Now Reading
Uhlonishwa phesheya kwezilwandle kunakuleli
Dark Light

Uhlonishwa phesheya kwezilwandle kunakuleli

Eminyakeni eyisishiyagalolunye eyedlule ababaningi abantu bakuleli abangabalandeli bomculo abebemazi uBongezizwe Mabandla. Le nsizwa yakwaTsolo esifundazweni i-Eastern Cape isiphumelele ukuzifaka ezinhliziyweni zabathandi bomculo nobuciko ngokungagcini nje kuphela ngokuba ngumculi, kepha iphinde ibe ngusonkondlo, umdidiyeli nombhali womculo. 

Uhlobo lomculo aludlalayo ngoluxube kakhulu izinsimbi bese ethathisela lapha nalaphaya ngolwimi lwesiXhosa olwaziwa ngefolk genre. Azakhele kukho udumo ukudlala isiginci esinenkosi phakathi. Ukusuka kwaTsolo ayozinza eGoli kwamsiza kakhulu njengoba esethathwa njengomunye wabaculi abazoba yiphimbo elimqoka ezwenikazi i-Afrika.  

Ubufakazi balokhu bugqame obala ngonyaka odlule ngesikhathi ebamba amakhonsathi e-Europe nasemazweni ahlukene e-Afrika. Akagcinanga lapho kodwa ubuye waphothula ne-albhamu yakhe okungabuzwa ukuthi izomthatha imbeke kwelinye izinga njengeciko eliphiwe ekudlaleni isiginci. 

Abanye babalandeli bakhe baze bambeke ezingeni likamufi uSipho Gumede. I-albhamu yakhe esihloko sithi iimini yandulelwa izingoma ezimbili okungama single azikhipha ngonyaka odlule okukhona ethi, “Zange” nethi “Jikezela”, izokhishwa zingama-28 kuNdasa eLondon nakuleli. 

Ngowezi-2012 wakhipha i-albhamu esihloko sithi, “Umlilo”kwathi ngowezi-2017 wakhipha ethi”Mmangaliso” Umsakazo waseFrance, iRadio France Internationale (RFI) usanda kuchaza leli ciko “njengomlingo wesikhathi samanje” emuva kokulalelwa komculo wakhe.  Usanda kuba nengxoxo nephephabhuku laseBritain elibhala kakhulu ngomculo iSonlines.  

Abantu bangaphandle kwaseNingizimu Afrika baqale ukuqaphela leli ciko ngesikhathi libalwa nabalishumi kowamanqamu emncintiswaneni i-2011 Radio France Internationale Discoveries Awards, okwalandela ukukhipha i-albhamu umlilo. 

See Also

Waqala ukucula esemncane ebandleni ayekhonza kulo nasezikoleni emabangeni aphansi. Wafudukela eGoli lapho enza khona izifundo zeDrama, esebenzisa ubuciko ukuxoxa izindaba. Wayebukela kubaculi abayizinkakha baphesheya nakuleli njengoTracy Chapman, iThe Fugees, uJabu Khanyile, uBusi Mhlongo neBongo Maffin. 

Usesebenzisane nezinkakha zabaculi bangaphandle kwakuleli njengomdidiyeli uTiago Correira-Paolo waseMozambique. Isifiso sakhe ukuqhubeka nokusebenzisana nabaculi abehlukahlukene ukuze azibeke kubalazwe. 

Scroll To Top