Now Reading
IBhubesi likaZulu lamukelwe yizizwe zonke
Dark Light

IBhubesi likaZulu lamukelwe yizizwe zonke

Ukubekwa kweMBUBE entsha kuzosho ukubuya kwezikhathi ezimnandi nemikhosi kaZulu


Ngiyabingelela bahlobo bami. Yimina uNobenguni.  Ngethemba ukuthi konke kuhamba kahle esikoleni kanjalo nasemakhaya. Kulabo okungahambi kahle, khumbula ukuthi izinsuku kazifana kusasa kuzobe sekungolunye usuku izinto sezingcono. Mina bengikhathele kuleli sonto ngoba kusuka ngoLwesihlanui olwedlule bengisemisebenzini emqoka yokukhumbula iSILO esidala esedlula emhlabeni ngonyaka owedlule. Njengoba wafunda kwelaboHlanga ngesonto eledlule, ngoMgqibelo owedlule bekuqopha unyaka iSILO sedlula emhlabeni.  Ngiyakhumbula kukhona isililo ezweni wonke umuntu ekhala ngokusithela kweSILO.  Siyibonile imigubho ebikhona wonke umuntu ehlonipha iSILO.

Okunye engaziyo ukuthi ukuzwile ngoLwesithathu yisinqumo esijabulise abaningi lapho uMengameli wezwe ubaba uRamaphosa amukele iSILO esisha, iNkosi uMisuzulu. Abanye bamangele nje ukuthi yini abantu abadala bejabule uma bezwa lezi zindaba. Abanye bezwakele besho isiqubulo selaboHlanga esithi “Inkosi eSibayeni”. 

Kepha kulaba abancane nabangazi ukuthi kwenzakalani ngibone kukuhle ukuthi sifundisane.  Uma ungaba nesithombe somqondo sokuthi sonke siyimvelo eyizilwane ehlala ehlathini elilodwa. Lapha sinenkosi yezilwane esiyihloniphayo IMBUBE elinye igama leBhubesi. ISILO esingasekho singasifanisa   neMBUBE endala.  Leli bhubesi labe lineNdlovukazi yalo okwabe kuyibhubesikazi elabe lidabuka ezweni elingomakhelwane kwaNgwane nalo lizalwa yibhubesi elidala lakwaNgwane okwakuthiwa nguSobhuza.  Ibhubesi eliyiSILO labe linamazinyane amaningi, awesilisa nawesifazane.  Kula mawundlu kwakukhona elilodwa nje abazali balo ababazi ukuthi uma bengasekho lizohola uZulu.

Igama laleli wundlu  baliqamba ukuthi nguMisuzulu Sinqobile kwasekuthi ugogo walo uMaphovela  yena waliqamba igama likaHlobesakh’sihlangu. Kuyamangaza ukuthi onke la magama aqanjwa khona ayexoxa indaba eyenzeka ngesikhathi sethu. Bheka nje ngoba njengoba bekuhambe iMBUBE sekuyindodana yayo ezoqhubeka imise uZulu. Kubukeka ingeke igcine lapho kepha kubukeka izokwazi nokuwunqobela njengegama aqanjwa lona. Nakhu okunye, njengoba kube nobunzima nje endleleni yakhe, igama likagogo wakhe lifana nesifundo, ukuthi kukhona izimo lapho kumele ume wedwa ulwe ngezakho izihlangu.

Kuleli sonto-ke kwenzeke lokho cishe obekulindelwe ngabaningi. UMengameli wezwe ubaba uRamaphosa wamukele lokho okwanqunywa yiNdlunkulu ukuthi izinyane leMBUBE akube yilo ISILO esisha. UMengameli ukusho lokhu emuva kokubheka zonke izimo zomthetho, nokulalela ngesimiso sikaZulu uma kuqokwa onjengeSILO. Ukumemezela kukaMengameli uRamaphosa kusho ukuthi kungekudala uZulu uzobizwa nguNdunankulu wesizwe uMntwana waKwaPhindangene ukuba kuzobuswa kubekwa iNkosi.  Ngelinye ilanga siyokwenaba ngoMntwana waKwaPhindangene nomnikelo wakhe emlandweni nasenkonzweni yeSILO.

Esingakusho ngoMntwana wukuthi njengoba kwabe kunjalo ekuqaleni njengoNdunankulu nelungu elidala leNdlunkulu kaZulu kulesi sikhathi esingangonyaka nguye obehlalelwe ngumsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi izifiso zeMBUBE neNdlovukazi ziyafezeka.  Wonke umuntu uyavuma ukuthi lokhu ukwenze kahle kakhulu njengoba ngesikhathi sakhe uZulu uzobuye abe nenye iNkosi.

 Uma sekumenyezelwe usuku lokuthi iMBUBE entsha ibekwe kulindeleke ukuba amabutho, amadala namancane, izintombi, osomabhizinisi, izikhulu zikaHulumeni, abaholi abamazwe babe khona. Ngiyazi nje ukuthi udadewethu esihamba naye uMkhosi WoMhlanga kanye nabanye esihamba nabo sizobe sikhona sihuba. Okunye esikujabulelayo wukuthi njengoba iMBUBE entsha isibekiwe nje kusho ukuthi isizobuye ibuye imikhosi yesizwe, kube kuhle njengoba kwakunjalo kusekhona iMBUBE endala.

See Also

 Phakathi kwemikhosi engaziyo ukuthi abantu bazotheleka kuyo ngobuningi yilowo woMhlanga oba ngoMandulo.  Omunye engaziyo ukuthi abesilisa bazotheleka ngobuningi babo yilowo wokukhumbula umbumbi wesizwe iLembe lapho kugcwala kakhulu abesilisa abasuke bevela kuzo zonke izindawo KwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika.

 Angikukhumbuze amagama esibiza ngawo ISILO. Sithi yiMbube, iNgonyama, Ongangezwe Lakhe, uHlanga Lomhlabathi noma uBayede!

 Khumbula uma wena, abangani bakho nesikole sakho  nifisa ukwazi kabanzi ngomlando kaZulu kanye nowabeNguni, ningangibhalela ku nobenguni@bayedenews.com.

Scroll To Top