Kusolwa abaqeqeshi ngolukaMhango kwezikaMagebhula


Kusolwa abaqeqeshi be-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi noFadlu Davids ngokudelela isibabuli somgadli waseMalawi, uGabadinho Mhango (osesithombeni).
Lo mgadli obevutha engabaselwe eqenjini lakhe lesizwe ku-Africa Cup of Nations (Afcon), eCameroon usize iMalawi yazibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi. Bekungokokuqala emlandweni elaseMalawi lidlulela kowomkhumulajezi.
Wonke umuntu ubebabaza ikhono likaMhango. Izinkumbi zabathandi bebhola bezizibuza ziziphendula ukuthi lo mdlali uhlala kanjani ebhentshini kweZimnyama. Babodwa abebethi kumele aboshelwe esikimini uma sekuphela i-Afcon kodwa selokhu ekhuze ibuya ijezi ulizwa ngendaba.
Owayengukaputeni weZimnyama, uBennedict “Tso” Vilakazi utshele elaboHlanga ukuthi abaqeqeshi bePirates bayamdelela uMhango. “Akukwazi ukuthi ungafike wenze kahle emqhudelwaneni omkhulu njenge-Afcon bese ubuyela eqenjini lakho ugqunywe ebhentshini. Phela ku-Afcon usuke udlala nabadlali abaseqophelweni eliphezulu futhi abanye babo abagijima ku-Uefa Champions League. UMhango ubedlula kubona la badlali ashaye amagoli. ILiverpool ibabophele oMohammed Salah noSadio Mane abenze kahle namazwe abo ku-Afcon. U-Edaudor Mendy udlala kuChelsea. Impela kukhona okushaya amanzi ngesimo sikaMhango kuPirates. Ngabe ngiyezwa ukuthi ubekwa ebhentshini nje iqembu lilwela isicoco seligi. Manje alikho ngisho embangweni. Indaba yakhe iyadida,” kubeka uMphephethe (abakwaVilakazi) owayengalibheki ipali ngezikhathi zakhe.
UKwame Prepah nguyena ozitamuzela ngejezi kweZimnyama. “Angeke kukhalwe ngokuzinikela kwakhe uma esenkundleni. Kudala egqunywe ebhentshini kodwa wafika kwelesizwe wazibonakalisa. NakuPirates udinga ithuba ukuze azibonakalise. Le nto eshiwo nguMandla Ncikazi ukuthi iPSL inkulu kune-Afcon ayiwenzi umqondo kimina. Mhlawumbe inkulumo yakhe kusamele ayichaze kabanzi. Uqonde ukungitshelani ngabadlali abafana noSalah noMane? Akungadlalwa ngathi bakwethu. Zonke lezi zinkulumo azimsizi umdlali. Yilona ithimba labaqeqeshi okumele ngabe liyamvikela uMhango kodwa kunalokho liyamqhatha,” kusho uVilakazi.
Emidlalweni eli-17, uPeprah odabuka eGhana usehlohle amagoli amahlanu. “Indlela okwenzeka ngayo, nabadlali bazogcina belwa bodwa manje enkundleni. UMhango naye uzogcina etshela oPeprah ukuthi ungumdlali weqophelo eliphezulu futhi ukukhombisile lokho. Lokho kungagcina kuxova iqembu,” kuchaza uVilakazi.
Kule sizini, uMhango usadlale imidlalo emine wakha igoli elilodwa. “Okwamanje uMhango kubukeka esalusingethe kahle lolu daba. Omunye umdlali ngabe ukhala mihla namalamga ezinkundleni zokuxhumana noma avele angalubhadi kwakhona ejimini. Akaqhubeke nokusebenza kanzima ejimini. Akalinde elakhe ithuba bese ezikhulumela ngezinyawo zakhe.”