Okaputeni boHlanga basendleleni yokuhola awesizwe kwimpumelelo
Kungase kukhonye okaputeni abamnyama emaqenjini esizwe obekugcwele kakhulu abebala elimhlophe eminyakeni eyedlule. USiyamthanda Kolisi usevele uziqophele umlando kumaBhokobhoko ngokuba ngukaputeni wokuqala emlandweni webhola lombhoxo eNingizimu Afrika ukuvikela isicoco seNdebe yoMhlaba. AmaBhokobhoko asenqobe eyoMhlaba amahlandla amane. Ayiqale ngo-1995 ngaphansi kobuholi eNingizimu Afrika bukaFrancios Pienaar kwathi ngowezi-2007, uJohn Smit wahola elakuleli ngempumelelo eFrance. UKolisi ungukaputeni wokuqala omnyama ukuhola amaBhokobhoko emlandweni. Ngowezi-2019, wasiza ezikaRassie Erasmus zakhala zemuka neNdebe yoMhlaba kwelaseJapan. Ngempeleasonto eyedlule ukuphindile lokho eFrance.
Phakathi kukaPienaar noSmit akekho owakwazi ukuvikela iNdebe yoMhlaba.
Le nsizwa edabuka eGqeberha iwubhale kabusha umlando. Ilandele ezinyathelweni zingwazi yaseNew Zealand, uRichie McCaw onqoba iNdebe yoMhlaba imiqhudelwano ilandelana okokuqala ngowezi-2011 nangowezi-2015.
UKolisi umemezele ukuthi akazimisele ngokuthatha umhlalaphansi ngesikhathi exoxa nabezindaba esikhumulweni sezindiza, e-OR Tambo International Airpot, ngoLwesibili ekuseni.
“Ngiyazi ukuthi kuningi ukuqagela ngekusasa lami. Ngifuna ukucacisa ukuthi angikawuthathi umhlaphansi eqenjini lesizwe.
Ngizimisele ngokuqhubeka nokudlalela izwe lami ngoba izinyawo nomzimba kusavuma,” kuchaza uKolisi. AmaBhokobhoko amukelwe yizinkumbi zabalandeli bezemidlalo ngesikhathi etheleka neNdebe yeWeb Ellis kuleli ngoLwesibili.
“Ayikho into engijabulisa njengokubona zonke izinhlanga zimelelekile eqenjini lesizwe.
Okwesibili kujabulisa nokubona ukukhula kwesibalo sabadlali bebala elimnyama. Hhayi nje ukuthi ngabadlali bebala elimnyama kodwa ngabadlali abakufanele ukuba yingxenye yeqembu lesizwe. Abafakiwe nje kwelesizwe ngenxa yebala labo kodwa bafakelwe ikhono labo. Washo uRassie noJacques ukuthi bafuna iqembu liwine ngesikwati lapho zonke izinhlanga zimelelekile futhi sonke siyakubona lokho. Eminyakeni eyedlule kunabadlali abangazange balithole leli thuba. Kumqoka ukuthi sihloniphane ngokwamasiko esiqhamuka kuwona. Hhayi kumbhoxo kuphela kodwa nasempilweni, yisemsebenzini nasemabhizinisini. Ngaleyo ndlela sizokwazi ukuba yisizwe esihlangene,” kubeka uKolisi. Wonke amehlo asezothi njo kwelaseNdiya lapho kuqhubeka khona iNdebe yoMhlaba yekhilikithi. AmaProteas aholwa ngukaputeni omnyama, uTemba Bavuma. Ungukaputeni wokuqala omnyama ukuhola iqembu lesizwe lekhilikithi. Ezakhe zisethubeni elihle lokunqoba lo mqhudelwanoUmqondisi wombhoxo uRassie uhlale esigqugquzela ukuthi singasabi ukuxoxa ngendaba yebala emphakathini. Yebo, siyaqonda ukuthi indaba yebala yinto ebucayi kodwa kumele sixoxe ngayo ukuze isizukulwane esilandela kithina sazi kwenzekani phambilini futhi isimo sashintsha kanjani.
Nasephalamende yizinto okumele sixoxe ngazo lezi. Siyizwe siyasaba ukuxoxa ngalezinto ezibucayi. Ukunqoba kwethu kuzovuselela ithemba kubantu abaningi kodwa ngeke kuqede izinkinga esibhekene nazo. Nokho kuzovulela abantu abaningi amathuba. Ngiyethemba ngeke kuphelele lapha. Akumele kube yinjabulo yesonto bese kuyaphela.” kusho uKolisi. UBavuma nezakhe sebezobhekana neNdiya ne-Afghanistan ngemuva kwalokho azobe esedlulela kowandulela amanqamu.
AmaProteas asequmbe phansi iSri Lanka, Pakistan, Australia, England, neBangladesh.