Isimomazwe: Isishiphi e-Ukraine sizosulelwa kubafokazana



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umlando wamazwe uthungwe yizinto ezimbalwa. Phezulu eqhulwini kuba ngumnotho nayilapho amazwe lawa ehwebelana khona nokwenza umnotho nengcebo kugeleze. Okwesibili kuba yisidingo sezokuphepha nesenza amazwe akhe ubudlelwano. Uma sekufikwa e-Afrika kuba khona isizathu sesithathu nokuwumlando okunezelekayo, okuwumlando wobukoloni nayilapho amazwe ase-Afrika, umnotho nengcebo ngisho nenqubo yepolitiki igwamandwe ngamazwe angaphandle. Lezi zizathu ziyagqama uma kubhekwa ipolitiki yamazwe. Ngenxa yalokhu kugqama ubuxoki, ukwenzelela nobugovu bamazwe. Isibonelo salokhu yimpi eqhubeka e-Ukraine nethinta iRussia namazwe asentshonalanga aseka i-Ukraine.
Asiqale samukele ukuthi impi noma ngabe ibulele abantu abancane kangakanani kayamukelekile. Lena ese-Ukraine nayo ingena kulolo luhlu lwezimpi ezingamukelekile njengoba isibhibhuse ingqalasizinda yashiya nezinkulungwane zabantu zingondingasithebeni nemihambuma. Yona futhi le mpi seyibhixe amazwe ehlukene nasezithole esethatha uhlangothi. Okunye le mpi esikwenzile wukufaka ingcindezi iminotho yamazwe njengoba intengo kawoyela isigalawela nje. Ukugalawela kwale ntengo kusho ukwenyuka kwazo zonke izinto ezithinta uwoyela kusuka kuphethroli, amafutha okupheka nokuningi okuthinta impilo yansukuzonke.
Imibiko yongoti idweba isithombe esingesihle emananini emhlabeni jikelele. Amazwe asetshonalanga aseqalile ukuzwela kanti nenkulumompikiswano mayelana nalokho okumele kwenziwe. IRussia ingeyesibili enkulu ukukhiqiza igesi kanti futhi ingeyesithathu ukukhiqiza ithengisele amazwe uwoyela emhlabeni okuwukuthi noma yiluphi unswinyo olubekwa embonini yokuthumela imikhiqizo yamandla kuzodlavuza umnotho wayo [iRussia]. UNathan Piper, inhloko yocwaningo lwezegesi nezowoyela e-Investec, uthe yize kufakwe unwinyo ekuthengiseleni amazwe uwoyela negesi kwaseRussia ukuthengisela amazwe bekusesimweni esihle. ‘eqinisweni kuyinselelo’.”
Uthe uwoyela emhlabeni nezimakethe zegesi bekuvele kumfimfa ngaphambi kokuthi kube nempi e-Ukraine ‘ bekunenkeshezana ebingavala isikhala sokuthikamezeka kwemithamo yeRussia’.
“Umbuzo uthi bazilungiselele kangakanani abaholi base-USA nabase-Europe ukubekezelela amanani amba eqolo kawoyela nawegesi ukuba bengeze ohlwini lonswinyo,” etshela abeBBC.
IRussia ithe ingahle ivale iphayiphi elikhulu legesi eliya eGermany uma amazwe aseNtshonalanga eqhubeka nokunswinya uwoyela waseRussia.USekela Ndunankulu u-Alexander Novak uthe; “Ukunqatshwa kukawoyela waseRussia kuzoholela enhlekeleleni yezimakethe zomhlaba,” okuzobanga ukuthi kuphindeke kabili amanani kawoyela afinyelele ema-$300 umphongolo. I-USA, nabahambisana nayo, ibihlongoza ukunqabela integiselwano njengendlela yokujezisa iRussia ngokugasela kwayo e-Ukraine. Kodwa iGermany neThe Netherlands balichithile leli qhinga ngoMsombuluko. I-EU ithola cishe ama-40% egesi nama-30% kawoyela eRussia, futhi akulula bakuthole kwenye indawo uma kuphazamisekile.
Uma impi iqhubeka, ukuhlinzekwa ngowoyela nangegesi kuzophazamiseka, ngokusho kwe-International Energy Agency (IEA) ngoLwesithathu. Izigidi ezintathu zemiphongolo kawoyela waseRussia neminye imikhiqizo ngeke kukwazi ukufinyelela emakethe ekuqaleni kukaMbasa, uqagula i-IEA, njengoba unswinyo luzawula nabathengi begoqe izandla. I-IEA ibuye yathi nokudingeka kuzokwehla kodwa hhayi njengokungehla kwezinhlinzeko zeRussia.
INingizimu Afrika nayo ithintekile kulolu njengoba izingqapheli ziveza ukuthi kungenzeka ngenyanga ezayo intengo kaphethroli imbe eqolo nokuyoba kubi ephaketheni lomthengi kanye namanani ezinto ezweni. Lokhu kusho ukuthi impi le ingahle izwele nakubantu abangekho kuyo njengoba ukuhweba lokhu kukawoyela kuthinta wonke amazwe nemiphakathi.
ENingizimu Afrika, imininingo yesikhathi kuze kube zili-14 kuNdasa ikhombisa ukwenyuka kukaphethroli nodizili kubanikazi bezimoto, okuyingxenye yamanani kawoyela ongahluziwe ngenxa yokuhlasela kweRussia e-Ukraine.
Uma lezi zimo ezimakethe ziqhubeka kanye nalokhu kwenyuka kuba khona, kuzokwenza ukuthi inani likaphethroli liqombole futhi lifinyelele engqophamlandweni yenani eliphezulu. Izinguquko zamaphakathi nale nyanga zimi kanje:
- uPhethroli i-95 wenyuke ngama-R2.27 ilitha;
- uPhethroli i-93 wenyuke ngama-R2.19 ilitha;
- uDizili u- 0.05% wenyuke ngama-R3.12 ilitha;:
- uDizili u-0.005% wenyuke ngama-R3.26 ilitha;
- uPharafini Wokukhanyisa wenyuke ngama-R2.66 ilitha.