Basabele ukubhebhetheka kwempi eMali kuhoxa iFrance



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IFrance isazowasekela amasosha aseMali alwa namaqembu ezidlamlilo eSahel ngisho nangemva kokuhoxiswa komkhankaso wayo wokulwa nobushokobezi, kodwa kuphela lapho izimpi zaseRussia zingekho khona, kusho umkhuzi wamasosha ngoLwesihlanu.
Umbuso waseMali owake waba yikoloni umemezele ngenyanga edlule ukuthi uzokhipha amasosha azi-2 400 aqale ukuthunyelwa eMali cishe eminyakeni eyishumi edlule, ngemuva kokuba ubudlelwano nebutho elibusayo lezwe bube muncu ekuqaleni kwalo nyaka.
Kwaqubuka ukungezwani ngesinqumo seJunta sokuhlehlisa ukhetho lwentando yeningi ngoNhlolanja, kanye nokusebenzisana nosonkontileka abazimele beqembu laseRussia iWagner. Kodwa umkhuzi we-Operation Barkhane, uGeneral Laurent Michon, utshele isithangami sabezindaba eBurkina Faso engumakhelwane ukuthi iFrance izoqhubeka nokuhlinzeka ngosizo lwezindiza ezindaweni ezingenabo abaqhashwe njengamasotsha yiRussia. “Sizoqhubeka nokusiza emoyeni ngokuqeqesha abantu abaphansi abakwazi ukushayela izindiza, ukubaqondisa,” esho, wengeza ngokuthi kuzonikezwa ukwesekwa okufanayo kumasosha aseBurkina Faso naseNiger, nayo ehlanganyela umngcele Mali. Umkhulumeli wamasosha aseMali akazange aziphendule izingcingo zokuthi aphawule.
Izwe belidonsa kanzima ukubusa kumavukelambuso asebenzisana ne-al Qaeda kusukela ashaqa ugwadule lwalo ngowezi-2012, nokwenze iFrance yathumela amasosha ukuba awabuyisele emuva ngonyaka olandelayo. Amasosha, manje asexhumene ne-Islamic State, ahlangane kabusha eminyakeni yakamuva futhi ashaqa izindawo zasemaphandleni naphezu kokuba khona kwamabhuzu angaphandle kanye nabagcini bokuthula be-UN.
Kunokwesabela ukuthi ukuhamba kweFrance kungase kucekele phansi imizamo yokuqeda udlame oselusabalele naseNiger, eBurkina Faso nakwamanye amazwe angomakhelwane, kwashona izinkulungwane futhi kwaxosha izigidi. Kushone okungenani abantu abali-10 kwalimala abaningi eBurkina Faso ngoLwesihlanu ngesikhathi amasosha ehlasela indawo yokumba igolide enyakatho nesifundazwe iSeno, esemngceleni weNiger, kusho isikhulu sikaHulumeni Wendawo kanye nomthombo wamasosha. I-Operation Barkhane izothatha izinyanga ezine kuya kweziyisithupha ukuhoxisa amasosha ayo eMali.