Now Reading
Kwezwakala amahemuhemu okufa kukaBhambatha
Dark Light

Kwezwakala amahemuhemu okufa kukaBhambatha

ISilo uDinuzulu siboshwe izikhathi eziningi uMbuso wamaNgisi. Sake saboshwa ngoba kuthiwa saba neqhaza eMpini Yamakhanda, sacashisa iNkosi uBhambatha kaMancinza kaJangeni Zondi, nabaShokobezi (abalandeli bakaBhambatha) esigodlweni sasoSuthu (eMkhontweni) ngonyaka we-1906. Umuntu owabophisa iSilo uMamonga nguNdlunkulu weNkosi uBhambatha, uSiyekiwe uMaZuma. INkosi uBhambatha nomndeni wayo bafi ka esigodlweni oSuthu baphathwa kahle, bahlatshiswa inkabi. Bethulwa kuNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe (iShudu) nenceku uLokothwayo kaZembe wasemaNgadini. Kwathiwa uBhambatha akangakhuleki eNdlunkulu ngoba usuke eze ngezindaba zomshoshaphansi futhi ezibucayi.

Wahlala isikhashana uMagaduzela (iNkosi uBhambatha) esigodlweni oSuthu, waphindela eMpanza, eMsinga, wayolanda inyanga uMalaza, ukuthi iyokwelapha iSilo uDinuzulu. ISilo uDinuzulu sabuya esiqhingini iSt Helena lapho sasidingiselwe khona sesidunguzela. Ngesikhathi iNkosi uBhambatha ihamba iyolanda inyanga, ayiyitshelanga iNdlunkulu yayo eyayisele eSigodlweni. Ngaleyo nkathi kwezwakala amahemuhemu okuthi amaNgisi aseyibulele iNkosi uBhambatha ngoba ayeyifuna. Kwaba nokukhathazeka eNdlunkulu kodwa iSilo uDinuzulu, uMankulumana nezinceku, babazi ukuthi ayikho into enjalo, babazi ukuthi uMagaduzela uye kuphi. Ngakusasa uMaZuma waphikelela eNkantolo yeMantshi eMahlabathini ethukuthele egane unwabu. Wafi ke wathi uzwa kuthiwa amaNgisi asembulele uBhambatha, ufuna ukwazi ukuthi ambulaleleni umyeni wakhe nokuthi bamgqibe kuphi.

Imantshi yomlungu yamangala ngoba uBhambatha wayekade efunwa kodwa engatholakali, yambuza uMaZuma ukuthi ubekwa yini laphaya ngoba yazi ukuthi bangabantu baseMvoti. UMaZuma walibhoboza ithumba wathi yena nezingane zakhe bafi hlwe nguBhambatha eSigodlweni oSuthu. Umlungu wahlaba umkhosi wathi akugaselwe eSigodlweni oSuthu. Wanele waphindela emuva uMaZuma eSigodlweni oSuthu, amaNgisi amlandela, afi ka abopha iSilo uDinuzulu noMankulumana bathweswa icala lokucashisa Abashokobezi. Lelo cala laqhubeka, lajikwa kwaba ngelokuvukela uMbuso. ISilo uDinuzulu sathathwa sasiwa eKamu lamaphoyisa KwaNongoma. Sesisuka KwaNongoma sathathwa ngumngani waso omkhulu, uNks Harriette Colenso (uDlwedlwe), indodakazi kaSobantu. ISilo noMankulumana basiwa eMtubatuba badluliselwa ngesitimela ejele laseMgungundlovu (Old Prison) njengoba icala labo laliyothethwa eMdlovana (Greytown). INkosi uBhambatha noChakijana banele bezwa ukuthi iSilo sesiboshiwe banyamalala unomphela, abaphindanga babuyela oSuthu.

UDlwedlwe wenza omkhulu umsebenzi eqoqa ofakazi ababezofakazela iSilo, ukuthi sasingahlangane naBashokobezi noBhambatha. Kwalandwa uqweqwe lommeli waseCape Town owayehlonishwa uWP Schreiner, wamela iSilo uDinuzulu. Nezinye izingcithabuchopho zase-USA, oMnu uWillian du Bois noGeorge Padmore, zazifuna ukuletha usizo eSilweni uDinuzulu ngoba zaziwathanda ama- Afrika. Ecaleni leSilo uDinuzulu uMaZuma waphenduka ufakazi wenkantolo, wageqa amagula. Wayilanda ukusuka nokuhlala indaba, besuka eMsinga baze bayofi hlwa nezingane zakhe eMkhontweni. Watshela inkantolo ukuthi iSilo uDinuzulu, uBhambatha, uMgwaqo, uNgqengqengqe, uNkantolo, uMankulumana babevalelana elawini eSigodlweni oSuthu, bakha itulo lokusoconga abelungu ngenhloso yokuketula uMbuso. UMaZuma washo nokuthi uBhambatha wayalelwa khona eSigodlweni oSuthu umuntu othile onguChakijana kaGezindaka Sithole, owayengusomaqhinga nenhloli ezimpini azosebenza naye.

See Also

ISilo uDinuzulu sasidunguzela, icala lathethwa sihleli phansi ngenxa yempilo. Induna yaseBaqulusini, uS’khobobo kaMabhabhakazana Sibiya, yasethuka iSilo kwaduma izihosha, isihasha, isisho ngesankahlu, kwama nse ukusebenza eMdlovana, elokhu empongoloze njalo umfo kaSibiya, esisho ngesankahlu. Induna uMkhonto kaBizo Cebekhulu ngomunye wabafakazela iSilo, esiphikela ethi iNgonyama yayingeke iyenze into enjalo. Kwakugoqana abantu, behluleka ukubheka iSilo emehlweni uma befuna ukusicindezela ebhokisini lofakazi. Yikho kwathiwa asihlale sibafulathele “ngoba singuDlothovu kabhekeki unjengemisebe yelanga”. Abadala bathi wawungafunga ukuthi iSilo uDinuzulu noMankulumana bangabameli ngendlela ababephendula ngayo imibuzo kulelo cala. Bona babephika bethi bezwa ngoMasiqela uSir Charles Saunders ukuthi “uhlanya lolu olunguBhambatha” seluketule uyise omncane uMagwababa esihlalweni soBukhosi bakwaZondi, eMsinga nokuthi futhi “uhlanya” lolu lulwa nabelungu.

Scroll To Top