphila kuwo. Ekukhuleni kwazo zikhula zehlukaniselwe imisebenzi. Esimweni esejwayelekile le misebenzi yabe ingahlukaniswa ngobubi, isibonelo ingane yentomambazane yabe ingasebenzi ekhishini ngoba lokho kuwumsebenzi ophansi noma eyomfana ivuke ekuseni iyokwelusa ngoba igqilazwa. Konke okwabe kuyimisebenzi yalapha ekhaya kwabe kunenhloso yokufundisa ngoba abadala babekuqonda ukuthi lapha bakhulisa indoda noma umama wakusasa okuyothi bona uma sebengasekho kube yizo izingane lezi ezima lapho abazali bazo babemi khona.

Ukuvela komfana ekhaya kwakulandelwa yinjabulo eyabe ivela ngisho egameni aqanjwa lona. Babekhona oVusimuzi, oMandlendoda, oSiphosethu wonke la magama ayimikhuleko yethemba ngalesi sidalwa esisha esingumfana walapha ekhaya. Umfana lona wabe efundiswa ukuphatha impahla okuyimfuyo. Lokhu ungakubuka njengento encane kepha lapha wabe efundiswa isineke sokulandela nokuqapha izinto ezimzungezile. Imfuyo lena lapha ekhaya okungaba yinkomo, yimbuzi noma yimvu kayigcini ngokuba ngukudla nje kuphela kepha ingumnotho wekhaya. Ngamafuphi ingane yomfana ithi ivela nje ngezenzo ifundiswe ukuba ngumvukeli womnotho walapha ekhaya nomvikeli wokudla komndeni.

Lapho ikhula kuyatshalwa kuyo ukuthi ingumvikeli wawo wonke umuntu lapha ekhaya kusuka kwabancane kunayo. Kubafana abakhuliswe kahle ukuba ngumvikeli wabakuthaka , abancane kanye nezingane zakwabo zamantombazane kwabe kungabuzwa kepha kwabe kuzenzakalela.

Ngokwesiko njengoba sike sibone ezinganeni zamantombazane lapho ebuthwa khona ngaphansi koMkhosi WoMhlanga nabafana nabo bayabuthwa.  Ekubuthweni kwabo kuningi okungamasiko okwenziwayo nokuyingxenye yokukhulisa nokufundisa ingane yomfana. Kwenziwa konke nje lokhu ngoba kuqondwa ubumqoka kokuba ngumfana nendoda emqoka kwabo, emphakathini nasesizweni.  Amasiko enziwa kukhuliswa abafana uma elandelwe kahle akha ubuqotho, inhlonipho kanjalo nempokophelo.

Enye into ebonakala kumfana okhule kahle yinhlanzeko. Ukuzithanda, uthande indawo okuyo ngenye yezindlela ezikwenza umfana nensizwa ehloniphekile. Ngakho zithande ekuseni, emini nantambama. Uma sewenze njalo ungakhohlwa ukulekelela ngemisebenzi yasekhaya ehlanza igceke, khumbula umfana kumele ahlanzeke yena nendawo ahlala kuyona.

Isikhathi esikuso 

Iqinisio lithi izingane zabafana ngesikhathi samanje zikhula ngaphansi kwezimo ezehlukile kunakuqala. Bakhona abakhulela emakhaya lapho kunemfuyo, kube khona abakhulela emadolobheni lapho kungekho khona imfuyo. Yize kunjalo indlela abakhuliswa ngayo ingeke yehluke ngoba inhloso kusuke kuwukwakha isakhamuzi nendoda eqotho.  Ngamafuphi noma ngabe uhlala edolobheni zikhona izifundo ezimqoka ongazifunda ukuze ube ngumfana oqotho, omnene ovikela umndeni nababuthaka.

Okokuqala nje okumele uziqhelelanise nakho wukuba yibhoklolo. Khumbuka ububhoklolo abuvikeli muntu kunalokho kuhlukumeza abanye abantu. Okwesibili ukuze ube ngumfana oqotho kuyomele uziqhelelanise nabantu abenza izinto ezingamukelekile emphakathini njengokweba, ukudla izidakamizwa nokuhlupha amanye amalungu omphakathi. Uhambele kude kunabantua bahlukumeza izingane zamantombazane nabesifazane ngoba lokho kukwenza uohume ohlini lwabafana abenza kahle.

See Also

Esikoleni qinisekisa ukuthi wenza umsebenzi wakho ngokuthembeka. Uhloniphe othisha kanye nabanye abafundi. Ekhaya ube yingane ethumekayo, ethobekile nefundayo emaphutheni ayo. Khumbula wena uyingane yoHlanga ngakho kuhle wazi ngemvelaphi yakho nokuyinto ezokulekelela ukuba ukwazi ukuba yindoda yakusasa eyazi umlando wayo, womphakathi nesizwe. Ukuze wazi umlando kuhle ukuba uqale manje ubuze lapho ekhaya ngomlando, ungabuza kumama, kubaba nakunoma ngubani okhona omdala.  Uma ungakakwenzi, buza ekhaya ukuthi abafana babuthwa nini yiSILO kulo nyaka.

Uma sebebuthwa bonke baya kwaNongoma nayilapho behlala khona izinsuku ezithile befundiswa okuningi ngamasiko nomlando wesizwe. Qoqa abangani bakho nixoxe ukuthi nizocela kanjani abazali ukuthi banivumele niyobuthwa. Khumbula ungalokothi uzihambele wena ngoba lokho kuyosho ukuthi awusahloniphi abadala.

Uma usufunde lesi sisqephu ungakhohlwa ukwedlulisela nakwabanye ekhaya nasesikoleni. Ungakhohlwa futhi nokusithinta usazise ukuthi ubufisa sikuphe luphi olunye ulwazi olumayelana nokukhula kwezingane zabafana. Khumbula wena ungumfana nje namuhla kusasa uyindoda. Indoda ke ngumuntu wesilisa oqotho. Yiba yingane yoHlanga ube qotho khona sonke sizoziqhenya ngawe.  Khumbula wena uyisihlangu somndeni (umvikeli), umphakathi nesizwe.

Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top