IRussia ibeke umhlaba wonke kuwafa wafa



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Izolo ngoLwesine ngezikhathi zasekuseni into ekade isobala yenzekile. Ukungqubuzana kweRussia nezwe elingumakhelwane i-Ukraine kufike kwelinye izinga. Emuva nje kancane kwesimemezelo esenziwe kuthelevishini nguMengameli uPutin iRussia ingene ngebhuzu e-Ukraine.
Isibhakabhaka sibe nentuthu njengoba imikhonto yemililo ibithela othulini izakhiwo oningi lazo kungezempi. Eminye imibiko evelile ngethi okunye okubhujisiwe yizinqola zempi emkhankasweni obekusobala ukuthi inhloso bekuwukuthena amandla ezempi ngasohlangothini lwe-Ukraine.
Kwenzeka konke nje lokhu i-Ukraine kuthiwa inamagumgedlela ayi-1,155,000 kuphela bese kuthi ayizi-255,000 avele asensimini, kuthi ngakolunye uhlangothi iRussia yona ibe namagumgedlela ayizi-3,014,000 bese asensimini abe yi-1,014.000.
Ezempi e-Ukraine zinamabhanoyi ezempi angama-67, kuthi anophephela emhlane wona angama-34. Kulolu hlangothi iRussia inamabhanoyi ezempu ayi-1 531. Okusho ukuthi kungakafiki nje emanzini nakwezinye izikhali iRussia izihambela yodwa.
Ukugasela kweRussia njengoba bekulindelekile kuzamazamise izimakethe zomhlaba kwanyuka nentengo kawoyela. Okunye okwenzekile kube wukufaka amazwe angaphansi kwe-European Union engcindezini yokwenza okuthile. Lawa mazwe okokuqala kumele anqume ukuthi uma elekelela i-Ukraine ayilekelela ngaliphi njengoba ingeyona ingxenye ye-EU. IRussia ilwa ngazo zombili ukuqinisekisa ukuthi i-Ukraine ayibi yilungu ngoba kuyosho ukuthi iRussia inesitha endlini.
Ngakolunye uhlangothi uma i-EU ne-USA bengenelela kuyosho ukungena kweminotho yawo obushini esikhathini esibi lapho umhlaba usanda kuphuma kukhuvethe oludlavuze iminotho eminingi yamazwe. Kanti khona lapho emazweni angaphansi kwe-EU kukhona athembele kuRussia ikahulukazi ngegesi, uma kuqhunyiswa ipayipi elithutha lokhu kuyosho ukuncipha kokuhlinzekwa kwala mazwe ngegesi.
Kanti nayo iRussia ngeke iphume ingenamyocu kulokhu ngoba amazwe aseka i-Ukraine nawo azofaka kuyo unswinyo ngenhloso yokuqhatha uHulumeni nomphakathi nosozimali. Kanti namazwe omhlaba nawo azophoqeleka ukuthi athathe uhlangothi. Kuyavela ukuthi kukhona imizamo yokuba impi le iphele kepha kusesekuseni.