Now Reading
Intaka ibekelwe amazolo kowe-El Classico eSpain
Dark Light

Intaka ibekelwe amazolo kowe-El Classico eSpain

Kunemidlalo okuthi uma izodlala kube nzima ngempela ukuqagela ukuthi iliphi iqembu elizonqoba, kwala noma kuthiwa elinye libheda kanjani. Ngisho laba okuthiwa “Amaphanta” basuke bengazi ukuthi bazobheja bathini kulowo mdlalo.

Lokho kujwayele ukwenzeka emidlalweni yomkhaya, kanti nasemdlalweni owaziwa ngokuthi i-El Clasico lapho kusuke kutholene phezulu iReal Madrid neFC Barcelona.

IReal Madrid neFC Barcelona bazotholana emdlalweni weligi iSpanish La Liga, lo mdlalo uzokuba ngeSonto eSantiago Bernabeu ngehora le-10 kusihlwa. Okwenza kube nzima ukuqagela ukuthi iliphi iqembu elizonqoba phakathi kwalawa womabili, ingoba alikho iqembu elisuke lifuna ukulala phansi lingandlalelwe kusuke kuguga utshani. Abaqeqeshi, abadlali, abalandeli, izikhulu bayakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo ofana nowomkhaya.

Okuyikho okuzokwenza ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo bewuthokozele lo mdlalo ingoba womabili asefomini eyisimanga. IReal Madrid ihlezi esicongweni kulogi ngamaphuzu angama-66 emdlalweni engama-28, ivule igebe lamaphuzu ali-10 kuSevilla elele isibili ngamaphuzu angama-56 emdlalweni elinganayo. IBarcelona yona ihlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu angama-51 emdlalweni engama-27.

IBarca iza kulo mdlalo emdlalweni eyisi-8 ikwaze ukunqoba eyisi-7 yadlala ngokulingana kowodwa, ivalele phakathi amagoli angama-23. IReal Madrid kunyaka wezi-2022 isahlulwe kanye kuphela ihlulwa iGetafe.

Isanda kumangaza abaningi ngesikhathi ikhipha iqembu laseFrance iParis Saint-Germain (PSG) kowe-UEFA Champions League ekubeni yayilandela ngamagoli amabili.

See Also

Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancellotti uthe luselude ukhalo, kusamele banqobe imidlalo eminingi ukuze bethathe iligi. “Kusesekuseni kakhulu, akumele nangengozi sizitshele ukuthi singompetha. Mina ngiyakwazi ukuhlulwa kowamanqamu e-UEFA Champions League kade sihamba phambili ngamagoli amathathu eqandeni, nalapho sasizitshela ukuthi sesiwinile. Ukuhamba phambili ngamaphuzu ali-10 yinto engaguquka noma inini uma singadlala kancane. Sidinga nakanjani ukuthi sinqobe ngeSonto, njengoba sidlalela ekhaya nje” kusho lo mqeqeshi.

Ngonyaka wezi-2005 u-Ancellotti wayeqeqesha i-AC Milan yayihamba phambili ngamagoli amathathu idlala neLiverpool FC. Lowo mdlalo wagcina uphela kumaphenathi wanqotshwa iLiverpool FC.

Umdlali weBarca uFerran Torres uthe kuyinto enhle ukuthi baye kulo mdlalo basefomini. “Kumnandi ukuya emdlalweni omkhulu kade unqobile, iningi labadlali bethu basefomini nabanye ifomu yabo ibuyile nokuyinto enhle. Lona kuzoba umdlalo onzima kakhulu ngeke sakuphikisa ukuthi iReal Madrid iyiqembu eliseqophelweni eliphezulu nathi ngokunjalo siyiqembu elinomlando omuhle,” kusho uTorres.

Scroll To Top