Intshisekelo kaDube yaba nemiphumela encomekayo



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
UJohn Langalibalele Dube wazalelwa eNanda Mission zilishumi nanye kuNhlolanja ngonyaka we-1871. Wayezalwa nguJames kanye no-Elizabeth bakwaDube. UJames wayezalwa nguDube kaDabeka okwakuyiNkosi yamaQadi. Empeleni uDube lona kwakungowakwaNgcobo. Unina kaJ.L Dube wayengomunye wabazalwane abaphenduka kuqala ekufikeni komndeni wakwaLindley.
UJ.L Dube waqala wafunda eNanda Mission wabeseya e-Amanzimtoti Mission eyagcina isiyaziwa nge-Adams College. Ngonyaka we-1887 eneminyaka elishumi nesikhombisa wahamba noMfundisi uWilliam C. Wilcox waya naye ezweni i-USA nalapho afike wafunda khona ngaphansi kwezimo ezilukhuni.
Nokho wabuya ngowe-1892 engaliqedanga iqhuzu (degree) ayelifundela ngenxa yempilo yakhe eyabe isibuthaka. Nokho wabuya ethathekile kakhulu yimisebenzi yezifundiswa ezingoBooker T Washington wase-USA. Kwathi ngonyaka we-1894 washadelwa yintokazi yakwaMdima uNokuthela owayeyithishelakazi eNanda Seminary.
Kwathi ngoNtulikazi ngowe-1900 yena nabanye basungula inhlangano eyaziwa ngokuthi iNatal Native Congress befuna indlela imizwa, izifiso kanye nezimvo zaboHlanga ezazingadluliselwa ngawo kuHulumeni weKoloni laseNatali. Washumayela ukulingana nobulungiswa kubobonke abantu.
Ngokulandela imisebenzi yoBooker T Washington owayengumsunguli weTuskegee Institute of Alabama owawakhelwe ukufundisa amaMelikana amnyama ngowe-1900 wasungula isikole semisebenzi asibiza ngokuthi uHlange Institute. Lesi sikole sakhiwa endaweni yeNkosi uMqhawe eyayinikele ngayo ukuthi kwakhiwe isikole khona.
Esigungwini sabagcini bamagugu esikoleni nokuphathwa kwaso kwakukhona uJL. Dube, uJohn Mdima, uMadideke Cele, iNkosi uMqhawe noBryant Cele. Abafundisi babexube izinhlanga. KwakunguJ.L Dube nomkakhe, uNokuthela, uMdima, uSoffe Dhludhla, uReynolds Scott nowakwakhe.
Ohlange Institute kwakufundiswa amakhono ayemayelana nokukhandwa kwezicathulo, ukuthungwa kwengqephu, ukubaza, ukulima, ukuzalaniswa kwezilwane nobuntatheli. Sasinikeza imfundo kubulili bobulili; Abesilisa nabesifazane uDube nomkakhe uNokuthela babehla benyuka kuleli nasemazweni aphesheya becela imali yokusimamisa lesi sikole ngoba sasizimele, singekho ngaphansi kukaHulumeni.
Lesi sikole sasiwuhlobo lwesikole olwalucatshwangwa nguMbusi wamaNgisi uSir George Grey kanye nabanye abaphathi besicabangela aboHlanga. Kodwa kwathi uma nxa isikole sicela usizo lwemali kuye wenqaba.
UHlange kwakungesona isikole semishini noma uHulumeni kodwa sasizimele gelekeqe. UDube wayekholelwa futhi ekhuthaza impilo yokuzisiza nokuzimela.
UDube wayengakholelwa futhi ekhuthaza impilo yokuzisiza nokuzimela. UDube wayengakholelwa ekutheni abafundi balesi sikole kwakufanele beyoqashwa ngabelungu ukuze baphile.
Umthetho iBantu Education Act we-1953 waphoqa kube khona ukwehlukana kwezinhlanga nangokufunda kubandakanya noHlange. Naphezu komthetho weBantu Education Inanda Seminary yavunyelwa ukuthi iqhubeke ibe yisikole esizimele.
Ngowe-1997 lesi sikole sasesiguqa ngenxa yokwesela izimali zokusiqhuba. Ngosizo lwabafundi bakhona bakudala nowayenguMengameli wezwe uNelson Mandela zaqoqwa izimali kulabo ababefisa ukusiza saphinde futhi isikole sasimama.
Ngowe-1903 uJL Dube wasungula iphephandaba “Ilanga laseNatali”. Kwakuyiphephandaba lokuqala elabe libhalwe ngesiZulu, uDube wabe engumhleli walo. Kuleli phephandaba kwakuba khona izihloko ezibhalwe ngesiNgisi nesiSuthu.
Izintatheli zaleli phephandaba kwakungoNgazana Luthuli, uSikweletu Nyongwana noRobert Grandon, UDube wayesebenzisa leli phephandaba ekugqugquzeleni ubumbano lwaboHlanga nokugcizelela imfundo
- UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayela ku: 082 6952800.