Ukwakhiwa kwesibaya eNdlovini KwaKhangelamankengane mhla lulu-1 kuMandulo wezi-2021



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Kwathi ukukhothama kweSilo uZwelithini mhla zili-12 kuNdasa wezi-2021 sashiya sibeke iNdlovukazi uMntanenkhosi uMantfombi Shiyiwe ukuthi nguyena ozohlala eSihlalweni saso soBukhosi. INgonyama uZwelithini yakubeka kwacaca ukuthi iNdlovukazi uMantfombi iyona eyohlala esihlalweni sayo soBukhosi ngemuva kwayo, hhayi ukuba ibe yiBambabukhosi. Lokhu yayikusho ngokwesigaba sokuzaleka kwayo iNdlovukazi uMantfombi, iphuma okhalweni lweNgwenyama uSobhuza.
INdlovukazi uMantfombi yayinguBukhosi siqu sayo ngakho iSILO sikaZulu sasikuqonda kahle lokho. INdlovukazi njengoba yayivele idunguzela sekuphele iminyaka emine. Kwathi mhla zingama-29 kuMbasa wezi-2021 nayo iNdlovukazi uMantfombi yalandela eduze yedlula emhlabeni kodwa yashiya ibhale incwadi yamafa lapha yabeka khona indodana yayo yokuqala, uMntwana uMisuzulu Sinqobile Hlomesakhisihlangu ukuthi nguyena oyohlala eSihlalweni soBukhosi ngemuva kwayo. Kwathi uma iZindlu zonke zoBukhosi zikaZulu zikwesekela okwakushiwo yiNdlovukazi, zase zinquma zonke ukuba iSilo uMisuzulu singeniswe esibayeni. ABantwana bendlu yoMntwana uMaphitha kaSojiyisa weSilo uJama, abakhe endaweni yaseNkunzana bangicela ukuba ngizobelekelela bakhe isibaya eSigodlweni KwaKhangelamankengane. Ngacelwa umuzi woMntwana u-Aaron weNdlu yoMntwana uFokothi kaMaphitha okuyiwona ophethe indawo yaseNkunzana lapha okwakhe khona iSigodlo saKwaKhangelamankengane.
UMntwana u-Aaron nguyena owayeyinduna yaseNkunzana owayesanda kwedlula emhlabeni ngesifo sokhuvethe, endulela iSilo uZwelithini ayesiphathele lendawo yaseNkunzana. UMntwana uSimon weNdlu kaFokothi kaMaphitha, uMntwana uDlokolo kaMdakadaka weNdlu kaHlomuza kaMaphitha, uMntwana uShonovu kaGexezile weNdlu kaHhayiyana kaMaphitha, kanye noMntwana uHerbert waseMfanele. Bathi bacela ukuba ngibasize ekwakhiweni kwesibaya eNdlovini ngoba iSilo sesibekiwe phakathi kwabo. UMntwana waKwaPhindangene wathi mhlazana, uMntwana uBhekintinta, iNkosi yakwaMandlakazi, aBantwana nezinduna bezokhala kukhothame iNdlovukazi wabeka wathi; “Ndabezitha lo muzi weSilo wakhiwa kulendawo ngoba kwenzelwa ukuphepha kwawo ukuba ube sezandleni zakho” Lokhu wakusho njengoba neNgonyama uNyangayezizwe bayixosha kwaDlamahlahla yaze yaphephela kuMntwana uMaduma kaNhlanganiso. Yingakho ubona iSigodlo saKwaKhetha sakhiwe endaweni yoMntwana uMaduma kaNhlanganiso kaTokotoko. Mina ngakuqonda kahle ukuthi basho ukuthini uma abeNkosi bethi angizobelekelela bakhe isibaya seSilo uMisuzulu.

