INkosi esibayeni: Kulindeleke ukuba kucime ilanga mhla singena ISILO



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
• Isimemezelo siqondane nosuku lomlando • Iyaviva inhlabathi amabombo abheka kwaNongoma
Ngaleli sonto ngonyaka owedlule akekho owabe azi ukuthi kuyosa uZulu uyiliphi. Kwabe kuwe umuthi omkhulu, kwebuze ISILO. Phakathi eNdlunkulu nasesizweni babe mbalwa abake babhekana nokungaka kwazise kwase kuphele iminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu lashona ilanga mhla kwebuza iNgonyama uBhekuzulu. Okwabe kusemqondweni wabaningi wukuthi engabe lobu buhle ISILO esidala esebuze ngonyaka owedlule buzohlala yini buqhakaza.
Akuphelanga zinsuku zingaki uZulu usathatha ubeka ngekusasa zaphinda futhi iZinyandezulu zavakasha eNdlunkulu kaZulu zakha iNdlovukazi uMatfombi waKwaKhangelamankengane. Lesi simo sengeza ubuhlungu isizwe esabe sikubo njengoba abazali bobabili babengasekho ekhaya nasesizweni. Nokho ubuhlungu obukhulu kwaba ngokwalandelayo lapho umuzi weNkosi wehlukana phakathi. Kwaba nokungqubuzana phakathi kwabanye eNdlini kaBhusha, iNgonyama uBhekuzulu kanye nabanye eNdlini yeNdlondlo iNgonyama uZwelithini.
Okwabe kubangwa ngozoba yiNkosana yeNdlondlo noZulu. Amagama aqala ukuvela uma sekufundwe izifiso zeNdlovukazi ukuba izibulo lakhe uMntwana uMisuzulu Sinqobile kube nguye njengokulandela isiko. Kwabadala eNdlunkulu ababe ngaphesheya kulokhu kubalwa aBantwana uMboniso Zulu, uThembi oganele kwaNdlovu noMntwana uVulindlela bonke abazalwa yiNgonyama uBhekuzulu. Abanye ababe ngaphesheya ngabeNdlu yaKwaKhethomthandayo nabazalwa yiNdlunkulu uDlamini. Kuhambe kwahamba kwabe sekuvela ukuthi kunegama loMntwana uSimakade ozalwa yintombi yeSILO esidala nomdala kubo bonke abeNkosi ngeminyaka. Ababephikisa elabe liphakanyiswe njengeleSILO yiNdlovukazi baphakamisa uMntwana uSimakade ukuba kube nguye othatha emuva kweNdlondlo.
Kuhambe kwahamba lavela nelinye igama kubantwana beSILO kwaDlamahlahla. Igama elavelayo yize yena qobo engakaze athi vu ngeloMntwana uBuzabazi. Sekungumlando ukuthi lo mbango uze wathinta neHhovisi likaMengameli njengokulayela komthetho, yena ojube ithimba eliholwa nguDkt uMaDlamini Zuma yena owajuba iKomiti elabe liholwa ngowayenguNdunankulu wesifundazwe uMnu uWillies Mchunu. Okwabe kumqoka ngala mathimba wukuthi kuqhanyukwe nezincomo nezabe zizolekelela uMengameli. Yize olunye udaba oluseceleni belibe sezithebeni zeNkantolo Enkulu nebelifakwe ngabaphikisa izifiso zeSILO, obeluqondene ngqo nombango yilo leli ebelifakwe uRamaphosa ngaBantwana laba abebephikisana nosephakanyiswe njengeSILO.
Isimemezelo sikaMengameli sikuqede konke ukukhuluma njengoba besilandela iSigaba 8(3)(a) no(b) woMthetho Wobuholi BoMdabu NobamaKhoi-San wezi-2019. Ngalesi sinqumo sakhe uRamaphosa uthe: “Ukuhlala eSihlalweni kweNgonyama uMisuzulu Zulu isigaba esisemqoka nasemlandweni obalulekile wamaZulu. INgonyama iyona ethatha isihlangu sikayise okhondolweni olude lombuso osemqoka owalwa ngesikhulu isibindi nangokuzinikela ukuze abantu bahlale ngokunethezeka nangokuphepha. Ngihlanganyela nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekufiseleni iNgonyama uMisuzulu Zulu ekuholeni okude nokunempumelelo, kusho uMfo kaSamuel. Lokhu kukhuluma kunanelwe yizinkulungwane zabantu kuleli naphesheya kwezilwandle. Izinkundla zokuxhumana kulalwe zingamile abantu bebonga lezi zindaba. Nokho bekukhona nabebetshengisa ukudumala kakhulu ngasohlangothini ebeleseka uMntwana uSimakade. Laba bafungile kuzo ezokuxhumana ukuthi, “Yima uqala-ke umbango.”
Egameni leNdlunkulu noZulu, uNdunankulu wesizwe uMntwana waKwaPhindangene uphawulile: “INdlunkulu neHhovisi leSILO sebezinikele ekusebenzisaneni noMengameli njengoba sezizoqala izinhlelo zokubekwa kweSILO”. UMntwana uthe kuyoba khona ikomiti elizobhekana nalo msebenzi. Ube esebonga uZulu ngobunye nokubekezela phezu kwezingqinamba. NoHulumeni waKwaZulu-Natal ngomlomo kaNdunankulu uZikalala naye wamukele isinqumo sikaMengameli. Esitatimendeni uKhuzeni uthe isimemezelo sithukulule ifindo nokungaphetheki kodaba oluthinta iSihlalo selokhu kwebuza ISILO esidala.
INyosi uMdletshe ebibongela ISILO esidala nesaqhubeka nokubongela esisha iveze ukujabula kwayo ngesimemezelo sikaRamaphosa yamncoma ngokuhlonipha isiko.
“UMengameli wamukele isiko lethu Zulu esilaziyo. Uma singalandela isiko leli lokungena koMntanenkosi kwaZulu evela kwaNgwane siyokwamukela ukuthi iNkosi kayiqokwanga nguRamaphosa noma uHulumeni futhi kayiqokwanga ngabaphilayo kepha ize kithi ngobuhlakani beZinyandezulu,” kusho umfo kaSombila. Uqhube wathi ngisho abakwaNgwane babebazi ubumqoka bokuza kweNkosazane yabo kwaZulu nalokho eyabe izokwenza.
“Uma ixoxa intombi kaSobhuza ithi mhla iphuma kwabo iNgwenyama uSobhuza yamphalazisela enhlambelweni lapho iNgwenyama uSobhuza ayephalazela khona. Lokhu nje kukodwa kukhomba ukuthi neNgwenyama uSobhuza yabe yazi ubumqoka bokungena kweNkosazane yakhe kwaZulu, nokuthi izokwenzani,” kuphetha uMdletshe.