Ukungagodoli nemali kunika amandla amaqembu nokudla izicoco



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kunobhutshuzwayo kuke kwaba nezikhalo zokuthi iqembu laseGermany iBayern Munich yenza ukuthi iligi edlala ngaphansi kwayo iBundesliga ingathathwa njengenkulu ngoba iyona ehlezi iba ngompetha bayo.
Okuyikho okwenza iBayern ihlezi iphezulu ingoba isizini nesizini ikhipha itshe lemali ithenge abadlali ababizayo eqenjini ejwayele ukubanga nalo, okuyiBorussia Dortmund. URobert Lewandowski ungomunye wabadlali ababegijima kuyona iDortmund kodwa usegila izimanga kuBayern kumanje okuyiyo ezihola phambili kuligi.
NaseFrance kungesifanayo njengoba iParis Saint-Germain (PSG) kuyiyo ehlezi inqoba iligi yakhona iFrench League 1 iminyaka kulandelana. Ayenzi ngamlingo kodwa ukuthi uma kuvulwe iwindi iyazidela ikhiphe itshe lemali isayinise abadlali abanohlonze. Nakuyona le sizini iyona esemathubeni okuba ngompetha njengoba izihola phambili, futhi iyona into esithembele kuyona njengoba isiphumile emqhudelwaneni i-UEFA Champions League. Nalapha eNingizimu Afrika sisesimweni esifanayo ukuthi amaqembu aphelezele iMamelodi Sundowns, kuthi kuphela isiwombe sokuqala seligi kube sekucacile ukuthi yiyo ezoba ngompetha. Nayo ayenzi ngamlingo ukuthi ayisabi nhlobo nemali, ngoMasingana isayinise uTeboho Mokoena obekuSupersport United ngetshe lemali benoSuprise Ralalani obekuCape Town City.
Baningi futhi abanye ababenokungabaza ibhentshi leSundowns, okuhleli kulo uManqoba Mnqithi, uSteve Komphela noRhulani Mokoena kodwa lisazobaqeda abantu ngoba liphethe abantu abanolwazi oluhlukene futhi abakhombisayo ukuthi bayasekana.
Okuhle ukuthi nasemdlalweni yase-Afrika iCaf Champions League iyakwazi ukuthi isimele kahle, buka nje kuyimanje ikwaze ukuhlula iqembu lase-Egypt i-Al Ahly eqeqeshwa uPitso “Jingles” Mosimane kabili emdlalweni yamaqoqo loyonto isho lukhulu. Kuyaziwa ukuthi i-Al Ahly inomlando omuhle uma kuziwa emqhudelwanweni iCaf Champions League.
Ngiyafisa ukuthi kube isizini yokugcina le ukuthi iSundowns ivele izenzele kalula nje ukuthi inqobe iligi. Vele nale yakule sizini isiyithathile, kodwa ngiyafisa ngesizini ezayo kube elinye iqembu eliba ngompetha beDStv Premiership. Anginankinga nhlobo neSundowns kodwa ngibona ukuthi iDStv Premiership izogcine isiphelelwa isithunzi nje impela, sekwaziwa ukuthi vele abafana basePitoli yibona abazoba ngompetha.
Ngiyafisa ukuthi ngesizini ezayo amaqembu amabili aseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs beshintshe ukwenza impela. Izikhulu zala maqembu aziyeke ukusaba nemali zisayinise abadlali kungabi njalo nje iSundowns ekuthiwa iyona ebhoboke iphakethe isayinisa abadlali.
Buka nje womabili la maqembu asephumile emqhudelwaneni womkhumulajezi iNedbank Cup iSundowns ibalwa namaqembu ayisi-8 asekhona kulo mqhudelwano izodlala neqembu eligijima ku-ABC Motsepe League iSummerfield Dynamos, maningi amathuba okuthi izodlulela phambili ngoba ayiwabheki nhlobo amaqembu amancane. Iyona futhi eyavula ngokunqoba oweMTN 8 ihlula iCape Town City kowamanqamu.
IChiefs nePirates isikhathi manje sokuthi babuyise izikhathi zenjabulo kubalandeli babo manje. Amathemba ePremier Soccer League (PSL) alele kubona ukuthi singehli isithunzi seligi, lokho kungenza nomdlalo iSoweto Derby uthokozelwe njengoba kwakwenzeka eminyakeni eyedlule.