Kwathi uma iSilo uMisuzulu siphuma naBantwana siyogubha uMkhosi WoMhlanga eNgwavuma mina ngangiphuma naBantwana baseNkunzana siyogawula izingodo zokwakha isibaya eNdlovini. Kwathi ngomhla lulu-1 kuMandulo wezi-2021 sangena ehlathini saqala ukugawula. Kwathi uma ngibona ubunzima bomsebenzi nokuthi izingodo kazikho eNkunzana lapha okwakhe khona abantu beSilo, ngabe sengishayela uMntwana uCapson owafika kimi ngokukhulu ukushesha wasevuma ukuba kugawulwe endaweni yakhe. Wasebuza ukuthi sinaye yini umuntu ozokwazi ukugawula ngomshini, salandula. Wasethi ukhona umfana angayomcela endaweni yaseMdletsheni azosiza iSilo. UMapholoba wafika noMntwana uQinani weNdlu yoMntwana uMaduma owathi kimi ‘Ndabezitha mina ngizokwenza umsebenzi kakhokho wami ngizokubambisa lomsebenzi weSilo kuze kuphele isibaya’.
Wasebeka umbono wokuthi kasiyobonana noThemba Xulu onendawo enkulu ababuyiselwe yona nguHulumeni sicele ukuba asivumele sigawule izingodo kuyo. Nebala saphikelela kuye uXulu owafika wavumela phezulu. Waqhubeka kanjalo umsebenzi weSilo. UXulu wabuye wakhipha isigugula benoMotha ukuba sizolungisa indawo lapha isibaya sasizokwakhiwa khona. Banikela ngodizili wabo nomshayeli waso kwaphela amasonto amathathu kulungiswa indawo. UMotha wabuye wanikela ngenkonkoni kanye nenyathi ukuba kudle amabutho eNkosi ayakha isibaya seSilo.

Sathola ukwesekelwa ngabantu beSilo endaweni yaseNkunzana, uMnumzane uNtokozo Sibiya wayeshayela ithrakhi lihambise abantu ehlathini abuye nezingodo akwaze kwaphunyulwa. ISilo uMisuzulu safika sasidabula isibaya, okwathi sekumbiwe ummbelo waqedwa sabuye safika sathi sicela sinwetshwe futhi kwesasiyikho. Wasidabula futhi uMntwana uLungelo esizana nomzala wakhe uMntanenkosi uBhamela Dlamini. Ngumsebenzi owaba nzima kakhulu ngoba wawungenamali yokuwenza kodwa izinsizwa zeNgonyama zazijuba zona ukuthi zizowumela uze uphele lo msebenzi wesibaya. Bavala imizi yabo bayeka ukwenza imisebenzi yabo emakhaya bevukela kwaKhangela nsuku zonke kuyokwakhiwa isibaya. Kwala noma bezizwa izinkulumo zishisa phansi bathi bona iLanga liphume liphumile kwaZulu ngakho bafuna iNkosi yabo ukuyibona imiswa isesibayeni.
INgonyama uMisuzulu kwathi ngelinye ilanga yanginxusa ukuba ngingadikibali ngiyilahle emsebenzini ongaka osuqalile. Isibaya sasakha izinyanga ezine ezigcwele saze sasiqeda. Ngale nkathi kwase kukhona amabutho ayezinikele ngothando olumangalisayo nomfutho owawumangalisa. Kunabathile esizweni ababenikela ngophethroli nokuthenga amaketango esaha futhi babuye basize nasezimotweni ngodizili. INkosi uZungu namanye as’Empangeni yiwona anikela kuqala ukuze sikwazi ukubhekana nomsebenzi wesibaya sithenga udizili, nophethroli wezimoto zokusebenza. Kwathi kusenjalo kwafika iNkosi uChakide kaNkanyiso Biyela Obuka nayo yafaka isandla. Ilunga elihloniphekileyo uMnu. uB. Gwala, uMntwana uSolwazi uNogwaja, uMnumzane uSunny Mthethwa ngabanye abelekelela kakhulu ukuba umsebenzi weSilo wokwakhiwa kwesibaya uphumelele. Kwaba khona nabanye engingebalibale abaweseka kakhulu lo msebenzi weSilo njengalaba; uMntwana uThandela Ekuvukeni noMntwana uMfanozi noMntwana uMalandela ababesuka Ekuvukeni nsuku zonke.

