Kunomuntu onesipho esiyisimangaliso uma engasisebenzisa ngobunono nangendlela ehlelekile, owabo bangavuka qingqo othulini lobuvila nokugqilazwa yimicabango…...
Umlando awusona isithutha futhi awukhohlisani! Awusoze wakuholela Ophathe. Uyisibuko sesizwe nezizukulwane nempumelelo yethu igabavula kulowo…...
Kufanele silibonge siphinde silibongisise leli thuba ngoba aliwona umdlalo nomqhubasuku!
Iningi lingakuphika noma likuvume, kuneqiniso elibabisa okwenyongo yenyathi elihlale lisobala okwenadinga yembuzi ukuthi imfundiso enkulu kunayo yonke zonke izingane ziyifunda ekhaya lapho zizalwa khona.
Kunento esifuqayo njengoba le ngosi isaqhubeka nokudingida iphinde igcizelela isiko nomkhuba wokubonga. Izama ukubamba iqhaza…...
Uma uzijwayeza ukubingelela nawe uzobingelelwa. Uma uvamise ukubonga nokunconywa nakuwe kuzokwenziwa njalo.
Ziningi izinto abantu abakhuthazana ngazo ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka kuphinde kufezeke abakuhlosile.
“Ngiyakholewa ekutheni umusa uyimpendulo eqondile yokubonga. Ngenkathi uqhubeka nokubonga umusa uyaqhamuka. Izibusiso zihamba emzileni wokubonga.…...
Siqhubeka nokwazisa ababe nomnikelo onzulu empilweni yethu njengengxenye yesibili yokugcizelela ubumqoka bokubonga, ngaphansi komkhuba esiwukhuthazayo…...
Akulona icala ukulindela ukusizwa nokucela usizo, akufanele kube insakavukela umchilo wesidwaba.
Kuyishwa elingachazeki ukuthi labaholi bale ngxenye ye-Afrika ababhalanga. Singabala uJonas Savimbi we-Unita e-Angola, uSam Nujoma eNamibia (osadla anhlamvana) nabanye.
Umuntu ongathi akukho okuhle angabhala ngakho empilweni yakhe uyimpumputhe emqondweni. Nongathi akukho okuhlabahlosile nakuzuzile noma wakunqoba eziwombeni ezithile zempilo yakhe uyobe ugxoba umqondo wakhe okomuntu odovadoda inhlama yokhonkolo.
Bekufanele intsha yezwe lakithi nabaholi baseNingizimu Afrika kanye nomphakathi nezizwe zonke zezwekazi i-Afrika, zifunde kwezasentshonalanga ezilikhuthalele leli siko noma umkhuba wokuqopha phansi izehlo ezimqoka ezenzeka usuku ngosuku empilweni yomuntu ngayedwa.
Kunabantu uma besaphila akucabangeki ukuthi ngolunye usuku bayodlula emhlabeni. Uma ubuka ukwenza kwabo okuhle, ubuchule…...