Ubuchwepheshe buminxa miningi
Ubuchwepheshe sebaphenduka ingxenye yempilo yethu. Zimbalwa kakhulu izinto ezingasabusebenzisi ubuchwepheshe. Ubuwazi nje ukuthi nezitshalo zisebenzisa ubuchwepheshe obujulile ukuze sihlale sinokudla ezitolo? Ubuwazi ukuthi nezinkukhu nazo zikhululiswa ngobuchwepheshe? Wena wazi kangakanani ngobuchwepheshe? Namuhla sizoke sithi ukujula ngokwenzekayo emhlabeni jikilele siphinde futhi sihlole iqhaza lethu nathi singaboHlanga ukuba igalelo lethu lifinyelela kuphi. Engabe likhona yini iqhaza esilibambile thina ukuthuthukisa noma semukela osekwenziwe? Kukhona yini esisengakwenza okungakenziwa ngobuchwepheshe? Yini eyenza kuhlezi kunezinguquko ezingapheziyo ngobuchwepheshe?
Ake ubuze abangani bakho kanye nothisha esikoleni nabazali bakho niphicaphicane ngalezi zihloko ezilandelayo ngobuchwepheshe!
Wazini ngokusebenza kwezinto ngokwedijithali? Emva kokuhlaselwa wukhuvethe umhlaba jikelele konke ebesikwazi nebesikwenza kumane kwaguquka ngokuphazima kweso. Ukufunda nokufundiswa okunye okuthintekile kakhulu! Namuhla izikole seziyakwazi ukufundisa abafundi behleli emakhaya bese uthisha yena abe seklasini elidijithali afundise abafundi ngathi unabo egumbini lokufundela! Onombuzo uyakwazi ukuxhumana nothisha wakhe ngezindlela eziningi; okunye kungaba ukumbhalela ngaso isihloko uthisha kuyona le nkundla yokuxhumana okufundiswa kuyo, noma ukhulume bukhoma nothisha uphakamise isandla sakho njengasesikoleni kepha usebenzise isandla esiyidijithali okuthiwa yi-emoji. Uthisha uyothi angasibona isandla sakho akuphe imvume njengokujwayelekile.
Mhlawumbe uqaphelile ukuthi nabazali nabo sebasebenza behlezi emakhaya. Konke ababekwenza besehhovisi sebeyakwazi ukukwenza besekhaya. Bayakwazi ukubamba imihlangano yabo nozakwabo emsebenzini kuyona inkundla yedijithali. Abaculi bayakwazi ukushutha amavidiyo amaculo abo besemakhaya kepha uma isididiyelwe ivezwe isingokunye; kanjalo nethelevishini iyabusebenzisa lobu buchwepheshe osebusematheni kithina sonke ngesimo esiphoqwe izinguquko ilizwe jikelele.
Wazini ngobuhlakani bokwenziwa i-Artificial Intelligence (AI)?
Uma engekho umuntu ongakuluma indlebe ngalobu buchwepheshe soze wasola lutho. Namuhla uma weduka usuyakwazi ukubuza indlela nomkhondo walapho ulibangise khona ngosizo lweMaps & Directions oyithola kumakhalekhukhwini wakho. Kudala kwakuvame ukuthi ubuze abantu bakuleyo ndawo okungenzeka nabo bangayazi ncamashi indawo lapho ulibhekise khona. Kodwa lokhu akwenzeki kuMaps! Uma umbuza ngohambo lwakho ukufaka ngqo lapho oya khona, aze akunike ngesikhathi ozofika ngaso! Odumileyo kakhulu ngomsebenzi wakhe oncomekayo wuSIRI! Buza kubangani bakho; othisha bakho; kanye nabazali bakho ukuba engabe ubani uSIRI? Kuningi kakhulu esingakubala kulo mkhakha esithi noma sikusebenzisa singacabangi nokuthi siyakusebenzisa. Ubuwazi nje ukuthi ama-Ephu efoni yakho asebenzisa u-AI? Ubuwazi ukuthi uma usesha ku-inthanethi usuke usizwa wu-AI? Ubuwazi nje ukuthi irimothi yakho yokuvula isango noma umnyango wegaraji ekhaya konke lokku kusebenzisa ubuchwepheshe buka-AI?
