Now Reading
Intsha izibulala sekukudala yabulawa ngenxa yokunganakwa
Dark Light

Intsha izibulala sekukudala yabulawa ngenxa yokunganakwa

Njengoba kuyiviki lokuqwashisa intsha kanye nokukhuza umkhuba wokuzibulala kwabantu abasha kuleli, kubalulekile ukuthi singagcini ngokukhuluma kuphela. Usemningi umsebenzi okumele wenziwe ukuze kunqandwe abantu abasha ekuthatheni izimpilo zabo. Ukugcina ngokukhuluma ngeke kwasisiza futhi akusona isixazululo. Izibalo, ngokweSouth African Depression and Anxiety Group, zikhomba ukuthi abantu abasha abangamashumi amabili nakuthathu bayazibulala ngosuku kuleli. Okuzwisa ubuhlungu ukubona intsha kulezi zibalo. Ucwaningo luveza ukuthi ukuzibulala kwentsha ikakhulu abafundi kubangwa ukhwantalala. Uma kuhlanganiswa intsha kanye nabantu abadala, bangaphezulu kwezigidi ezine abantu asebake babanjwa ukhwantalala kuleli. Umbuzo omkhulu uthi: Sifike kanjani lapha siyisizwe saboHlanga?

Uma bechaza labo abakwazi ukuchaza nabakwazi ukucwaninga, babala izinto eziyisishiyagalombile eziyimbangela yokuzibulala kuleli. Lokhu kufaka phakathi ukuhlukunyezwa noma ukudelelana kwabantu, izinkinga zemindeni, udlame, ukuhlukumezeka ngokwezocansi, izinkinga ebudlelwaneni, ukuthathwa kwezidakamizwa ngokweqile, ukufika komcabanga wokuzibulala ngenxa yokuthi wake wazama ukuzibulala ngaphambilini kanye nezempilo. Ngithe uma ngibheka lolu cwaningo kanye nozincazelo ezibekiwe ezenza umuntu omusha azibulale ngabona ukuthi zonke zingagwemeka uma bekungasiko ukuthi asifuni ukubhekana nezinkinga zezwe futhi asifuni ukuthola isixazululo esizoba umanqoba walezinkinga ezibalwe ngenhla. Izinkinga intsha yakuleli ebhekene nazo zenziwa ngamabomu. Kungakho ngithi intsha yakuleli izibulala sekukudala yabulawa. Lento engizama ukuyichaza ifana nomuntu obulewe ngesibhamu ngaphambi kokubulawa ngumdlavuza. Inkinga yethu ukuthi sinaka isibhamu sikhohlwe ngumdlavuza ogulise lomuntu iminyaka futhi ebesebeshilo nodokotela ukuthi ngeke asasinda. Kunjalo nokuzibulala kwentsha kuleli.

Asithathe ukuhlukumezana kwabantwana ezikoleni okuholela ukuthi abanye babo bathathe impilo yabo njengesibonelo. Umntwana ozibulele ngobe ehlukumezeka esikoleni akabulawanga yintambo noma wushevu azibulele ngawo kodwa ubulewe ukunganaki kothisha kanye nabazali ukuthi uyahlukumezeka. Ukuze uyizwe lento, zibuze ukuthi kungani umntwana engazibulali ngosuku lokuqala ahlukumezeke ngalo ahlukunyezwa wontanga bakhe? Uma ufunda izincwadi ezishiywe abantu abazibulele kukhanya bha ukuthi ababulawangwa ukuzikhunga kodwa ukuzikhunga kube yindlela elula yokuziphumuza kulokhu kuhlukumezeka abasuke bedlula kubo. 

Izinkinga zasekhaya azisoze zenza umuntu wazibulala kodwa ukungabi nezimpendulo zezinkinga obhekene nazo ekhaya okwenza ukuthi ubone kuncono ukuzibulala. Lokhu kusho ukuthi uma ufuna ukunqanda ukuzibulala kwabantu, ikakhulukazi kwezingane, kumele kulungiswe izinkinga zasekhaya ngokushesha. Siyathanda ukuziphathisa ngekhanda kuleli. Sifuna izixazululo zezinkinga lapho kungekho sixazululo khona. Isixazululo zezinkinga zasekhaya zisekhaya. Kodwa uma kufe ikhaya ngenxa yezimfundiso eziza nabantu bokuhamba, ayikho into engaphinde ilungiseke ngaphandle kokulungiswa kwekhaya ukuze libe nenhlala kahle kanye nokuthula. Sizohlezi sikhuluma into eyodwa uma singafuni ukulungisa umthombo wezinkinga zethu. Kuyadabukisa ukubona abaholi bezwe kanye nezakhamuzi zakuleli zigoqe izandla uma lezinkinga ziqala kodwa kungaba nomonakalo sigijima size sizephule sifuna izixazululo. 

See Also

Okuthusa kakhulu ukubona izinhlangano ezivela kwamanye amazwe ezizosixazulela izinkinga zethu. Sifike kanjani njengesizwe esimpisholo ekwehlulekeni ukuzixazululela izinkinga zethu. Inkukhu iyawusola umqgakazo. Akukwazi ukuthi okhokho bethu abazange babulawa yizidakamizwa kodwa kuthiwe thina siyazibulala ngenxa yezidakamizwa. Inkinga ayikho ekuzibulaleni kodwa isekudayisweni kwezidakamizwa kuleli kungabi yindaba yamuntu. Uma uvakashela ezinye izindawo zakuleli ungafunga ukuthi ukudayiswa kwezidakamizwa kusemthethweni. Lokhu kusho ukuthi noma singaqwashisa ngokuzibulala kwabantu angeke kwasiza uma kusenabantu ababhebhethelisa lezinkinga engizibalile ngenhla. 

Angimelene nokukhuzwa kwesihlava esimbi sokuzibulala kwentsha kodwa ngicabanga ukuthi siyageja uma siqala lapho. Isisombululo kulenkinga yokuzibulala kwentsha yakuleli incike kakhulu ekunikeni abantu bakuleli ingqala sizinda. Uma ngithi intsha yakuleli ife ingakazibulali ngishiso ukuthi abantu bakithi bahleli abasebenzi, bahleli abafundi, bayagula abatholi usizo, badliswa izidakamizwa akwenziwa lutho, kubulawa abantu besifazane, izingane kanye nabantu abadala kungenzeki lutho. Lokhu kukodwa kuyambulala umuntu ikakhulu uma sekwenzeke isikhathi eside. Ukuthi uzibulele noma ugcine ebulewe yilezinkinga engizibale ngenhla, akunamehluko kimi. Ikhambi lilodwa, ukunika abantu bakuleli izimfuno. Abantu bakuleli abafuni into eningi kodwa bafuna ukuphila impilo encono kunalena ephilwa yizilwane. Ngeke bayeka ukuzibulala uma kusekhona ikati elilala embhedeni, endlini enogesi kodwa kube khona umntwana ophuma endlini kathayela engadlile eya esikoleni.   

Scroll To Top