Now Reading
Ngabe uZikalala noHulumeni wakhe bakholwe yizagila?
Dark Light

Ngabe uZikalala noHulumeni wakhe bakholwe yizagila?

Incwadi ebhalwe nguNdunankulu idide abaningi njengoba ibiziphikisa.


Enye yezinto ezimqoka kuHulumeni yindlela axhumana ngayo nabantu asuke esebenza nabo okungumphakathi. Ongoti bathi okumqoka kakhulu kulokhu yisivinini okuxhunywana ngaso kanjalo nendlela yokubeka udaba lolo.  Lokhu kokubili kubukeka kuyizizathu ezenza uNdunankulu waKwaZulu-Natal kanjalo noHulumeni wakhe asolwe kulezi zinsuku. Udaba lungeSihlalo sikaZulu nokukholakala ukuthi kalisingathwanga kahle nguHulumeni.

Kuleli sonto uKhuzeni uthumele imiyalezo eshayisanayo mayelana nesinqumo sikaHulumeni ngeSihlalo. Ngokuthola kwelaboHlanga lokhu kulandela isinqumo esithathwe emhlanganweni weqembu elibusayo kuleli kanye nomhlangano wokuhlela kaHulumeni. Kuthiwa le mihlangano yomibili ihlaziye ngokuthi iqembu elibusayo noHulumeni wesifundazwe basengcindezini ngezindaba zakoMkhulu kanye nalezo zamaNazaretha yingenxa yokuhluleka ukuxhumana. Kulona weqembu imilomo ibivunana ukuthi lokhu yikho okungakhonjwa njengembangela uKhongolose ungenzanga kahle okhethweni loHulumeni Bendawo.

Omunye obekulo mhlangano nokhulume nelaboHlanga wacela ukuba angadalulwa ngoba bekuwumhlangano wegceke uthe: “UZikalala nobuholi bakhe basolwe kakhulu ezindabeni ezithinta iNdlunkulu noShembe. Kokunye akukhona ukuthi kabazi ukuthi iqembu limiphi kepha yindlela abenza ngayo, esiveza njengeqembu noHulumeni njengeziwula”, kusho lo mthombo. Ukuvumile ukuthi kube ngumhlangano weqembu ojube ubuholi bukaZikalala ukuba ‘bulungise’ isimo kanjalo nobudlelwano noBukhosi namaNazaretha.

Ikakhulukazi odabeni oluthinta iSihlalo uZikalala ubhekene nomqansa njengoba sekukhona ukukhuluma okuthi usenyamanambana koMkhulu. Lokhu kulandela isinqumo sikaHulumeni wakhe sokuthi ngeke bayixhase iMikhosi YakoMkhulu kuze kube kuyaphothulwa ngalokho uHulumeni akubize ngombango.  Nembala uHulumeni akazibandakanyanga emikhosini emithathu, okungowaseMachobeni nokuwumlenze wokuqala woMkhosi WoMhlanga, owaseNyokeni kanye noweLembe. Owokugcina uHulumeni angazibandakanyanga kuwo ngowaseSandlwana.

Uqhubeke nokuzininda

Lokhu okungenhla kusho ukuthi uKhuzeni uxhumana neNdlunkulu nje uvele uyaqhuga. Ngokuthola kwelaboHlanga uthe uyalungisa wabuye wazininda uKhuzeni njengoba ebe nohambo oliphikelele eHlalankosi. kuthiwa ubhale incwadi eyibhalela iNdlovukazi uGwabini ecela ukuba abe nomhlangano “noMkaNkosi kanye naMazinyane eSILO kwaKhangela”. Nembala kuthiwa ibe khona imizamo eyenziwayo ukuba kusondezwe labo uNdunankulu abefisa ukuba ahlangane nabo. Umkhonto ube usujama enxebeni lapho sekuvela imibuzo ekutheni leli laMazinyane kambe libhekiswe kobani. Lokhu kukhuluma bekuvela kulabo abamile ekutheni kade ilahle latholakala emlotheni uZulu usenayo iNkosi. Kubo inkulumo ethi aMazinyane kayisekho kulabo abazalwa nguMdlokombana.

