Now Reading
Kolokhu kukhanya ukuba yisibonelo ngobuholi kuMnguni
Dark Light

Kolokhu kukhanya ukuba yisibonelo ngobuholi kuMnguni

Ifana nobizo kuSibonelo Makhanya indaba yobuholi emlandela yonke indawo lapho ehamba khona.

Eminyakeni eyedlule uMakhanya uzifake emlandweni eba ngumdlali wokuqala ukuhola iqembu lesizwe lekhilikithi. Waqokwa njengokaputeni weqembu lesizwe lika-Under-19. Kule sizini yekhilikithi, uMakhanya uqokwe njengokaputeni welinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika, iTitans edume ngokukhiqiza abadlali abaphelela kuProteas.

Exoxa nelaboHlanga, uMakhanya udalule ukuthi ubuholi yinto eyaqala ukumlandela esemncane. ‘’Le nto yokuhola iqale ukungilandela ngineminyaka eli-13 emdlalweni wekhilikithi. Esikoleni ngiwahole wonke amaqembu ezigabeni engidlale kuzona. Esifundazweni sami, iKwaZulu-Natal ngibe ngukaputeni kuzo zonke izigaba. Ngiphinde ngahola iqembu lesizwe lika-Under-19. Eminyakeni eyedlule ngike ngathatha ikhefu ekubeni umholi ngagxila ekukhuliseni indlela engidlala ngayo. Nakhu namanje isiphinde yangilandela. Kuyacaca ukuthi yinto uMdali angibusise ngayo,” kubeka uMakhanya.

Ngowezi-2014, wayeyingxenye yeqembu lesizwe lika-Under-19, eladla ubhedu eNdebeni YoMhlaba. Ngonyaka olandelayo waqokwa njengokaputeni waleli qembu.

“Kuyinto enkulu kakhulu ukuhola iqembu elikhulu njengeTitans. Yinto engingayithathi kancane. Lena yingqayizivele yethuba lokufunda nokukhula kwazise ngikakwe yizingqwele nezingqalabutho. Ngijabule ngale nselelo engibhekene nayo njengamanje,” kuqhuba uMakhanya.

Ezingeni elikhokhelayo uqale ukudlala ngowezi-2014/15 kuDolphins. Ngowezi-2019, ujoyine iTitans.

“Angizange ngithuke ngesikhathi ngimenyezelwa njengokaputeni kuTitans. Ithimba labaqeqeshi like langibeka esethombeni ngasekupheleni kwesizini edlule ukuthi kungenzeka nginikwe izintambo zokuhola iqembu. Yinto engihlale phansi ngayidlela amathambo ekhanda. Ngemuva kwalokho ngibuke ukuthi kuzoba yisinqumo esihle ukuthi ngamukele inselelo efuze le. Ubuholi buzongikhulisa kakhulu njengomdlali kanjalo njengomuntu,” kubeka uMakhanya.

KuFirst Class usedlale imidlalo engama-72 wenza imigijimo engama-927. Unamawikhethi angama-24. KweyeT20 khona usedlale imidlalo engama-67 wahlomula ngemigijimo engama-699.

“Kimina kuyisibusiso ukubekwa kule ndawo angikuyona njengamanje. Leli yithuba elingijabulisayo neliletha injabulo empilweni yami. Likhomba ukuthi ikusasa liqhakazile. Okwami manje wukubona yisibonelo esihle eqenjini ngokuthi ngidlale kahle. Njengomholi ozakwethu kumele babukele kimina. Ngaphezu kwalokho kumele ngithathe izinqumo ezinomthelela omuhle empumelelweni yeqembu uma ngisenkundleni. Iyona yonke ingcindezi eza nokuba ngumholi kodwa ngiyilungele,” kulandisa uMakhanya.

Ngempelasonto edlule unqobele iTitans umdlalo ngewikhethi eyodwa eKingsmead.

See Also

“Ngeneme ngokuthi ngikwazile ukulibamba ngezandla zombili ithuba lokuwinela iTitans umdlalo ngesikhathi sibhekene neDolphins emdlalweni wethu wesibili weCSa One Day Cup,” kusho uMakhanya.

ITitans isanda kuqukula isicoco seFour Day Cup ngemuva kokuqeda esicongweni kulo mqhudelwano. “Njengamanje into esengiyibhekile wukunqoba i-One Day Cup. Siqale kahle kodwa futhi siyaqonda ukuthi angeke kubelula. Mina anginakho okutheni engizibekele kona ngaphandle kokuthi ithuba nethuba engilitholayo ngifuna ukunqobela iTitans imidlalo. Ngifuna nokusiza iqembu linqobe izicoco njengomholi,” kubeka uMakhanya.

KuTitans uhola izihlabani ezifana noQuinton De Kock, uDean Elgar, u-Aiden Markram noLungi Ngidi bonke abagijima kuProteas. Naye ufuna ukulandela ezinyathelweni zalaba badlali.

“Sengikhulile manje. Angisenayo iminyaka eli-19. Ukudlalela izwe lami ezingeni lomhlaba yinto esekhona ezinhlelweni zami ezinkulu. Ngisesimweni lapho ngiqonda khona ukuthi yini engiyidingayo ukuze ngibizelwe kwelesizwe. Ngeneme ngokuthi indlela ebheke kumaProteas ibukeka ikhanya. Ngizolokhu ngisebenza usuku nosuku ukuze ngifeze leli phupho. Angijahe ndawo. Uma sekwenzeka kuzokwenzeka. Uma sekuyisikhathi kuzokwenzeka.” kuphetha uMakhanya.

Scroll To Top