Ulaxaze iqembu laphesheya uXulu kwathukuthela umphathi


Kuvela izindaba zokuthi kube nokungaboni ngasolinye phakathi kwezikhulu noXulu okwenze kwagcina kufinyelelwe esivumelwaneni sokwehlukana kwezindlela
Uthukuthele uthelwa ngamanzi umphathi wezindaba zikaSiyanda Xulu osanda kuhlukana neqembu lakhe laphesheya iHapoel Tel Aviv F.C. yakwa-Israel. UPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency akakufihli ukuthi udumele ngokwenziwe uXulu.
Lo mdlali odabuka KwaMashu, eThekwini uthathe isinqumo sokunqamula inkontileka yakhe naleli qemu obekumele iphele ngoNhlangulanga. Exoxa nelaboHlanga, uMitchell akazange akufihle ukuthi udumele ngendlela iTel Aviv esingathe ngayo udaba lukaXulu.
“Ngemuva kokungaboni ngasolinye phakathi kukaSiyanda Xulu neqembu lakhe izinhlangothi zombili zithathe isinqumo sokuthi kuhlukwane. Inkontileka kaSiyanda ibivele iphela ngoNhlangulana. Izingxoxo zenkontileka entsha besingakaziqali. USiyanda usijabulele isikhathi sakhe neTel Aviv. Ubedlala njalo futhi ufake isandla empumelelweni yeqembu,” kusho uMitchell.
UXulu kuvele izindaba zokuthi uvele wanyamalala esithubeni iqembu lakhe lingazi. Ngokwemibiko eqhamuka kwa-Israel kuthiwa lesi senzo sizidine kakhulu izikhulu zeqembu kodwa uMitchell uyichithile le mbiko wathi ingamampunge futhi idicilela phansi isithunzi sikaXulu.
“Kunemibiko esabalele engemihle ngoSiyanda. Ngifuna ukucacisa ukuthi ayisilona iqiniso. USiyanda akakaze abenerekhodi lokuzingaziphathi kahle. Ngisho izinto zinzima kangakanani kodwa ubhekisa phansi ikhanda aqhubeke nomsebenzi wakhe. Ungumfana oqinile ngokomqondo. Akathathi isinqumo ngenhliziyo. Ngakho amahhebezi aphethelene nokungaziphathi kahle noma ukungahloniphi imigomo yeqembu ayisilona iqiniso. Sidumele ngale mibiko ngoba yehlisa isithunzi sakhe,” kuchaza uMitchell.
UXulu ubesephenduke insika kuTel Aviv. Kule sizini udlale imidlalo eli-18 kwengama-23 esidlalwe yeleli qembu kweyeligi. Isiyonke imidlalo ayidlale kuleli qembu kumasizini amabili ingama-53.
“Angithandi ukungena kakhulu emininingwaneni yokungaboni ngasolinye phakathi kukaSiyanda neTel Aviv. Njengeqembu elikhulu kwa-Israel ngiyabahlonipha kakhulu. Ngeke ngathanda ukuneka izinkinga ezibe khona phakathi komdlali neqembu emphakathini. Yingakho ngihambisa inhlonipho phambili. Kona angeke ngifihle ukuthi ngithukuthele ngendlela iqembu elisingathe ngayo lolu daba. Mhlawumbe nawe uyezwa njengoba ngikhuluma ukuthi le ndaba iyanginenga,” kulandisa uMitchell.
UXulu oteketiswa ngokuthi uMagazi usohlwini lwabadlali ababizwe ngumqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos.
IBafana izodudulana neGuinea ngomhla zingama-25 kuNdasa eBelgium bese kuthi ngomhla zingama-29 kwephezulu ishukane neFrance eLille.
UXulu kubhekwe ukuthi ayibambe noRushine de Reuck weMamelodi Sundowns phakathi nenkundla emuva kule midlalo emibili.
“USiyanda ngumdlali weqembu lesizwe. Unesicoco asinqobe eRussia kanti udlalile nasemaqenjini amakhulu eNingizimu Afrika. Lapha sikhuluma ngomdlali weqophelo eliphezulu. Angeke athwale kanzima ukuthola iqembu elisha. Maningi amaqembu aseke asithinta ekhombisa intshisekelo yokusayinisa uSiyanda emazweni ahlukene. Akhona amaqembu amfunayo eNingizimu Afrika, phesheya kwezilwandle nasemaqenjini asenhla ne-Afrika. Angeke sixhamazele. Sizohlala phansi sizibheke zonke izicelo bese sithatha isinqumo esifanele,” kusho uMitchell.
KuPremier Soccer League (PSL) , uXulu udlale kuMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs neMaritzburg United. Ngaphambi kokuthi abhekise amabombo kuTel Aviv uqokwe njengomdlali wasemuva ovelele eMzansi.
“Ungukhiye eqenjini lesizwe. Udlala kahle kakhulu kusukela uHugo Broos ethathe izintambo. Ngihlalele ethembeni lokuthi uzoqhubeka nokwenza kahle kwelesizwe uma selibhekene neGuinea neFrance. Izesheli zakhe zizophinde zihlabane ngelinye ithuba lokumbukela eduze. Njengoba ngishilo angeke sixhamazele. Ngemuva kwemidlalo yeqembu lesizwe sizohlala kahle phansi noSiyanda sibone ukuthi yini ayidingayo nokuthi izicelo anazo ziyahambisana yini nezimfuno zakhe,” kubeka uMitchell.
Kwelesizwe usedlale imidlalo eyisishiyagalolunye.
“USiyanda akaseyena umdlali omncane. Kukho konke esikwenzayo kumele sicabangele nekusasa lakhe. Yizona zonke izinto ezizoba ngukhiye uma esethatha isinqumo. Ufuna ukusiza iBafana izibekisele indawo ku-Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo. Usenesifiso futhi sokudlala kweyeNdebe YoMhlaba neqembu lesizwe.” kuphetha uMitchell.