Besekungayiphutha yini ukungafiki enkomeni kutshalwa iSILO?
Bathi bekufanele kungasetshenzwa
Kona uZulu kumele azile wonke. Ukube uZulu ubenabagqugquzeli bekufanele kube nombuthano ngalolo suku sihlangane silile ndawonye. Mina ngizile ngisho ukudla ngalolo suku. Ukube uNdunankulu kusewuMazalankosi bekuzocaca nanoma kuyimfihlo obekuzokwenziwa kodwa ubezokwenza okuthile. Uzozwa-ke sekukhona asebempongoloza ngokwephulwa kwemibandela yokhuvethe bazoqala ngamabutho abeyokhipha iSILO esibhedlela. – nguZanele Buthelezi
Ngibona bekuzoba yithuba elihle noma sisebumnyameni ukuthi sibakhombise abezizwana ukuthi sihlangene futhi siyawahlonipha amasiko ethi noma bezama ukusiguqula emasikweni ethu singene kwawabo. Ngelinye ilanga uyokhothama uQueen Elizabeth izinto ziyoma zonke. – nguSihle Mbatha
Ngokomthetho bekumele kume yonke into ikakhulukazi kuleli elingafelwa nkonyane kodwa-ke ngoba yiseNingizimu Afrika kwenzeke okwenzekile ngoba kwayimanje kukhona abangazi nokuthi lidumephi. – nguCebo Mchunu
Angiliboni iphutha lapho kodwa siphethwe abaphathi abangafani, kukhona okungathi diki nje kubo ukuthi iNkosi ikhotheme. – nguMalusi Mthethwa
Asikho ngisho isidingo lolu daba lomshophi osehlele siyisizwe seNdlovukazi uMthaniya seluze lwafika kumazwe ngamazwe. – nguLindokuhle Phakathi
Kukhona abangavumelani nalokhu
Mhlawumbe bekumele kumenyezelwe iholide elikhethekile kunokuba umuntu angayi emsebenzini ngesizathu sokuthi uthi uyotshala uNgangezwe Lakhe ngoba umthetho awumbali yena, kodwa ubala abantu abathile abasondelene nawe. Okunye lesi sizathu besingeke asemukele umqashi ngoba uyazi ukuthi ngaphansi kwemigomo yokhuvethe imingcwabo ihanjelwa abantu abambalwa kuphela. – nguPhumlani Nkosi
Khona bekungalimaleka imisebenzi yanamuhla iyacikiza kodwa kwabebe bona ukuthi ngeke bashayeke bekuzoba kuhle ukuba bacele kubaqashi babo. – nguSipho Msimango
Abaphathi bezimboni ezilawulwa ngemithetho eqondile bayazi ngeMbube futhi bayalila kanye nathi kepha bebengeke bavume ngoba imifelandawonye ibingasifuni iSILO bebengafaka olwedada kulezi zimpi zabo abasifaka kuzo ngamakhanda. Besingabacela ukuba basinike leyo mizuzwana ukuba sihloniphe uBhejane kuqhutshekwe nalo itoho. – nguDlokovu Ka Ntusi
Bekufanele baye emsebenzi abantu bese labo abavunywa ithuba banikele ekutshaleni uNgangezwe Lakhe. Kuthi labo abebengeke bafinyelele bazile bathobe itshalwe ngesizotha iMbube. – nguSiduduze Mkhize
Kuyiphutha lokho ngoba besingeke siye sonke ukuyotshala iNkosi. Yebo kushoniwe kodwa kumele sisebenze izingane zethu zidle, impela bekuyobe sesiyagagamela uma sesingasafuni nokuyosebenza. – nguXolisa Nxumalo
Lokho bekungenzeka ngendlela ehloniphekile, akekho obengaphoqwa uma ebecelile kumqashi futhi emazisile ngesikhathi esifanele kodwa-ke kuyoba yikho ukuthi uma ungangenanga ufahla wangalolo suku ngeke uwuthole. – nguSipho Mzwandile Ndebele
Ngimufishane emlandweni wethu kodwa iNkosi ngangizwa engathi uma izotshwala akekho osuke azisiwe ngaphandle kwalabo abathile abambalwa. Ewu ukutshalwa kweNkosi sekuvele kube yindumezulu nje kanti nobani nobani usefisa nokuphulelwa usuku aye ekutshalweni kweNkosi? Lafa elihle kakhulu likaPhunga, saphela ndlu emnyama amasiko aya ngokushabalala impela. – nguNosipho Zondi
Umsebenzi phambili, siphila ngawo abaqashi bangaphazanyiswa baphazamisekile ngokhuvethe, badilizwa abantu kwaqeda kwangenzeka lutho. – nguMelusi Mgadi Zwane
Cha kimi umsebenzi ubaluleke ukwedlula yonke into, ngiphila ngawo anginayo imali engena eceleni. – nguLihleh Magwaza Isbotho Esgezayo

