Kunqguzulana izinkunzi: UKhongolose noZondo kuvuthondaba ngombiko



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Into ekade ilindelekile seyenzekile, izinkunzi ezimbili sezingqubuzene. Ukuphuma kweqoqo lesithathu lombiko omayelana nezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso neholwa nguMehluleli uZondo sekudale impi yamazwi. Le mpi iqalwe nguNgqongqoshe uMantashe nobuye abenguSihlalo weqembu elibusayo. Unyakaziswe yizincomo ezivela kuZondo ezithi abezomthetho kabaphenye owayenguMengameli uZuma, uNkk uNomvula Mokonyane kanye naye uMantashe. Lokhu akufaki nje uMantashe ehlazweni kepha noMengameli wezwe neqembu njengoba bekungeyona imfihlo ukuthi ungesinye sezethenjwa zakhe. Kuzoba ngowesibili oyisethenjwa sikaMengameli ozithola ethinteka. Ngenyanga eyedlule igama likaNgqongoshe Wezokuxhumana uMhlonishwa uKhumbudzo Ntshavheni liphathekile.
Ngokombiko kuthiwa uMantashe wahlomula enkampanini eyabe idizela uKhongolose iBosasa. Kuthiwa wafakelwa ubuxhakaxhaka bezokuphepha emzini wakhe ngesikhathi esenguNobhala Jikelele weqembu. Kulo mbiko wakhe wakamuva ongamakhasi angama-942 uZondo uthi abakwaBosasa laba kwabe kungobhongoza, omabhajwa bazikhiphe nokho babelekelwa izikhulu ezifana nabo oMantashe, uZuma noMokonyana. Kuthiwa iBosasa lena yathola kuHulumeni imali eyizigidigidi ezi-R2.37 kusuka ngowezi-2000 kuya kowezi-2016.
Embikweni wakhe uMehluleli uZondo ugcizelele ukuthi iBosasa ‘ibigxile kakhulu ekutholeni amathenda eminyangweni ethile kaHulumeni nakwezinye izingxenye zombuso’ ngesikhathi uMnu uMantashe enguNobhala Jikelele we-ANC, okuyisikhundla esinamandla esasimnika “amandla okuxhumana kahle” nenkampani yezokuvikela enganambithisiseki. Okunye okusembikweni ukuthi: “Yafuna ukuba ikwazi, isebenzisa uMnu uMantashe nokunye okulekelelayo bese imsikela intshontsho [uMantashe], ukuze anyakazise ubuholi baleyo minyango nobezinhla zombuso, ubuholi be-ANC kuphela obabusemahhovisi omphakathi obusohlwini lwemininingwane yeKhomishini.”
UMehluleli uZondo wenze izincomo zokuthi uMnu uMantashe aphenywe ngokulandela uMthetho wokuVimbela Nokunqanda Izigameko Zenkohlakalo (Precca).
Umbiko uqhubeka uthi: “Ezimweni lapho okungenzeka ukuthi uphenyo lungaveza icala elingangabazisi elibhekiswe kuMnu uMantashe mayelana necala lenkohlakalo ngokweSigaba 23 sePrecca, futhi udaba kube yilolo olungaphenywa.
Akukho ukungabaza ukuthi lo mbiko uzoba yisikhali esimqoka kulabo ababanga noRamaphosa nabazomfaka ingcindezi ukuthi laba bobabili kabehle ezikhundleni njengoba kwenze abanye. UNobhala Jikelele weqembu uMnu uMagashule nanamuhla usatibila ukuhoxa njengoba isinqumo sikaKhongolose sathi osenodaka emaqakaleni akahoxe kuze kube uhlanzwa yinkantolo. Kwaba nguwo uKhongolose owaze waya enkantolo uyochitha isicelo sikaMagashule sokuba angahoxiswa. Umbuzo emuva kokuphuma kombiko uthe engabe kuyoba njani ngoMantashe, ngabe uzohoxa yini noma qha.
Akuphelanga mahora mangaki kuvele lo mbuzo wabe eseziphungela uMantashe. Ubize abezindaba nayilapho eziphungele khona. Uthe umbiko lona yintimbothi uqobo, wabe esesola uZondo ngokuthi umhubha nje unenhloso yokumakhela icala elingekho. Ube esexwayisa ukuthi “ikhomishini ayingazitholi emibangweni kaKhongolose”.
Isinqumo sikaMantashe sokubiza abezindaba nokuphumela obala ekutheni uzophikelela enkantolo kungenzeka ukuthi sihle kuye nokuthi vele umthetho uyamvuna kulokho. Nokho ngasohlangothi lweqembu kanye noMengameli yinkinga. Lokhu asekwenzile sekumfaka ohlwini ‘lwabagxeki’bakaZondo neKhomishini. Naye usezosolwa njengoZuma ngokuba ‘yisithiyo ekusebenzeni kweKhomishini.
URamaphosa ohlale ethi ayivikelwe iKhomishini nebika kuye naye uzoba ngaphansi kwenkulu ingcindezi ngoba uma ethatha isinqumo sokumsusa manje uMantashe kuyobe uzimbela ithuna ngoba kuyomele axoshe abantu ababili abamqoka kuye njengoMengameli wezwe neqembu ngesikhathi iqembu liya emhlanganweni omkhulu wokuqoka abaholi abasha ngoZibandlela. Uma engakwenzi lokhu bazomsola abekade bevele bemsola ngokwenzelela.
KuZuma uZondo kamshiyanga njengoba ethe njena : “UMnu uZuma ungophezulu esihlalweni somphakathi iBosasa eke yazama ukumheha.”