Kwakukhona induna uMntwana uMbhelenja eMpakama nenduna uMdashunwa Nsele engangisuka naye Ekuvukeni. Kwakukhona ubaba uXaba owayengaphuthi noma linye ilanga benoNyawo noMalusi Ndwandwe nabanye. UMoffat Ndwandwe nendodana yakhe uKhaya Ndwandwe owayesuka nebutho kwaDabhazi, nenduna uMnguni eVuna nababevela eMangadini phezulu kwaDilikhulu. Abanye babevela phansi Onyango kanye nababefika nenduna uMbatha. Baningi kakhulu ngingebaqede lapha abesekela iSilo uMisuzulu kukubi esehlanyukwe ngabakwabo nabamzalayo. Bonke laba babefunga begomela bethi bayofa lapho kufa khona iNkosi yabo iSilo uMisuzulu. Bethi uNdunankulu uMntwana waKwaPhindangene kwathi uma kufundwa incwadi yefa yeNdlovukazi okuyiyona eyayishiywe iSilo eSihlalweni wakhuza uBayethe! Kwapheleliswa konke. UXaba indoda endala wathi: “Awu! Ndabezitha abantu bakwaZulu abasesabi nolaka lukaMdlokombane, njengoba wayenolaka olungaka. Bazolubona maduze kulokhu abakwenzayo” Kunezinkulumo eziningi ezazikhulunywa kugawulwa ehlathini nangenkathi kwakhiwa isibaya okuyizona ezazikhuthaza ukuba umsebenzi uqhubeke.
Ibutho lake lasuka esibayeni laphikelela ethendeni uma lizwa ukuthi kufika uMnu. uWillis Mchunu lathi lifuna liyobuza kuye ukuthi ufuna yiphi iNkosi. Laqala ihubo lempi laphuma ngalo esibayeni elithi;
“Amaphikankani ayakufela enkanini
Sikhuphuka siqond’ impi
Aphikankani ayofela enkanini
Ayilwanga!!
Eyamaphikankani ayofela enkanini !
Wabona uMntwana uNsikalende ukuthi Hmm! Akuzi ngakho sekungahle konakale. Waphuma waqhasha ethendeni wayiwoha impi eyithobisa, ethi kayehlise umoya yamlalela oweNkosi yahlala phansi
Kwathi mhlazana amabutho edlulisela isibaya eSilweni kwafika iNkosi uBonginkosi Mthembu yakwaSomopho endaweni yas’Empangeni eyafika yanikela ukuba kutshalwe utshani isibaya sonke kwenzelwe ukuba singaguguleki uma izulu lina.
Kuthe kusenjalo kwavela uMntwana uChris weNdlu yaseGazini waletha izinsiswa ezisencane zakhona Egazini zathi zinikela ukuba zakhe ilawu leSilo khona esigodlweni seNdlovukazi saseNdlovini. Nalo laqalwa ngokukhulu ukushesha. Kwakhona nabanikela ngempahla yokwakha urawondi wesibili. Kwathi uma ngixhumana neMeya yakwaNongoma uMnumzane uM. A. Mncwango ngicela usizo lweTLB wasethi usekhulumile noMphathi ukuba anginike usizo lonke engiludingayo ukwenza umsebenzi weNgonyama. UMeneja kaMasipala uMnumzane uMnguni wasekhipha iTLB eyayishayelwa nguMnumzane Dlongolo okuyiyona eyaselekelela kakhulu ukulungisa indawo yesibaya kanye nokumba ummbelo waso nokulungisa indawo egcekeni. USomlomo uMntwana uBonginkosi wabuye wathumela uMnumzane Dumisa ukuba azolevela isibaya ngeGrader ukuze silungele ukutshalwa utshani. Wenza umsebenzi omuhle noncomekayo kakhulu umshayeli weGrader uDumisa.
ISilo uMisuzulu sasesingicela ukuba ngisihlele kabusha lesi sigodlo saseNdlovini njengoba sase sikhombise ukufadalala saphela kungasahlali muntu kuso. Izinkomo zakwaKhangela zihlala esibayeni esilena phezulu eduze kwasemathangeni amanzi. Kodwa kwathi uma siqeda ukusakha isibaya eSigodlweni aseNdlovini, safunda okunye esakubona kwenziwa zinkomo zeNgonyama. Kwathi ngomhla ziyisi-7 neziyisi-8 kuZibandlela wezi-2021, izinkomo zavele zehla zazolala lapha esibayeni saseNdlovini. Kwathi uma ngifika ngelesi-9 ekuseni sesizoqala umsebenzi sazithola izinkomo zilele phakathi zonke.
