Now Reading
UMlayezo weSILO uMisuzulu kaZwelithini eMkhosini WaMaganu, eSigodlweni eMachobeni mhla zi-5 kuNdasa ngowezi-2022
Dark Light

UMlayezo weSILO uMisuzulu kaZwelithini eMkhosini WaMaganu, eSigodlweni eMachobeni mhla zi-5 kuNdasa ngowezi-2022

Namuhla sihlangene lapho sekusele izinsuku ezingaphansi kwesonto sikhumbule lokho okwasehlelayo ngoLwesihlanu ekuseni mhla zilishumi nambili kuNdasa ngonyaka wezinkulungwane ezimbili namashumi amabili nanye (2021). Ngalokuya kusa isizwe sonke savuka ngezindaba zokuthi ISILO esidala sesebuzile, sesiNyandezulu. Yize ngenxa yokholo kanjalo nosiko sasazi ukuthi ukwebuza kwaso kwabe kungasho isiphetho, kepha ngakho ngoba singabenyama sezwa ubuhlungu obumangalisayo. Lobu buhlungu abubanga bikho eNdlunkulu kuphela kepha nasesizweni, kwabancane nabadala. 

Enkulumweni yaso yokugcina esizweni nesayethula ngosuku lokugubha ukunqoba kukaZulu eSandlwana, ISILO esidala sasifundisa okumqoka njengoZulu naboHlanga jikelele. Enkulumeni yaso ISILO esidala sakhuluma ngalokho esakubiza ngomoya waseSandlwana. Lokhu sakubeka njengesimomqondo lapho uZulu uma ubhekene nenkinga nayinoma ngeyaluphi uhlobo uqinisekisa ukuthi ubhekana nayo njengesizwe. 

Ekuchazeni kwaso saveza ukuthi uMkhumbi Wempi kaZulu waya eSandlwana ngonyaka wenkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye (1879) kukhona ukungaboni ngasolinye kusuka eNdlunkulu kuya esizweni ngaleso sikhathi. Nokwathi kungezwakala ukuthi abahlaseli bamaNgisi sebeqe imigcele bezohlasela, uZulu wathatha isinqumo esawunqobela, wanquma ukuba ubumbane ubhekane nesitha okunye ukubheke ngelinye ilanga. Sekungumlando ukuthi leso sinqumo senza uZulu owabe ubhekene nesiqhwaga esaziwayo okungamaNgisi waba ngabanqobi ngalolo suku. 

Ngithi lesi kwaba yisifundo Zulu ngoba akuyona imfihlo ukuthi emuva nje kokwebuza kweSILO esidala neNdlovukazi, iGwalagwala, iNdlunkulu yaba nokwehlukana ngokombono entweni emqoka. Akuyona futhi imfihlo ukuthi okwabe kungabonwa ngasolinye kukho kumqoka hhayi kuphela kuyo iNdlunkulu qobo kepha kumqoka kakhulu kini ngoba kuyisimiso salokho okusenza sonke sithi singuZulu. 

KuseNdlunkulu lapho kuhleli khona umsamo wesizwe. Ngakho uma kubuna khona kuyonakala nakuZulu wonkana. Kungenxa yokwazi lokhu nanamuhla njengoba bengihlale ngenza ngixolisela iNdlunkulu kini Zulu. Ngixolisa ngoba ngazi ukuthi lokhu kunihlukumeze kanjani, nokuthi kuphazamise kanjani ubunye esizweni. Kuzo zonke izinsizwa, uMkhumbi Wempi kaZulu iSILO esidala okuthathe iminyaka ukuba sizithunge ngithi buyelani kulokho enabe niyikho, abavikeli befagugu lethu iSihlalo. Lesi sizwe samiswa ngoyihlo endulo, kanti nani ninesibopho sokuba nivikele ubunye bethu. Ningavumi izivunguvungu zegceke zinidunge. Esikhathini engizosimemezela ngizohlela ukuhlangana nazo zonke izinduna ukuze sipholise lapho okungenzeka ukuthi ngeziphithiphithi zeNdlunkulu kube nokusibuyisela emuva njengesizwe. 

Komama nezintombi zikaZulu, nina eniyisithako esimqoka ekubunjweni kwalesi sizwe nenenze lukhulu nibambisene neSILO esidala neGwalagwala ukubuyisa nokusabalalisa amasiko ethu njengoMkhosi WoMhlanga neminye. Nakini ngithi phephisani. Nonyaka iMikhosi yethu yonke izoqhutshwa njengokwejwayelekile futhi ikhule kunalokhu ebiyikho. Ngiyabonga ukuma kwenu lapho nabe nishiywe khona yiSILO esidala neGwalagwala. Ngiyazi ngikhulumela uZulu wonke uma ngithi siyaziqhenya ngalokho esenikwenze iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu. Nakini njengoba ngizokwenza ezinsizweni ngizomemezela uhlelo lapho ngilekelelwa nguNdlunkulu okaMayisela kanye neNdlunkulu yonkana sizoba nokubonisana ekutheni imikhosi ethinta nina nonyaka neminyaka ezayo izohamba kanjani. 

