Izwe likalwa ngani, ingqalasizinda noma ngabantu balo?
Uma ufunda lolu daba liyobe seledume ledlula. Uyobe esekhulumile uMengameli uRamaphosa baphawula nabahlaziyi nezingqapheli. Ngokusho kongoti inkulumo enhle kunoma yimuphi uMengameli noma umholi wezwe ngebeka isithombe esiphelele.
Uma lokhu kwamukelekile umbuzo olandelayo ngothi ngesinjani isithombe esiphelele ngezwe? Njengoba kusuke kujwayelekile uMengameli ukhuluma ulimi lomnotho lapho ekhuluma khona ngengqalasizinda kanjalo nokutshalwa kwezimali ezweni.
Kuba khona nangokukhuluma kwalokhu okubizwa ngamathuba emisebenzi njalo njalo. Kwabanye lesi yisithombe esiphelele nesinika ithemba kubantu abakhele izwe njengoba kuhlale kushiwo nakubatshali zimali.
Nokho ngokwethu lesi sithombe asiphelele ngoba kasivezi zonke izingxenye nezimo zezwe. Isibonelo uma izwe liqomisa likhuluma ngamadolobhakazi alo amakhulu okungaba yiTheku noma yiKapa. Uma kwenziwa njalo kuvela izithabathaba ezikhanyayo nemigwaqo enetiyela. Okungaveli yizindawo zakobantu lapho indlala nobubha budla lubi. Lapho ingqalasizinda imagebhugebhu. Uma kukhulunywa ngeTheku nje kumbalwa lapho kuvela iLamontville, uma kuyiKapa iKhayelisha ngathi kalikho okukhona nje yizintaba zeKapa. Uma kuvezwa imigwaqo yegolide abahlala emgwaqeni ngathi kabekho.
Okubuhlungu wukuthi lokhu akwenzeki nje kuphela kwinkulumo kaMengameli kepha noNdunankulu kanye nezimeya nazo ziveza okuhle kodwa. Lokhu kuyishwa ngoba siyasidinga isithombe esiphelele ukuze kulungiswe.
Uma kulokhu sivumelana kuyomele sibe nohlobo olusha lwabaholi. Laba kuyomele kube ngabaholi abangesabi ukukhuluma iqiniso njengoba linjalo. Abangesabi ukutshela isizwe ukuthi kubi, kayikho imali noma nonyaka lokhu enikufunayo ngeke nikuthole. Umbuzo uthi kambe bakhona yini labo baholi?