Now Reading
AboHlanga bangamagwala ngokudlulele abenzi okwabo
Dark Light

AboHlanga bangamagwala ngokudlulele abenzi okwabo

Kunenkinga yokusinisa amahleza e-Afrika, aboHlanga nemiphakathi abanikwe amagunya okuhola amazwe, ohulumeni, omasipala, izinkampani, izindawo zasemakhaya, zasemalokishini nakwezinye izindawo.

AboHlanga bathi bakha okusha kanti babhidliza kona lokho abathi kudala noma sekunesikhathi eside kwaba khona. Bezitshela ukuthi benza okwehlukile okungcono kwenkathi yamanje. Bafuna  aboHlanga bazibone, bazizwe bephila impilo engcono. Bengaziboni ukuthi sebenza njengawo amakoloni ngenkathi ebhidliza okwaboHlanga e-Afrika.

Kuyaye kucatshangwe ukuthi bangaboHlanga abehlukile okuwukwehluka bobubona. Kuyaye kucatshangwe ukuthi ingaphakathi lalabo boHlanga abasemagunyeni bangaboHlanga ngoba kubukwe imvelo yobuso babo kanye nezinwele zabo.

Ukuze sithi siyalungisa noma siyakha okungokwethu thina boHlanga kanti silungisa nje, sisafukula isinyelela okuzozuzisa, kuthuthukise abamhlophe base-Europe, base-United States of America nakwamanye amazwe.

Njengokuthi sithi senza noma sakha okwehlukile ngokwabaseNingizimu Afrika, ngokwabelikaMthaniya KwaZulu, ngokwabelikaDimbanyika, ngokwabelikaMampuru, ngokwabelikaSekhukhuni baseLimpopo kube ngokwabelikaHintsa kwesamaXhosa, ngokwabelikaSobhuza eSwatini, ngokwabelikaMhinga kumaTsonga, ngokwabelikaSoshangane Ndwandwe ukukha nje phezulu.

Kungenzeka ukuthi izindlela lezi aboHlanga asebebhidliza ngazo izinsika zoBukhosi, isikompilo laboHlanga e-Afrika, njengoba kwenza amakoloni.

Njengokuthi kunaMakhosi aboHlanga nangokwezibongo, abekwa ngaphambi kwesikhathi sokufika kwabelungu e-Afrika. Abekwa ngenkathi yokubusa kweLembe, kweNgonyama uCetshwayo, uSekhukhune nezinye iZingonyama.

Kwamangaza abaningi ngenkathi kuzwakala okokuqala ngqa emsakazweni mhla zili-19 kuNdasa kowezi-2022, osukwini lwangoMgqibelo, ekuseni, ngokwakufunwe ngumphakathi waseNtumeni, Eshowe.

Wawunxuse uMnyango Wokubusa Nokubambisana Nobuholi BoMdabu, ukuba kubekwe usuku lokuqokwa kwabaholi boMdabu kabusha abayisishiyagalolunye, oluba emva kweminyaka emihlanu ephethe njengeziphakanyiswa.

Kwazicacela ukuthi aboHlanga basemakhaya, abasePhalamende, sebenza noma sebecabanga sengathi indaba yaMakhosi isiyipolitiki nokuyisimo moyamqondo wabelungu base-Europe,hhayi esaboHlanga base-Afrika.

Kungekudala nje siyozithola sekunokhetho lokuvotelwa kwaMakhosi. Sibone nezingqwembe ezinobuso balawo Makhosi sengathi angosopolitiki.

Kanti ngapha eceleni abelungu base-Europe, baseNtshonalanga, base-United States of America, nabalana ezweni bayicupha kahle imigogo yemali, yemfundo, isikompilo labo nokunye okucashile kudala nanamanje.

AboHlanga bakwemukela, sakwemukela singaboHlanga maqedane sazondana kakhulu, nangaphezu kwakuqala bengakafiki abelungu e-Afrika.  

Engabe babheka, sibheka ukuthi bayalishiya, uzolishiya noma bayalakha, uyalakha yini ifagugu ngabo besaphila, ngawe usaphila emhlabeni nangamhla bengasekho, ungasekho kulo mhlaba omagade ahlabayo.

Bese kubonwa nangabanye ukuthi uyiyona lowo muntu, ikuyena ngisho nasegazini lakhe. Kuyasho ukuthi wayinikwa nguMdali, yithongo nabadala bakubo.

Kube ukuqhela kakhulu ngemizwa nokwenza kwabanye boHlanga beqhela kwabakubo boHlanga. Bese kubukeka sengathi abanye babo abasenendaba nabantu abamnyama abaseduzane nabo nakwezinye izindawo.

Indaba ibe seyoniwe ukuba nomgolo wokuhambisa imali phambili kukho konke abakwenzayo nabafisa ukukwenza nesifisa ukukwenza.

Sesibulawa ukubuza abanye ukuthi ngabe bakunika malini noma uthola malini,utholani,yini abakunika yona ngalokho okwenzayo noma obenzela kona.

See Also

Bese kubukeka sengathi imali itholakala ngalokho kuphela. Kube sengathi iyona ndlela yokuzuza imali. Ayisekho enye ngaphandle kwaleyo.

Kanti nemfundo sesiyamukele, silokhu sicathamisa okwekati, sibhidliza kancane okungokoboHlanga noma okwakungokwaboHlanga bengakafiki abelungu base- Europe, baseNtshonalanga, base-United States of America nasebelana ezweni.

Kubhekenwe nengwadla edalwa yibo uqobo aboHlanga abakhanyiselwe ngapha nangapha. Ingwadla yokuzenqena, yokuzingabaza neyokwesaba abelungu baseNtshonalanga nabalapha ezweni ukuthi bazothini. AboHlanga bangamagwala asesaba abelungu okungabatshali zimali noma sebefuna ukwenza izinto njengabelungu.

Abambulelwe noma abaphiwe ukwambulelwa izibonakaliso namaphupho ukuthi lokhu asebekucabanga noma asebekuphakamisa ukuba kwenziwe akunaso yini isimo somoyamqondo wabelungu futhi.

Kudalwa yibo aboHlanga abathi bengaboHlanga kodwa abaqale ngokucabanga, bacabange noma ingaphakathi labo licabange ngokwesimo moyamqondo wabelungu baseNtshonalanga okuwukwehluka kokwehlukile kwabelungu.

Sengathi sehlukile, sinokungokwehlukile bokuhluka obuyithina boHlanga base-Afrika. Hhayi ngokwase-Europe, ngokwase-United States of America namanye amazwe.

Ngoba behlala emakhaya, emalokishini, emadolobheni naboHlanga, bekhuluma nolimi lwebele lwasemakubo, lokhokho babo. Phezu kokuba belukhuluma nolimi lwase-Europe noma lwaseNtshonalanga.

Kanti abafuni nakuyibona eyowoHlanga ekubeni nabo bengaboHlanga ngoba bengasazihlanganisi naboHlanga abuwulona ngokuyibona ngokungazenzisi.

Umbuzo uthi yena noma bona ngabe basebasha yini,noma abanaso yini isikhathi eside babakhona emhlabeni.

Scroll To Top