Wazini nge-3D printing
Lobu ubuchwepheshe obuhlanganisa imikhakha eminingana kubo bufezekiseke. Kuqala kumele wazi kabanzi ngokuKhoda nokuPhrogrema (Coding and Programming) okuyisigaba sokuqala esisetshenziswayo uma uzosebenza nge3D Printing. Ubuwazi nje ukuthi imqoka kanganani i-3D Printing kodokotela? Abantu abaxhunywa imilenze nezingalo nezitho eziningi zomzimba zisuke zenziwe ngabo ubuchwepheshe be-3D Printing! Namuhla inkinga yokweswela izitho zomzimba ezingasindisa impilo njengezinso; seziyenziwa kalula nje ngabo lobu buchwepheshe. Abugcini ngezitho zomzimba kuphela kepha i-3D Printing iyakwazi nokusakha isikole siphelele njengezwe laseMalawi. Indaba yokweswela izikole isishabalele eMalawi ngoba i-3D Printing yenza izinto lula ngokuphazima kweso futhi ayibizi okugagulayo njengobunye ubuchwepheshe obuxazululayo izinkinga ezinkulu. Noma yini ongahle uyicabange bese ukwazi ukuyakha ngokuhlela (design) uma ungalandela kahle imigomo yokuqala ye-3d Printing okuwukuKhoda nokuPhrogrema ungakwazi ukuthi uyenze. Lobu buchwepheshe busiza kakhulu ezikoleni ngoba benza abafundi bahlakaniphe kakhulu futhi basenze ngokuzikhandla besebenzisana nozakwabo nothisha. Ukusebenzisana nabafudi abanye ukuze kutholakale izisombululo zalokhu okusuke kwakhiwa kwenza nobudlelwano phakathi kwabafundi nothisha bande kakhulu okuyinto enhle negqugquzelwayo.
Wazini nge-Autonomous Technology (AuT)?
Lobu ke ubuchwepheshe busamdlalo ngoba benza bonke obunye ngcono futhi bube samdlalo! Lobu buchwepheshe siyakwazi ukubuthinta futhi sibusebenzise bukhoma ukufeza izidingo zethu. Kokunye sisindisa nezimpilo zethu emisebenzini ebucayi nenobungozi kakhulu. Ubuwazi nje ukuthi izimoto seziyandiza? Uthini ngedroni okwazi ukushutha izithombe; uphinde uthathe abantu; uphinde uhambise imithwalo; uphinde ungene nasemanzini? Kahle-hle okungenziwa yidroni kuningi kakhulu njengoba ikwazi nokulima amasimu iphinde idubule futhi emikhakheni yobusosha. Kube khona lokhu esikwazi ngamarobhothi akhiwe ngesiqu somuntu. Konke okwenziwa amarobhothi kuyisenzasamuntu kepha wona ongezelwe inhlakanipho ethe xaxa ngoba baningi abantu abenza irobhothi elilodwa nje vo! Amarobhothi lawa akwazi ukwenza imisebenzi eyizingozi kakhulu ezimpilweni zabantu. Emakhaya sinabo ubuchwepheshe be-AuT ahlanzekisayo; aphekayo nokuningi.
Wazini nge IoT?
Lobu buchwepheshe buwuchungechunge oluxuba konke okuwubuchwepheshe ngaphandle kosizo lomuntu. Amawashi anamuhla awumzekelo waloku njengoba ekwazi ukuba afunde ukushaya kwenhliziyo yakho; aphinde afunde amagxathi owathathaleyo uma uhamba; iphinde ikuphe imephu yalapho uhamba khona ngosuku; uma uwumuntu ojimayo iyakwazi nokukwazisa ngentuthuko yakho. Yonke le mininingwane uyaziswa yiwashi, akekho umuntu olisizayo ngalololwazi yilona iwashi elifunda izenzo zomuntu bese liqoqa lizixhumele ulwazi likwazise ngalo.
Abadlali abadlala ngamaConsoles bayakwazi lokhu. Uthi udlala umdlalo wakho ukwazise ngentuthuko yakho nesigaba okuso; ikuphe amacebo okunqoba umdlalo; ikwazise nokuthi ushoda ngaziphi izimoto noma izikhali ukuze unqobe; uma udlala kuqala kunabanye iyakuklomelisa ngokuthi xaxa okuzokusiza ukuba uphumelele kalule esigabeni ezinzima zomdlalo; ikwazise nangabanye abadlali abasemazweni ngamazwe ongakaze uhlangane nabo inqobo nje uma usesigabeni esisodwa nabo iyakunika lolu lwazi, ungayicelanga. Imishini esiyisebenzisa kakhulu esebenzisa lolu chungechunge lobuchwepheshe amaphrinta; namalambu lawa akhanyisa kuphela uma kunomuntu eduze kwawo; neminyango ezivulekelayo uma ungena iphinde izivalekele.
Njengoba usufundile ngobubuchwepheshe obumbalwa namuhla, ake usibhalele wenabe ngobuchwepheshe obukhonzile wena mathupha. Xoxela abangani bakho nabazali nothisha esikoleni ngethuba lemiklomelo yencwadi ezophumelela kulo mncintiswano. Wena nesikole sakho ningaklonyeliswa i-3D Programme ezolethwa esikoleni senu mathupha. Zinhlanu kuphela izikole ezizokhethwa kulesi sigaba. Ulwazi olugcwele luzofunyanwa uma seziqokiwe izikole ezidle ubhedu.