Kinina Makhosi ezizwe izinsika zeSihlalo ngiyabonga ukuma lapho oyihlo nokhokho benu endulo ababemi khona. Ngiyazi ukuthi iziphithiphithi lezi zinidumaze kanjani. Ngiyazi ukuthi ubukhona benu njalo buqinisekisa ukuthi lesiSihlalo phezu kwezivunguvungu kasiyi ndawo. Ngokwenza kwenu ngisibonile iSILO esidala ukuthi sisaphila kini. Ngaqinisekiseka futhi ukuthi nami njengokhonjwe ngumunwe womlando ukuba ngihlale eSihlalweni esafungelwa ngoyihlo endulo ukuthi niyangiphilela. Ngiyazibophezela ekuthini njengoba bekwenzeka nakulokhu akukho engiyokwenza ngingabonisananga nani. Ngokubonisana noNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene kanye nohlaka olukhona okuyiNdlu yaMakhosi sizohlela ukuthi sihlangana nini ukuze sihlele ukuthi leli leNdlovukazi uMthaniya liphathwa kanjani. Nina niyizinsika zeSihlalo, iziqonga uqobo. 

Kinina Ndlunkulu kaZulu, endala nencane ngithi boNdaba sekwenzeke konke singumndeni. Engikucela kini wukuba sonke sibuyele ezigabeni zethu ngoba uma senza njalo siyohlonipheka thina kuqala. Asikwazi ukuhola isizwe uma thina qobo sehluleka ukuholwa. Uma ngisho njalo ngisho khona ukuthi iNdlunkulu le esikhulele khona sonke inoholo lwayo, bakhona abadala abangobaba, bakhona abangomama. Sinenhlahla ngoba bakhona nogogo nomkhulu lapha eNdlunkulu. Ikhona nemizi yalapha ekhaya nakhona okukhona ubuholi bakhona. Ngithi boNdaba asibuyisele ukuhloniphana nokuhlonipheka kweNdlunkulu endaweni yabo. 

Kithi thina esaba nesibusiso sokuzalwa yiNgonyama ngithi sonke sizalwa yindoda eyodwa eyasifundisa ukuthi ubuhlungu boyedwa wubuhlungu bethu sonke. Umoya weSILO esisizalayo uyophila noma ushabalale kithi, ngendlela esenza ngayo izinto. Komama bethu bonke njengoba kwakunjalo kuthangi nayizolo, nanamuhla nisengabazali bethu esibathanda ngendlela efanayo. Nisikhulisile nabheka neSILO esidala kwaze kwaba sekugcineni. Ukusihlonipha nalapho sikhona sizoqhubeka nani sininike indawo yenu. 

See Also

Namuhla njengeNkosana yeNdlunkulu ngokukhonjwa ngumlando kanye neNkosana kaZulu ngelula isandla soxolo kwabakwethu ngithi sonke kusuka manje asiphiliswe ngumoya weSILO esidala. Sithi kawuvunguze kithi, kuzo zonke iZigodlo nakuzo zonke iZindlu zakwethu. NjengeNkosana kaZulu kuwumsebenzi wami ukuba ngibumbe zonke izindlu zakwethu nesizwe sonke. Lo msebenzi ngiwulungele futhi sengiwuqalile. Ngesami isikhathi iNdlunkulu izobumbana, aMakhosi ezizwe azoba munye kanjalo nezinhlaka zoBukhosi zonke zizobumbana, lesi yisithembiso engisenza kimi naphambi kweZinyandezulu noMvelinqangi. 

Uma sengigxila kulo Mkhosi wanamuhla wamaganu ngiyafisa ukuqinisekisa ukuthi njengoba kwabe sekuqaliwe, ukuthi yonke imikhosi yethu ingagcini nje kuphela ngokuqhakambisa amasiko ethu amahle kepha ikwazi nokuba yingxenye yokwakhiwa komnotho wendawo. Kungaba yisono ukuba sithi sanikwa amasiko amahle kanjena kanye nomhlaba omuhle kanjena bese singawenzi lutho ukuziphilisa. 

Ukubambisana naMakhosi nezizwe kumqoka ngoba lonke leli leNdlovukazi uMthaniya liyadinga ukuba lithuthukiswe ngokubambisana. AMakhosi amqoka kulokhu yingakho nawo kumele elekelelwe ekwenzeni imikhosi engamasiko endawo kuthi kufika kuleli elikhulu kube sekwenzekile ezindaweni ngezindawo ngoba ekwenzeni njalo siyoqinisekisa ukuthi isithebe somnotho sifinyelela kuwo wonke umuntu. Ngimema osomabhizinisi nosozimboni ukuba nabo basondele ukuze sakhe uhlelo oluqondile lokuthuthukisa umnotho ezindaweni ezenganyelwe nguBukhosi. Lokhu singakwenza ngokubambisana. Nakuwo uHulumeni ngisho okufanayo ukuthi kawusondele ukuze sithuthukise isizwe, sithuthukise namasiko ethu nayilifagugu lethu njengalo Mkhosi Wamaganu 

Ngiyabonga Zulu ondlela zimhlophe.

Scroll To Top