Now Reading
Kunokukhathazeka ngolibofuzo langomuso kwaboHlanga
Dark Light

Kunokukhathazeka ngolibofuzo langomuso kwaboHlanga

Kunokuzindla kwabantu ezingxenye lapho ngazibuza ngaziphendula njengabo ukuthi, ososayensi babelungu base-Europe nase-United States of America, nabalana ezweni ngabe bathembekile kangakanani. Ngabe babatshela iqiniso ososayensi base-Afrika nabaseNingizimu Afrika na.

Njengoba babengekho ososayensi base-Afrika nabaseNingizimu Afrika (aboHlanga ikakhulukazi) mzukwana ososayensi babelungu benemihlangano yabo bodwa, yokwakha umjovo abathi umgomo wokhuvethe. Kwaqalwa nezinhlelo zokujovwa kwabantu emhlabeni wonke ngowezi- 2021, kanti eNingizimu Afrika zaqalwa zili-17 kuNhlolanja.

Angifundile, angiyena usosayensi noma ungoti kwezobusayensi nezempilo. Kodwa ngiyakhumbula sifundiswa nguthisha uNduli isifundo seBiology, esikoleni Isibonelo High. Wayesifundisa ebangeni leshumi nambili ngowe-1978. Uthisha uNduli, wayeyiteketisa iBiology ngokuthi isifundo sezemvelo, ngokuzaleka, ngokukhula, ngokuphila nangokufa kokuphefumulayo emhlabeni.   

Ngizocaphuna ngomzimba womuntu nezinhla ezisemzimbeni wakhe esalumbeka esibelethweni, nasekuzalweni nasekukhuleni kwakhe ngokohlanga awulona. Ezinye zalezo zinhla kuthiwa iDeoxyribo Nucleic Acid, iTestosterone, i-Endocrine System namaHormones, izinhla zegazi, ukukha phezulu.

Angiqambi amanga uma ngithi kwakusuka isidumo sasiziluma ulimi abanye bethu, uma sizophimisa igama liphelele iDeoxyribo Nucleic Acid, iDNA. Ihunyushwa ngokuthi ulibofuzo, ukuhlobana komuntu kumuntu othile njalonjalo. 

Kube yizinhla iTestosterone ezibalula uhlobo lobulili lwezicubu ezikumuntu esasesibelethweni nokunye.

Kanti futhi akuphikiswana nabantu abathanda ukujovwa. Kanti noHulumeni akabaphoqanga abantu ukuba bajove. Izinkampani eziphoqa izisebenzi, sengathi zikhathalele izisebenzi kanti zifihlele uHulumeni induku emqubeni noma zifuna ukumfaka kunoxhaka uHulumeni.

Ubani onesiqiniseko, sinasiqiniseko sini, ukuthi abantu abasebasha ngokweminyaka esukela kweli-18 ubudala, ngokocwaningo longoti bezesayensi babelungu ikakhulukazi, uma bethi bakulungele ukujovwa ngomgomo wokhuvethe. Asinakisise, sikuqophe phansi, ukuze kukhunjulwe mzukwana sekwenzeka.

Angeke yini kwadala izinguquko emizimbeni nasegazini labo, bazithole sebezala uhlobo oluthile lwaboHlanga e-Afrika naseNingizimu Afrika. Ngenkathi kuguquguquke izinhla zemizimba yabo, sebengasazali uhlobo lohlanga abayilona njengoba beseneminyaka eli-18 kuya phezulu. Angeke yini kuxatshwane kuthiwe owesifazane uphingile engazange aphinge, esezala ingane engeyona owoHlanga lwasemakubo.

Kuyodingeka zikhumbule ukuthi kwakunento eyasetshenziswa, eyadliwa noma eyafakwa emizimbeni yemiphakathi, eyayiphakathi kweminyaka eli-18 kuya phezulu emhlabeni wonke nase-Afrika ngonyaka wezi-2021.

Kunezinkulumo ukuthi vele iningi labelungu emhlabeni, nabalapha eNingizimu Afrika alinankinga ngomjovo ngoba uvuna bona. Ngoba kuyobe sekudungeke uhlanga lwaboHlanga e-Afrika, sebebukeka sengathi bangabelungu.

Njengoba kunaboHlanga, ababukeka bexubile sengathi abelungu, ko-Egypt, koLibya, koMorocco, ko-Algeria, ko-Ethopia, koSomalia, koMadagascar, nalapha ezweni nakwamanye amazwe.

Kuvela emlandweni ukuthi kwakungenxa yocansi phakathi kwabelungu besilisa, abadunga abesifazane boHlanga, babalaxaza babuyela emakubo e-Europe. Kunokusola umgqakazo ngokuzokwenzeka eminyakeni evile kwengama-40, abanye bethu sebalala kobandayo. Okungenzeka kube yisinyelela manje lapho sekungelona ucansi oludunga olunye uhlanga.

Kuyoba sekuphinda kudungeka uhlanga lomKhoisan, lomVenda, lomTswana, lomSotho, lomPedi, lomTsonga, lomShangane, lomSwati, lomNdebele, lomXhosa, lomZulu, lomNndiya eNingizimu Afrika, eBotswana, eLesotho, eSwatini.

See Also

Bese kuba ngelomTsonga, lomShangane, lomChopi (Tshopi) eMaputo (eMabhudu). Lomu-Ovimbundu, lomBakongo e-Angola. LomHerero, lomDamara, lomTswana eNamibia.

NgelomShona, lomNdebele (lomZulu owafika noMzilikazi Khumalo), lomXhosa (ababe ngamakhulu ayisi-7, abalethwa ngumkoloni uCecil John Rhodes, ngokomlando obhalwe kwezinye zezincwadi zikaPeter Stiff eZimbabwe. LomLozi, lomNgoni (lomZulu) eZambia. LomSenna, lomLomwe, lomNyanja, lomChewa, lomTonga, lomNgoni (lomZulu owafika noZwangendaba wakwaJele) eMalawi.

Ngenhla nezwe sekungowoHlanga lomu-Igbo, lomYoruba eNigeria. Lomu-Akana/Ashanti, lomu-Ewe eGhana. LomWolof, lomFulani eSenegal. LomBakongo/Kongo eDemocratic Republic of Congo, DRC. LomBangada e-Uganda. LomKikuyu, lomLuo, lomMaasai eKenya. LomSukuma, lomNyamwezi eTanzania.

Lingawa licoshwe izinkukhu umlungu neNdiya bezibaleka bona, babe ngaboHlanga. Njengoba owoHlanga ezibaleka yena uqobo. Uziguqula ubuyena bendalo nemvelo kaMdali nowamazwe abahlala kuwona, kube sengathi  bangabelungu.Afrika zithande ubuwena.

Kungenzeka labososayensi bakususela lapho, bacabanga, baqhamuka neqhingasu lokunciphisa owoHlanga. Ngoba bebone ukuthi ama-Afrika azibaleka wona, ayazenyanya.

Njengoba kunamaphilisi nomjovo weVitamin B Complex, iBco, esilashwa ngayo ngodokotela uma sigula. Osekusetshenziswa ngabanye boHlanga nezinye izinhlanga kuze kweqe, ukuguqula ibala labo ukuze lifane nelomlungu. Kuyazinciphisa izinhla zeMelanin eqondisa uhlobo lwebala lwalowo muntu ayewulona engakaguquli ibala lesikhumba sakhe. Kubuye kube nabakubiza ngeskin bleaching.

Scroll To Top