Liphume nobomvu: Abalandeli nenkundla yomdlalo yibheshu nesinene
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abalandeli bokuqina bathi abasakwazi nokulinda ukuze babone bukhoma abadlali ezinkundleni zakuleli
NgoLwesithathu bekuphela iminyaka emibili kusukela uMengameli wezwe amemezele ukuthi selufikile ukhuvethe lapha eNingizimu Afrika. Ukufika kokhuvethe kwaguqula izinto eziningi ezinye zazo ukuhambela kwabalandeli imidlalo kanobhutshuzwayo, kwaba nomvalelakhaya.
Ligcine liphumile elinobomvu ngoLwesibili njengoba uCryil Ramaphosa enkulumeni abeyibhekise esizweni nalapho eveze khona ukuthi sekungabuyelwa ezinkundleni ngaphansi kwemibandela ethile. Ngokwale mibandela, abalandeli abanguhhafu walokho okumumathwa yinkundla, sebevunyelwe ukuyothamela imidlalo enkundleni. Lokhu kuchaza ukuthi iMoses Mabhida Stadium eyikhaya la-AmaZulu FC njengoba imumatha abalandeli abayizi-85 000 sebengakwazi ukuthi bangene abayizi-42 500.
ElaboHlanga libe nengxoxo nedlanzana labalandeli ukuzwa ukuthi bazizwa benjani ngokuthi, sesigcine siphumile isinqumo sokuthi abalandeli babuye ezinkundleni.
Kubalandeli elaboHlanga elikhulume nabo abengeke asala ngaphandle uJoyce “Mama-Joy” Chauke ongumlandeli weRoyal AM.
“Ngithemba ukuthi kulokhu iPremier Soccer League (PSL) ngeke ilokhu inanaza izovumela ukuthi kubuyelwe ezinkundleni njengoba uMengameli eseshilo. Sizokhumbula ukuthi kuke kwathiwa abalandeli abayizi-2000 bengavumeleka, iPSL yakhala ngokuthi izolahlekelwa imali, kwazise kumele kukhokhelwe onogada nezinye izinto ezenzakalayo uma kukhona abalandeli ezinkundleni. Okungijabulisa kakhulu ukuthi kusukela ngijoyine iRoyal AM angikaze ngibe senkundleni ngiyibuke idlala umdlalo weDStv Premiership, sengijahe kabi ukuba senkundleni ngigqoke imifaniswano yayo” kusho uMama-Joy.
Lokhu kumiswa kwabalandeli ezinkundleni kuphazamise kakhulu indlela yokudlala kwamaqembu, nalabo abadayisa ezinkundleni balahlekelwa isinkwa ephawula ngalokho uMama-Joy uthe: “Le nto ayiphazamisanga nje thina kuphela njengabalandeli bebhola kodwa nosomabhizinisi abasafufusa bathintekile ngoba abakwazi ukudayisa ezinkundleni. Bebenza enhle imali ngokudayisa emidlalweni yebhola ikakhulu ngowabakhaya baseSoweto phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Uma kudlala imidlalo yebhola noHulumeni ubuhlomula ngoba emagaraji kaphethroli, izitolo zokudla nasemahhotela bekugcwala. Ukubuyela kwabalandeli ezinkundleni kuzowufukula nomnotho. Yingakho nje lezi zindaba zingijabulisa. Abantu abaye kogoma. Mina sengigomile” kusho uMama-Joy.
Ephawula ngokujoyina kwakhe iRoyal AM uthe: “Angizisoli nhlobo ngokujoyina leli qembu eliphethwe umuntu wesifazane. Nakanjani sizoya kodlala e-Afrika, sisemathubeni futhi okuthi sinqobe iNedbank Cup sinabadlali abenza kahle alikho iqembu esilisabayo. Ngibonga uShauwn Mkhize no-Andile Mpisane ngokungamukela” usho kanje.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noLuyanda “Usuthu Queen” Mbuyazi, naye uthe lezi zindaba zibajabulise kakhulu bengabalandeli.
“Umlandeni uba ngumdlali we-12 enkundleni, sijabule kakhulu ukuthi sizokwazi ukuseka amaqembu ethu esiwathandayo. Bese siside isikhathi sagcina ukuba sezinkundleni. Abantu abagomele ukhuvethe, kwazi bani kungagcina kuthiwa akusayi ngesibalo esithize ukuba khona kwabalandeli” kusho uLuyanda.
Ubalule ukuthi lokhu kuzoguqula imiphumela eqenjini alisekayo okunga-AmaZulu FC, engagcina ebalwa namaqembu amane phezulu uma kusongwa iligi. Uphinde wayala abalandleli ukuthi abagomele ukhuvethe, belandele nemigomo ebekiwe.
UDan Do Santos ongumlandeli wokuqina weMaritzburg United uthe: “ULwesihlanu ubusuwaziwa ukuthi uma kudlala iMaritzburg United kuba luhlalaza akuphumi lutho eHarry Gwala Stadium, lokho sekuzobuya noma ikanjani sizoqhubeka lapho esasigcine khona. Singabalandeli sizoliseka iqembu, sizokwenza inkundla ibe luhlaza. Besesiqalile vele sigcwala ngaphandle kwayo sicule, sibingelele abadlali bethu uma bengena ngebhasi enkundleni. Siyajabula ukuthi sesiyabuyela enkundleni” usho kanje.
Leli phephandaba liphinde lakhuluma nabalandeli abambalwa emiphakathini. Omunye wabo uSizwe Nene ongowokudabuka eMelmoth.
“Bekungathi ngiyaphupha ngizwa uMengameli ethi abalandeli sebengabuyela enkundleni. Njengomlandeli kanobhutshuzwayo bekulikhuni impela nje ukuthi ngihlezi ngibuka imidlalo kumabonakude bengekho abalandeli enkundleni. Ngibona lokhu kuyiguqule kakhulu indlela yokudlala emaqenjini akuleli, kodwa ngethemba konke kuzoguquka manje,” kusho uNene ongumlandeli weMamelodi Sundowns.
UPhilani Ntuli waseRichmond Farm uthe: “Amaqembu amaningi ikakhulukazi lawo amancane ayadinga ukuthi esekwe uma esenkundleni, ukubuya kwabalandeli ngibona kuzolinyusa izinga. Ngethemba ukuthi neqembu engilesekayo (iChiefs) yize ingasabheke sicoco kodwa izoyiqeda kahle isizini” usho kanje.