UGoliyathi noDavide: Iqhathwe neSundowns iDynamos
USihlalo weSummerfield Dynamos egila izimanga kuNedbank Cup, uCollin Naidoo akayingeni eyokuzihlupha ngokushaya iMamelodi Sundowns abazogadulisana kumaquarterfinal eKeYona.
Lo Sihlalo ophethe leli qembu laseChatsworth eligijima ku-ABC Motsepe League utshele elaboHlanga ukuthi into ayibhekile wukuthi iqembu lakhe lizibekisele indawo kuGladAfrica Championship.
ISummerfield iyona ezomela iKwaZulu-Natal (KZN) emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuGladAfrica.
Ngemuva kokuqeda esicongweni eqoqweni layo ngaphansi kweMotsepe League, eKZN, ezikaNaidoo zibe seziqumba phansi iFriends kowamanqamu obuwakhiwe imilenze emibili.
“Yize ngingathanda ukuthi sigile izimanga sishaqise iNingizimu Afrika ngokuthi sishaye iSundowns kodwa angifuni ukuqamba amanga lokho kuzoba ngumqansa. Ngikhuluma iqiniso nje elimsulwa. Nakanjani singathanda ukuphumelela umdlalo. Noma kunjalo kodwa iqiniso kufanele sibhekane nalo njengoba linjalo. ISundowns yilona iqembu elihamba phambili e-Afrika njengamanje,” kubeka uNaidoo.
Emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup, iSummerfield iguqise uThongathi ngo 1-0.
“Angisho ukuthi iSundowns ayishayeki kodwa kuzothanda ukuba ngumqansa ukuyibhincisela nxanye uma sikhuluma iqiniso. Konke kuyasiphikisa kodwa yibhola-ke leli, ebholeni kwenzeka noma yini. Engingakuqinisekisa wukuthi angeke siphenduke ihlaya. Ngiyalethemba iqembu lami. Lizolwa umdlalo uqala uze uyophela. Iqembu lethu liyalwa enkundleni,’’ kulandisa u
Naidoo. Ngempelasonto leli qembu eliphekwa ngumakadebona uClinton Larsen lithele othulini iSuper Eagles yaseNorth West ku-last 16 yeNedbank Cup.
“Kithina kuzosho lukhulu ukubhekana neSundowns. Phela asikaze sicabange ukuthi siyobhekana nayo. Ukudlala neSundowns yinto esiyibukela le kude. Sizibekele amasizini amahlanu ukuze sifinyelele kuDSTV Premiership. Ukuhlangana neSundowns manje kusho ukufezeka kwephupho lethu. Besingaziboni ngisho sidlala umdlalo wesihle neSundowns uma ubheka izinga esidlala kulona nezinga abakulo njengamanje,” kuchaza uNaidoo.
NgoMsombuluko, iSummerfield itomule iSundowns ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azoshukana kumaquarter final eNedbank, eGoli. IPSL izomemezela izinkundla, izinsuku nezikhathi maduze. ‘’Ukudlala neSundowns kunika ithimba umphakathi waseChatsworth namaphethelo. Kuzokwenza ubone ukuthi noma kungathiwa ukuliphi izinga kodwa ayikho into engenzeki uma uzimisele,” kuqhuba uNaidoo.
ISundowns isobozela kwasani oluphambi kwayo kula malanga. Muva nje isanda kumuhluza i-Al Ahly ekhaya nasekuhambeni kuCaf Champions League.
“Uhambo lwethu lakuNedbank Cup siluthatha njengendlela yokuzicijela imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuGladAfrica Championship. Kithina iyona into enkulu kakhulu asiyibhekile njengamanje,’’ kubeka uNaidoo.
ISummefield izobe ibheke ukulandela ezinyathelweni zamaqembu afana noMaluti FET College, i-ALS Puk Tawana neBaroka FC okungamaqembu agijima kuMotsepe League aseke adumisela amaqembu amakhulu ngezulu ekubeni enganakiwe.
“Seneme ngokuphinde sithole elinye ithuba lokumela isifundazwe emidlalweni kazwelonke. Kulokhu sizimisele ngokudla umhlanganiso ukuze sifeze isifiso sethu sokudlala kuGladAfrica Championship,” kusho uNaidoo.
Leli qembu libophele abadlali abafana noSandile Zuke, uSamuel Darpoh, uJabulani Nene noMenzi Chili bonke asebeke bagijima kuPremier Soccer League (PSL).
“Akusilona iqiniso ukuthi siyiziqumama zaku-ABC Motsepe League. Ngiyazi ukuthi iningi labantu lisho njalo ngoba nakhu libona sibophele iningi labadlali abake badlala ezingeni elikhokhelayo phambilini. Iningi labadlali lijoyine iqembu ngenxa yokuthi lisebenze kahle nomqeqeshi wethu uClinton Larsen phambili. Hhayi ngoba nakhu sibakhokhela itshe lemali. Ngifuna ukulincoma kakhulu igalelo lalaba badlali. Bayisibusiso eqenjini. Yibona abagqugquzela abadlali abasakhula. Bayisibonelo esihle kula bafana,’’ kuchaza uNaidoo.
Ithemba likhulu kubathandi bebhola ukuthi sizokwanda isibalo samaqembu aseKZN adlala kuGladAfrica.
“Umqeqeshi nethimba lakhe bashaya into ecokeme. Iqembu nje lilonke libambisene. Uma nibambisene izinto zenzeka kalula empilweni. Kudala ngangena ebholeni. Leli qembu ngaliqala ngowe-1991. Asinalo nje kuphela iqembu elidlala kuMotsepe League kodwa sinawo namaqembu ezinkulisa. Amaqembu ethu amancane adlala kusoseshini ngaphansi kukaSafa kanti sinelinye iqembu elidlala kuSAB League.” kuphetha uNaidoo.