Now Reading
AbeKing Zwelithini Foundation nezinhlelo zesikhumbuzo
Dark Light

AbeKing Zwelithini Foundation nezinhlelo zesikhumbuzo

Bonke abathintekayo babe bayazi ngezinhlelo futhi ngandlela thize baphose imibono


Uhlaka iKing Zwelithini Foundation (KZF) seliqinisekisile ukuthi kule mpelasonto kuzoba nemicimbi eyahlukene nezokhumbula ukwebuza kweSILO esidala uMdlokombana. Lolu hlaka nolwakhiwa sisaphila ISILO lusalelwe ngumsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi ifagugu eliyiSILO lingunaphakade.

Lokhu kuvele ngomlomo kaMehluleli uNgwenya  nobekhuluma nelaboHlanga.

“Yize kwabe kuyisigameko esibuhlungu kithi njengesizwe ukwebuza kweSILO esidala, kuyasijabulisa  nokho ukubona ukuthi kulesi sizukulwane sethu wonke umuntu abadala nabacane benza okubalingene ukuba bagcina umlando weSILO esidala esesiyifagugu lethu.”

UMtimande uthe njengoba kule mpelasonto kuphela unyaka golokoqo kwebuza ISILO abeKZF ngokubambisana nokwelulekwa zinhlaka ezimqoka zoBukhosi bazoqhuba izinhlelo ezikhethekile.  Kulokhu uMtimande uthe: “Emasontweni amathathu edlule sibe nemihlangano nezingxoxo ezahlukene nabathintekayo kusuka ehhovisi leSILO elikaNdunankulu kaZulu kanye noNdlunkulu. Inhloso yakho konke lokhu bekuwukuqinisekisa ukuthi sinyathela ngonyawo olufanayo njengoba Omdala wabe eqhuba.  Ngingasho ngingananazi nje ukuthi kulokho asibanga nayo inkinga,” kusho uMtimande.

Uthe njenge KZF kabananxa nayinoma yimuphi umcimbi okungenzeka ukuthi izinhlaka noma abantu bomphakathi bayazenza ukukhumbula iMbube nokho wathi lokho kunemibandela.

“Siyamukela ukuthi esikhuluma ngaye kwabe kuyiSILO nokusho ukuthi sisho okwahlukene kubantu abehlukene. Uma kunjalo ke kusho ukuthi kungenzeka nezinhlelo zokubungaza zehluke. Nokho esiqikelela kukho yikuthi kungabi nokusebenzisa budebdengu igama leSILO yikho nje sinika imvume kweminye yemicimbi.”

See Also

Odabeni loMkhuleko okhonjwa kwaKhetha nakwaKhangela uMtimande uthe: “Asinayo imvume noma ilungelo lokukhuluma ngalokho okwenzeka phakathi ezigodlweni. Lapho singangena khona uma siceliwe ukuthi silekelele ukuze into enegama loMdala iphumelele. Kulokhu nje ngingaqinisekisa ukuthi izigodlo zombili zisithintile sabe senza lokho okusifanele. Ngeke futhi sikuyeke ukukwenza lokho ngoba zona qobo zilifagugu leSILO nesizwe leli esijutshwe ukuba silivikele,” kusho uMtimande.

Ube esechaza ngalokho okuzokwenzeka ngaphandle kweSigodlo nathe kubhekene neKZF ngqo. Uthe kulokhu okwenzeka ngaphandle kweSigodlo kuvunyelwane ngalokhu okulandelayo: 

  • Ngomhla zili-11 kuNdasa kuzoba nesidlo sakusihlwa naMakhosi ezizwe eDurban Exhibition Centre. Lo mcimbi uzoqala ngehora lesi-6. Kulo mcimbi ISILO siyokwethula inkulumo yaso kanjalo noNdunankulu waso noweSizwe uMntwana wakwaPhindangene. Emveni kwalokhu ISILO siyobe sesihola ithimba laMakhosi nabobonke abakhona kuqondwe esibhedlela Inkosi Albert Luthuli lapho iNdlondlo yebuza khona. Kubhekeke ukuthi Amabutho azobe ehambele lomcimbi afikele khona lapha esibhedlela. Umcimbi uyoqhubeka lapha esibhedlela kuze kube ngakusasa ngosuku esebuza ngalo.
  • Ngakusasa mhla zili-12 umcimbi wokukhumbula isigameko sokwebuza kweNdlondlo mhla zi-12 kuNdasa uzoqala ngehora le-12 emini. Lapha kulindeleke ukuba isizwe sivunule
  • Usuku lwangeSonto, mhla zili-13 kuNdasa lubekelwe umkhuleko nokubekwa kwezimbali elibeni leNdlovukazi uThomo engunina weSilo esingasekho.

UMtimande uthe kuyo yonke lemicimbi akekho umuntu onqatshelwe ukuza: “ISILO esidala besivuleleke kuwo wonke umuntu ngakho sekungaba yiphutha ukuthi ngoba singasekho bese siqala imikhuba emisha yokubandlulula abantu baso. Kuzo zonke lezi zinsuku abantu akukho mingcele ngaphadle kwalapho kulawula khona imithetho ethile yendawo nesibalo njengoba izwe lisengaphansi kwemigomo yokhuvethe,” kusho uMtimande.

  • IKing Zwelithini Foundation inhlangano engenzi nzuzo eyasungulwa ISILO esesabuza ukweseka nokukhuluma ngezinto okungavamile ukukhulunywa ngazo kakhulu.
Scroll To Top