Kwaba nokumangala kwabalapha ngaphakathi KwaKhangela bebuza ukuthi lokhu kusho ukuthini. Lezi zinsuku ezimbili izona uMehluleli owayethe icala lizongena ngazo eMgungundlovu kodwa lahlehla. Njengamanje umuntu ubhekene nokwakhiwa kwamaqhugwane aqala phansi ayisi-8 ngokwesifiso seNgonyama. Lokhu kuyazenzakalela njengoba uHulumeni waKwaZulu-Natal emise zonke izinhlelo zokusiza iSilo noma iSigodlo saKwaKhangela. ISigodlo saseNdlovini ngeseNdlovukazi uMantfombi singaphandle kwaKwaKhangela. Kuwo wonke lo msebenzi woBukhosi ngibonga ukwesekelwa ngaBantwana abakhele indawo yaseNkunzane kanye nabaNumzane abahloniphekileyo bakulendawo.
Ngiphinde futhi ngingalibali ukubonga aMazinyane eSILO uZwelithini nangabelamani beSilo uMisuzulu noMalangeni uSamkethi uBhamela nabanye engawafica KwaKhangela indlela abangikhombisa ukungesekela ngayo bethokozela ukuvuswa kwesigodlo seNdlovukazi. UMntwana uBambindlovu okunguyena ongumelamani weSilo uMisuzulu nokunguyena ebengibonisana naye njalo uma sisebenza isibaya nebengimthuma uma sengidinga usizo asukume ngokushesha akwenze engikucelayo.
INkosazana uMntwana uNtandoyesizwe yaze yaphimisela ngelinye ilanga yathi; “Baba wami, mina ngagongqela kulesi sigodlo ngaze ngaphumela kuso namhla sengiyogana” Sengigcina ngibonge induna yaKwaKhangela uMfanuvele Ndwandwe kanye noMama uMaGazu ababebhekene nokuba amabutho adle nsuku zonke nokuba athole amanzamponjwana. NowayeyiMeya yaso Phongolo uMnu uSibusiso Mhlongo welekelela kakhulu uma ngikhala ngamahewu ezinsizwa wanikela ngo-25L abaningi kakhulu. Ngibonge noNdlunkulu wami owangesekela kakhulu engiphathisa namahewu nezingane zami ezazingikhuthaza kakhulu umntwana USlomo, uChumile, uNongcebo, uNomasiko, uManzezulu, uMvungeyezwe noNdlunkulu wakhe uMbovu, uSphelele, nezinhlaka zonke ezakhele indawo yaseNkunzane zabamba elikhulu iqhaza noma abanye babebukela ziwubekile umgangela ziyishaya. Kwathi mhlazana samukela isibaya, iSilo uMisuzulu saphawula sibonga sathi;
“Ngibonga uMntwana uZeblon Bhekizizwe wakwaMandlakazi ukwenza umsebenzi omkhulu kangaka nebutho abebambisene nalo. Niyazi nani ukuthi kusinda kangakanani ukuqala into uyisungula ikade ingekho. Impumelelo yokwakhiwa kwalesi sibaya kube ngenxa yokuzinikela koMntwana esebenza engaphumuli ukuze ufezeke lomsebenzi wesizwe. YiThempeli lenu leli Zulu. Yilapho kuzokwenzelwa khona imisebenzi yonke emikhulu yesizwe”
UMogewan Sibiya kuFacebook yeSilo uMisuzulu uphawula athi; “Ningakhohlwa uMntwana was’Ekuvukeni, uMntwana uZeblon olokhu emile neNgonyama KaZulu , Ume njalo Mageba Wena woHlanga”
Abaningi bayangibuza ukuthi yini eyangenza ngisukume ngithi akwakhiwe isibaya eSigodlweni eNdlovini KwaKhangelamankengane? Ukuchaza kafushane ngaso isibaya siyisizinda sekhaya lapha umuntu ongumZulu akholelwa ukuthi iZinyanya namaThongo ekhaya ahlala khona. Yingakho umuntu wakwaZulu uma sekukubi ekhaya ungena esibayeni akhulume khona. Uma kukuhle ungena esibayeni akhulume nabakubo khona. Uma ekhipha intombazana ungena esibayeni ababikele khona ukuthi namuhla ngiyayikhipha ingane yenu isiyonakhela umuzi emzini wayo hambani nayo. Uma kungena umakoti lapha ekhaya ungeniswa esibayeni abikwe khona ukuthi nansi ingane yabantu isingene lapha ekhaya ivikeleni emikhuhlaneni izale abantu kwande umndeni wenu.
