Now Reading
Amanye amasu namaqhinga okubeka nokulondoloza ithambo longasekho
Dark Light

Amanye amasu namaqhinga okubeka nokulondoloza ithambo longasekho


UHulumeni wethu wenza umsebenzi omuhle ukuzama ukukhalima ukufa kwabantu ngenxa yaso lesi sifo esisazi sonke ukuthi ezinye zezindlela esithathelana ngazo ukusondelana kakhulu noma ukuminyana, ukungazivikeli ngezifonyo nokungahlambi izandla zikhathi zonke. Siyabonga kakhulu nakongqongqoshe bethu uMumbo (isihluthu saseWillow), nakoKaMagutshwa ngoholo lwabo kulesi sikhathi esinzima kangaka, kodwa kungabe siyanyaza masingabongi ngokukhethekile izisebenzi zezempilo okubalwa odokotela, abahlengikazi, osonhlalakahle nabahlanzi magumbi abavuka nsuku zonke beyonikela ngegazi, izinyembezi nemijuluko yabo ukuphephisa isizwe sakithi. Bakwenza lokhu bazi ukuthi babeka impilo yabo nemindeni yabo engcupheni. 

Lezi izigomagoma zoqobo ngoqobo ezingeke zithole zindondo namiklomelo ngokuba sekhaleni lempi yokuvikela isizwe sethu. Kuzwakele futhi ukuthi kunemigomo phakathi kwayo ebalula udaba lwesibalo salabo abalindeleke emngcwabeni.

Kepha ngifisa ukuphakamisa ukuthi kumele kuqikelelwe ukuthi kulekelelwe kakhulu ukwenza imingcwabo ingaphenduki isidleke sokukhiqiza okunye ukufa okuzalwa ukhuvethe.

Ezindaweni zasemakhaya, ikakhulu izinsizwa zendawo zikuthatha njengomthwalo wazo wobunsizwa nobuntu ukuthi uma kubhujiwe zihambe ziyomba umgodi wokuthuna.  

Laba ngabantu abenza umsebenzi omkhulu bengabheke nzuzo, dumo nankokhelo. 

Bekungenani kube nendlela yokuhlangabezana kuqinisekiswe ukuthi kube nezifonyo uma bemba baphinde bakhuthazwe ukuthi bangahlali ngokusondelana uma kusekhona abasamba.

Kungaba kuhle futhi abanye bame buqamama ngesikhathi kusekhona  abambayo futhi nabo abambi kube ngabane nangaphansi, baqede kuze abanye kanjalo ngokudedelana. Kube nezihlanzi (sanitiser) ezanele ezizohlanza amapiki namafosholo okusebenza ngaphambi kokuthi adlulele kwezinye izandla ngesikhathi kumbiwa. Lezi zihlanzikhuvethe zisetshenziselwe nokuhlanza izandla zabambi njalo njalo.

Kubalulekile ukuthi kuqinisekiswe ukuthi amanzi okuhlamba izandla emuva komngcwabo okungcono kubekwe ujeke nensipho nesitsha esinamanzi umuntu azikhelele agezele eceleni kunokusebenzisa indishi eyodwa eduze kwesango bese kulindeleke kugeze kuyo abantu abangaphezu kweshumi. 

Sisempini lapha kumele siqhamuke namaqhinga namasu okunqoba ahlukene. 

See Also

Kumele kuqhutshekwe kugcinwe imikhuba namasiko amahle kodwa ukwenza lokhu kungaze kubhubhe abaphilayo ngokuzama ukwenelisa abangasekho. 

Ukuba bekunendlela omasipala bebezokhipha ogeleja laba asebehlala bepake emizini yamakhansela amaningi, izikhulu zomasipala nabangani babo bayombela imindeni esuke ibhujelwe. Ithuna lingambiwa ngayizolo kuzofihlwa ngakusasa. Manje kuphi khona.

Kanjalo omasipala bangayisondezela imindeni eshonelwe amanzi ukuze kungezukuba nezixuku zabantu beyokhoselela amanzi. Kodwa siyazi ukuthi kukho konke lokhu izincelagazi ezingosomathenda ziyahangaza okwezilwane zasendle, izincelagazi lezi zona nabangani bazo zihlale zifuna ithuba lokwenza imali ngisho kufiwe. Nakulokhu okungenhla izonakali ezikhulwini zakomasipala zingakuguqula zikwenze umshini wokukhiqiza imali ngokuthi ziqashe ogeleja bokumba amathuna nezinqola ezithwala amanzi kubangani bazo.Zizokwenza lokhu zize zenyuse namanani ngenhloso yokuntshontsha. Masikhumbule amehlo abangasekho avalwa yithi abasaphilayo kepha nathi phela masivuleke amehlo ngenxa yalabo abangasekho ngokuthi sithathe izinqumo ezinobuhlakani odabeni lalolu bhubhane.

Siqhubeke sakhe isizwe esiphephile, esiphusile nesiphumelelayo.

Scroll To Top