USimphiwe Dana uliciko elimbalabala



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Sekujwayelekile ukuthi iciko elingene ngomculo kwezikaqedisizungu ligcine seliveze elinye ikhono ebelicashile njengokulingisa nje. Elinye lamaciko elithe licula lagcina seliba ngumlingisi nguSimphiwe Dana. Leli ciko langena kwezomculo kwezwakala ngesikhathi liba nesivumelwano nabakwaGallo Records ngonyaka wezi-2004 nokwaqhamuka ulozolo oluthi Zandisile.
Yiwo lo msebenzi owamenza waba ngundabamlonyeni kubantu wanqoba nendondo iSouth African Music Award (SAMA) ngowezi-2005. Akagcinanga lapho kepha wazithola eseqhwakela ohlwini lomculo emhlabeni iBillboard wabe esebuya ne-AVO Session Basel Award.
Lokhu kwamukelwa kwezomculo kwamenza ngowezi-2007 futhi kumaSAMA njengeciko lesifazane elivelele ngaleyo ngoma yakhe ethi “The One Love Movement on Bantu Biko Street. Ngowezi-2010 abantu bathokozela Indebe YoMhlaba nje leli ciko labe liphulula izindondo ezimbili kumaMetro FM Music Awards.
Akuphelanga sikhathi esingakanani simazi ngezwi lakho elinkeneneza kuvuke usinga nemicabango, izinhlamvu zakhe ezisikhumbuza ngobuthina nezisigqugquzela ukuba senze siphinde sizigqaje njengesizwe, wabe eselingisa futhi ngokuncomekayo. Yize ubengaqali njengoba ngowezi-2010 wabonakala engqayini ethi; “A Boy Called Themba”, iningi lakuthakasela ukumbona elingisa emdlalweni ophekwe yintokazi uMmabatho Montsho, othi “Joko Ya Hao”, nogxile empilweni kamama uNomzamo Winnie Madikizela-Mandela ongasekho.
Kulo mdlalo uSimphiwe Dana udlala indawo kaNozizwe, okuyinkosikazi eyashiya ikhaya emakhaya yaya eGoli ngeminyaka ye-1950. UNozizwe lona ngumfelokazi onokholo olumangalisayo nozithola ehlala phakathi kwabesilisa ekhuluma izindaba zombangazwe. Akukho ukungabaza ukuthi yize abe elingisa lapha kepha kuNozizwe waphila impilo akade eyifisa, wathola ithuba lokuba yingxenye yomlando kamama uNomzamo Mandela omlando wakhe uyohlale uxoxelwa izizukulwane. Lo mlando kulo mdlalo uDana uwulande wawulingisa ngesigqi kanye nesizotha esiwufanele.
Usitshengisile ukuthi uliciko elimbalabala nokuthi kuye kungavuka amaciko amadala afana nomama uMirriam Makeba, umama uMargaret Singana nomama uBusi Mhlongo imbala.