Idungamuzi: I-Ukraine isola iRussia emizamweni yokuthula
by Anathi Mtaka
February 25, 2022
Isithombe: nguPellegrin Magnum/Time
Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskiy usole iRussia ngokubhidliza imizamo yokuthula lapho ekhuluma nesizwe ngezintatha zangoLwesibili. UZelenskiy ukhulume ngemuva kwesinqumo seRussia sokubona ngokusemthethweni izifunda ezimbili ezisekelwa yiMoscow empumalanga ye-Ukraine njengezizimele futhi yathumela amasosha esifundeni, okusheshisa inkinga amazwe aseNtshonalanga ayesabayo ukuthi ingadala impi enkulu.
Related
Tags
