Ukugxambukela kwamaNgisi esizweni sakwaZungu
Zungu! Gwabini! Ncwana! Tshana! Manzini! Kunene
ISIZWE esesibizwa ngoMadlebe Zungu sasikade singekho. Indawo ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka yabe ingaphansi kukaNzwakele kaKhushwayo Dube owayakhe umuzi wakhe kwaGubhethuka eduze kwaseSangoyana lapho sekukwaSomopho khona. Wayengenye yezinduna ezinkulu zeNgonyama uShaka.
Nguye owakhisa abantu baseMandlanzini kwaBhuquza lapho sekuyidolobha khona laseRichards Bay. AbaseMandlanzini babekade beqhamuke ngaseMzimkhulu. uNzwakele Dube wabakhisa kuleyo ndawo kwazise nayo yayingaphansi kwakhe.
Ngakho-ke indawo kaNzwakele yabe inkulu imbandakanya nendawo enkulu esingamapulazi omoba. Kuthe uma kubulawa iNgonyama uShaka kwaDukuza ngabaNtwana uMhlangana noMbopha kanye noDingane kodwa ongazange amgwaze, kwaqubuka umbango ngowayezohlala esihlalweni sobukhosi. UMhlangana noMbopha bagcina bebulewe kwazise yibona ababegwaze iSilo uShaka. Ingonyama entsha kwabe sekuba nguDingane owakha isigodlo sakhe esikhulu eMgungundlovu entshonalanga yeMfolozi eMhlophe.
Kwaba namahemuhemu ayethi iNgonyama uShaka yabe inayo indlalifa yayo enguZibizendlela eyayifihlwe nguNzwakele Dube. Lawo mahemuhemu agcina efinyelele ezindlebeni zeNgonyama uDingane. Kwabe sekukhishwa inqinambumbulu okwakuqondwe ngayo ukubulala uNzwakele. Walunywa indlebe yinkosi yakwaSokhulu uNqoboka ukuthi inqinambumbulu yayihlose ukuthi abulawe kodwa yena awangabaleka. Nempela wabulawa kuleyo nqinambumbulu. Indlalifa yakhe uHhabane yabaleka yaya kwaSokhulu yagcina iwele uThukela izinze ngaseMvoti. Yahlala lapho yaze yabuya sekubusa iSilo uCetshwayo kwaZulu eNyakatho yoThukela noMzinyathi. Ngenxa yoguquko olwase lukhona ayibange isaphindela emanxiweni kayise.
Ekufeni kukaNzwakele Dube uDingane wathumela uMnkabayi ukuthi ayokwakha lapho kwakukade kubusa khona uNzwakele. UMnkabayi kaJama wayengubabekazi kaDingane. Wafika kuleyo ndawo ehamba nenceku yakhe uMadlebe Zungu okuyiyona eyaba yinkosi yokuqala yabakwaZungu abazinze kulesi sizwe. UMadlebe Zungu wazala uLokothwayo owabekwa nguhulumeni wamaNgisi ngonyaka we-1890 njengenkosi yesizwe sakwaZungu. Ngenkathi engakabekwa esemncane kwakubambe uPhalane kaMdinwa Mjadu abanye bathi wayengowakwaMkhwanazi. Abanye bathi wayekhulele kwaMkhwanazi kodwa engowakwaMjadu, igama elithi nguPhalane walinikwa ngoba wayephala izikhumba zemvunulo. UPhalane kaMdinwa Mkhwanazi kwanqunywa ukuthi awele uMhlathuze wabusa khona isizwe sakwaMkhwanazi ngoba kwathiwa izinkunzi ezimbili ngeke zihlalelane. Wakha umuzi wakhe lapho sekukwaMaholoholo esitolo.
Ngenxa yokuthi amaNgisi ayengamethembi uLokothwayo esola ukuthi wayeqotho endlunkulu yakwaZulu, isizwe sakwaZungu sahleshulwa kabili enye ingxenye yanikezwa induna uNdabayakhe kaMkokwana kaMahunqa Mjadu ukuthi ayibuse ukuze nxa uLokothwayo eshinga amaNgisi akwazi ukusebenzisa uNdabayakhe ukumnqanda. UNdabayakhe wayekade eyinduna kaLokothwayo esetshenziswe ngamaNgisi ukuthi esekele uZibhebhu aphambene neSilo samabandla uCetshwayo noDinuzulu. Nokho isizwe sikaNdabayakhe sagcina simbandakanywe nesizwe sakwaZungu kwathi indawo eningi njengalena engaseNiwe yadliwa ngabelungu bazitshalela umoba kuyo.
ULokothwayo walandelwa yindlalifa yakhe uZanya owayebusa isizwe uhulumeni wamaNgisi aseNatali uqala ukuqoqa imali yezindlu ezizwe zamakhosi, indlu ithelelwa imali engango-R1.25 iyinye. Ngonyaka we-1903 imali eyaqoqwa esizweni sakwaZungu ngeyezindlu ezingama-443. Esizweni esasingaphansi kukaNdabayakhe izindlu ezathelelwa intela zaziyi-146. Isizwe sakwaZungu sibuswa yiNkosi uZenzo kusukela ngonyaka wezi-2007.
- Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu 1. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918