Lokhu kungaveli kwencazelo ngokuthola kwelaboHlanga yikho okwenze uKhuzeni waphoqeleka ukuthi ake athi ukulinda. Kuthe kungadlulwa kulokho wabe esamukelwa nakhona wamukelwa nje kuphuma umlingani wakhe lapha eqenjini nakuHulumeni uMhlonishwa uSenzo Mchunu, uMfo kaNyawozekewu okukholakala ukuthi bayinkukhu nempaka noKhuzeni.

ElaboHlanga lixoxa nobehamba noKhuzeni uthe: “Khona siphoxekile ngoba sizibone sesingelutho nje. Ngosuku lokuqala umhlangano uhlehliswe sesikhona kwaNongoma. Kwathi ngosuku lwesibili salinda emuva kokuthi kusukwe endaweni ebesilungisele kuyo ukuthi kuzoba nomhlangano. Khona konke okwenzekile kube zinkomba zokuthi amanzi adungekile, ubudlelwane abukho buhle”.

See Also

Ukucija kwemikhonto akumanga njengoba emhlanganweni ogcine usukhona nayilapho uNdunankulu ubehamba noSomlomo wesifundazwe, uMhlonishwa uNontembeko Boyce ihlangane ngezimpondo odabeni oluthinta isimemo. NgokukaHulumeni ubezomema iNdlunkulu kepha aBantwana abebethamele umhlangano babemile ekutheni iNkosi isihleli eSihlalweni ngakho uma “imenywa kuyomele iye njengeNkosi futhi iyokhuluma njengoba kwabe kwenza iSILO esidala”, kusho omunye waBantwana ababekhona nowathi ube usujama enxebeni.

AbeNdlovu babe sebephakamisa ukuthi uNdunankulu noma uSomlomo kabaguqule amagama encwadini yabo. ElaboHlanga libe ngabokuqala ukuveza incwadi ebhalwe nguZikalala. Encwadini ebhalwe ngomhla zingama-22 kuNhlolanja uZikalala uyakhuleka: “INgonyama uMisuzulu kaZwelithini Zulu. SinguHulumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal sicela ukukhuleka kuyo iNgonyama naseNdlunkulu kaZulu yonke”. Lokhu kukhuluma kuqophe ukuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal usesukile lapho abemi khona ekutheni kayikho iNkosi KwaZulu.

Lokhu kuxabana kwemiyalezo kwenze iningi labafundi belaboHlanga baphawula. UMnu uSipho Msimango uthe: “Iqiniso ngeke waligqiba liyohlala likwahlulela uma uthi uyaligqiba. Khona sibonga lona elaboHlanga ngokuma eqinisweni nathi sifunda lukhulu lapha kulo elaboHlanga. UHulumeni wehlulwe yiqiniso enihlale nilinekile, ukuze thina njengesizwe samaZulu siqonde kahle ngokwesiko lethu.” UMnu uThabani Shabangu yena uthe: “UHulumeni obusayo ubonile itulo abelizama aliphumeleli manje sekuyindlela yokuzibuyisa le. Basile laba. Babonile ivoti liyalahleka KwaZulu-Natal  yingakho sebenza nje.  Kade bengasalubeki eNdlunkulu laba besaphehla udweshu kuthe sebebona ukuthi babhajwa obhukwini sebeyazisondeza. Bengifisa mina ukuthi iNgonyama uma ibekwa yenzise okukaMdlokombane iwuvikele uZulu ngandlela zonke ingavumi ukuba yithuluzi lalaba osopolitiki ngoba bazomfaka ehlathini lo Ndunankulu waKwa Zulu-Natal ngowezi-2024”

Okunye okudidile kule ncwadi kaZikalala yigama alisebenzisile elithi ‘King Elect’ elisho ukuthi ukhuleka nje kepha uthi akukabi naNkosi. Konke lokhu kuveze uNdunankulu ebhula umlilo nonengcindezi odabeni okungathi uma eluphathe kabi kukhinyabeze ubudlelwano phakathi kweNdlunkulu kaZulu kanye noHulumeni neqembu elibusayo.  Sekungumlando ukuthi izolo uZikalala obethi sonke lesi sikhathi akunaNkosi kuphoqeleke ukuba kube nguye egameni likaHulumeni okumele athi ‘Bayede, wena weNdlovu’. Lokhu ukwenze kubuka lonke izwe nomhlaba.

Scroll To Top