Now Reading
Kulukhuni okwezilimi zebele ezicindezelwa ngisho abaninizo
Dark Light

Kulukhuni okwezilimi zebele ezicindezelwa ngisho abaninizo

Kubukeka sengathi kulukhuni ukuthuthukiswa kwezilimi zebele ngabanikazi bazo lezo zilimi. Ngenxa yobudedengu nokuyinto yokuqala eyenziwayo. Ukunganaki, ukungazilaleli ukuthi ukhuluma kanjani, ubuthini ekuqaleni kwenkulumo oyethulileyo. 

Ekubeni ukuthuthukiswa kwezilimi zebele kulula uma singasebenzisa ukunakisisisa ngesineke nangobuhlakani bokuhlakanipha okuyinhlakanipho kaMdali, kaMvelinqangi esabelwe yona. 

Akungazwakali kabi uma kuthiwa yimina nawe esimadolonzima ekuzameni nasekufukuleni izilimi zebele. Ekubeni sinalo, likhona, lisivumela ithuba, lokukwenza, sakhe ifagugu esiyolishiyela abanye, bakleze.

Ekubeni babengezona izilimi ababesenhlanganweni yamazwe abumbene ngaphansi kophiko lwezemfundo, lwezobuchwepheshe namasiko abathi i-UNESCO. Ngenkathi bephakamisa ukuba minyaka yonke usuku lwamhla zili-13 kuNhlolanja lube ngelokuqhakanjiswa kwemisakazo kanye nolwamhla zi-21 kuNhlolanja, kube ngelwezilimi zebele emhlabeni wonke.

Uma sibhekisisa, kuyagqama ukuthi abanye bethu bayazingabaza ukuthi bangazithuthukisa izilimi zebele ekubeni bevunyelwa amathuba alapho besebenza khona ukuthi bangaluthuthukisa ulimi lwebele. Abe umvelivelayo naye njengabanye ababengaphambi kwakhe kulowo msebenzi noma kulowo mkhakha.

Kusenomuzwa wokuthi, abanye babasakazi boHlanga basemakhaya, basemalokishini, basemadolobheni nasezindlini abanazo izichazamazwi ezihlelekile, indlela okukhulunywa nekuphimiswa ngayo ulimi. 

Ukuba nezichazamazwi kwenza kubelula ngoba, uhlale uqaphele, uzilalele ukuthi awukhulumi ulokhu usheba ulimi lwebele nesiNgisi ngaso sonke isikhathi singekho isidingo. Kubalula nokutholela abalaleli nabafundi bezikole incazelo uma isihambeli sikhuluma ulimi lwesingisi nolwebele kanyekanye.

Kuba yisishozi neshobolo ukunganaki okwenziwa ngabasebenza ezindaweni, emikhakheni ekwaziwayo, ukuthi kwakusungululwe ukuba kukhulunywe, kuphucululwe, kwengezwe, kuthuthukiswe, lugqame bha ulimi lwebele lwalesosizwe, lwalowo mphakathi.

Kudumaze kakhulu uma ulalele abasuke besebenza kuleyo misakazo nethelevishini, bengakugqamisi okwaziwayo ukuthi kwakuwukuqhakambisa ulimi lwebele. Ekubeni kwakuqalwe ngamaBhunu ngoba nawo ayekususela kuwona ukuthi aluthuthukisa kanjani ulimi lwesiBhunu.

Ulimi lwesiBhunu lwalukade lungekho ezilimini zaseNingizimu Afrika isaholwa ngamaNgisi noma ngabase-England eminyakeni eyevile emakhulwini amabili.Kodwa amaBhunu akwazi ukuluthuthukisa ulimi lwesiBhunu lwayinzuzo.

Ayenenhlosongqangi amaBhunu yokunciphisa ukugqama kolimi lwesiNgisi kwaboHlanga noma ebantwini abamnyama.

Kwase kuziqondanakela ngoMdali noma ngoMvelinqangi, enganakile amaBhunu ukuthi ayegcinela ulimi lwebele nabanikazi balo ukuba lungashabalali.

Ukube amaBhunu ayekunakile lokho, ayezozama ngayoyonke indlela ukukhinyabeza nokunciphisa izilimi zaboHlanga zebele eNingizimu Afrika. Njengoba kwenza abelungu basePortugal, baseFrance, baseItaly ekuqindeni izilimi zebele zaboHlanga bakulawo mazwe.

Ingcabha isikwaboHlanga abasemisakazweni nakweminye imikhakha eyasungulelwa ukusakaza ngezilimi zebele. Sekukubona ukuthi banawo yini umqondo wokuvelela njengabanye abasakazi abaziwayo ukuthi babanamagalelo ezilimini zebele ngenkathi besasakaza kuleyomisakazo nethelevishini.

Bangakwenza lokho uma bevuka njalo ekuseni bazibuze umbuzo wokuthi yena uqobo usenakho okukodwa noma okuthile nokubonwe yizwe okumayelana nokuthuthukiswa kolimi lwebele lwakubo kababa, kamama nezihlobo zakhe.

Kubalula njengomsakazi, ukuba nogqozi lokuzakhela ifagugu ngawe usaphila mayelana nokufukulwa kwezilimi zebele,nokuthi ungowalesosibongo.

See Also

Siyayiqonda imisakazo eyasungulelwa ukusakaza nokukhuluma nganoma yiluphi uhlobo lolimi lwebele. Njengokuthi, imisakazo eyasungulelwa ukusakaza ngokukhuluma ngolimi oluthile lwebele futhi kubuye kusakazwe noma kukhulunywe nolimi lwesiNgisi. 

Kuyaye kuhlabe umxhwele uma ulalele abanye babasakazi bemisakazo bezama ukufukula, ukuthuthukisa ulimi lwebele phezu kwalezo zimo zokusebenza, zokusakaza ezinokukhulunywa ngolimi lwebele nolwesiNgisi emisakazweni abayisakazelayo nabayisebenzelayo.

Bese ufikelwa ngamahloni ngenkathi ulalele abanye babasakazi abaziyo kwabona ukuthi basebenza,basakaza emisakazweni, kwithelevishini eyasungulelwa bengakazalwa ukusakaza nokugqamisa ulimi lwebele hhayi lwesiNgisi.

Yiqiniso elaziwa ngabasebenza kulemisakazo ukuthi, inkinga okubhekenwe nayo ngayabanye babasakazi abathanda kakhulu ukukhuluma besheba isiZulu nesiNgisi ngenkathi besakaza emisakazweni nakuthelevishini eyasungulelwa ukusakaza ngezilimi zebele.

Ukuqaphela abanye babasakazi ukuthi abazinaki izinkulumo nemibono,esuke ikhulunywe ngongoti bolimi, ababamemile. Njengokuthi abawathathi amaphuzu namagama olimi, bese sibezwa bewakhuluma ngokuyikona.

Abanye bongoti bayaye babalule amagama olimini lwebele okufanele ngabe asetshenziswa ngabemisakazo nabethelevishini. Labo ngoti baye babonise ukuthi uhlelo olunesihloko sesiNgisi ikhona indlela, akhona amagama angasetshenziswa noma akuzanywe ukubiza lolo hlelo ngolimi lwebele.

Ufikelwa umuzwa wokuthi, hleze, mhlawumbe kukhona okuhle nokuyintuthuko okwenziwayo ngolimi lwesiNgisi ngabanye bethu. Kube sengathi benze njalo esiNgisini nasesiBhunwini, njengoba lungaqhakanjiswa ulimi lwebele ngenkathi kusakazwa, kukhulunywa.

Scroll To Top