ENdlovini yisigodlo sesintu seNdlovukazi uMntanenkhosi uMantfombi esehlukaniswe uthango neSigodlo saKwaKhangelamankengane. Yilapha obekuthi uma iNgonyama uZwelithini yenza imisebenzi yemisikothi iyenzele khona eNdlovini. Uma ikhulisa amadodakazi ayo agongqiselwa eNdlovini. Uma kuphuma amadodakazi ayo eseyogana aphumela eNdlovini. Ngamanye amagama Endlovini yisona sigodlo esiyikhaya leNdlovukazi uMntanenkhosi uMantfombi lapha iMbube yomhlaba ebithethela khona idlozi. Izinkomo ezaphuma ziyolobola uMntanenkosi kwaNgwane, isibaya ezaphumela kuso sasiseNdlovini.
Ngakho aBantwana bakaMaphitha okuyibona okwakhiwe isigodlo sakwaKhangelamankengane phakathi kwabo bakubona kubalulekile ukuthi lesi sibaya sivuswe eNdlovini okuyikhaya lakubo kweSilo uMisuzulu, ukuze uma esethulwa ngokwesiko angeniswe kwesakubo isibaya.
Siyini isibaya sakoMkhulu phakathi kwesizwe? Isibaya Kulapha okuhlala khona imimoya yaMakhosi onke oHlanga nokuyilapho amenyezwa athandazwe khona. Isibaya siyisihlalo soBukhosi lapha kubekelwa khona iSilo. Kulusiko lwabeNguni ukuthi iNkosi yethulwe eSizweni isesibayeni. Yilapho iNkosana kaZulu ethatha khona amandla kaYise okuphatha uZulu. UZulu ukholwa yikuthi iyaguquka ibe yiThongo, iNyandezulu ebonwa ngamehlo, ngaso leso sikhathi. Iyaguquka ibe yiLanga elimi lodwa emkhathini weZulu. Iphenduka esibayeni iMbube ibe yiSilokazana soqobo. Ingabe isaba nayise nanina, ingabi namfowabo nadadewabo. ISilwane uqobo lwaso ngoba isuke isingenwe ngaMakhosi oHlanga ahlala kules isibaya. Isibaya siyisihlalo sayo soBukhosi, siyiThempeli likaZulu.
Imbongi yeNgonyama uSenzangakhona ithi;
“ILanga eliphume linsizwa,
Lithe liphezulu laNsasa ,
Lifuna ukothiwa yimizimbazimba
Waphotha intambo ende !
MtakaNdaba,
Wayiphotha yaze yafinyelela ezulwini,
Wathi yikhona izithutha zakoMageba,
Zingayikufinyelela khona
Zobathe ziyakhwela
Zaphuke amazwanyana”
Namuhla siyababona laba ababeshiwo yinyosi yeNgonyama uSenzangakhona sebabathe bayenyuka ngentambo yoBukhosi bethi ngeyabo, ayephuka amazwanyana. Isibaya yindawo eNgcwele neyiThempeli lesizwe sikaZulu esayishiyelwa ngaMakhosi oHlanga. Umuntu uyakwesaba okuzokwenzeka mhla uZulu edilika izintaba zonke ezokwethula esibayeni iSilo sakhe eMakhosini aseziNyandezulu. Kuyocima iLanga phezulu emkhathini wezulu kukhanye iLanga eliphume linsizwa, lithe liphezulu laNsasa, ngoba ngalolo suku liyobe lothiwa yimizimbazimba.
UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali. Phakathi kwamabhuku asewabhalile kukhona Umongo kaZulu kanye neNhlendla yethusi kaZulu. Uthinteka ku 0640400832.