Now Reading
UMaXhamela uthi kosala oyedwa: Umile ekutheni abanye aBehluleli yimihlola
Dark Light

UMaXhamela uthi kosala oyedwa: Umile ekutheni abanye aBehluleli yimihlola

IsiZulu sithi kayihlabi ngakumisa. Yile mpendulo oyithola usaya noma usubuya ukuyokhuluma nalo mholi nesikhuphekhuphe somzabalazo waboHlanga, uMhlonishwa uLindiwe Nonceba Sisulu. Uma useza ukhohliswa yisigubo sayo njengoba incanyana nje ngomzimba. 

Uphinde ukhohliswe yizwi layo eliphansi. Indaba ikhula uma eseke wavula umlomo wakuxoxela ngokuthi ungubani nokuthi umeleni, lapha usuke esevutha amalangabi.  

ElaboHlanga lihambele uMaXhamela kuleli sonto ngenhloso yokuthola kabanzi ngaye kanye nomsindo osuvuke ngenxa yesethulo sakhe asenze ngaBehluleli boHlanga nezobulungiswa kuleli. Yize kwabanye kulukhuni ukuba wehlukanise lo mholi nabazali bakhe uyise uWalter Sisulu nonina u-Albertina, intombi kaXhamela ikubeka kucace ukuthi yize yakhelwe phezu kwesisekelo esingabazali bayo kepha nayo iyisigomagoma somzabalazo  ngokwayo. 

Kuleliya qhathanzipho olubona useza kukhona umkhuzi wempi yoMkhonto Wesizwe njengoba ayenendondo yokuba nguJenene nowaze wachonywa ngisho olwegwalagwala yizwe iRussia ngendondo eyaziwa nge-Order of the Red Star nokuwuphawu lokuhlonishwa okukhulu.

Lokhu kumbeka ohlwini lwezihonga zamaRussia ezihlonishwayo kwezempi ezifana no-Anatoly Liapidevsky, uSigizmund Levanevsky, uVasily Molokov, uMavriky uSlepnyov, uNikolai Kamanin, u-Ivan Doronin, uMikhail Vodopianov nabanye abaningi. Okunye ahlonishwa ngakho empini yomzabalazo wubuchule bokuphatha ezobunhloli nokuyinto aziqhenyayo ngayo. Odabeni lwesethulo sakhe kuningi akuveze njengezizathu zokuba abhale kanjalo nokumangala ekutheni kungani kunokuwumuzela ezweni.

“Kumqoka ukuqonda ukuthi lokhu okufundwa manje akukhona okokuqala ngibhala ngakho, umehluko kulokhu wukuthi bekugxile kuMthethosisekelo wezwe. Angimusha odabeni loMthethosisekelo. Ngesikhathi kuqalwa izingxoxo nabacindezeli ngangisethimbeni likaKhongolose ngigxile kwezobunhloli. Ngaleso sikhathi ithimba lethu labe liholwa nguMnu uRamaphosa. Okwethu njengophiko lobunhloli kwabe kuwukuhlelembela siphinde seluleke ukuthi yikuphi lapho kumele i-ANC ilume ngakho,” kusho uMaXhamela.

Umile ekutheni ukuphawula kwakhe kuvikelwe nguMthethosisekelo wezwe noweqembu ngoba ngokwakhe ukwehluka ngemibono akusho impi. Uphinde wagcizelela ukuthi ukwenza umzekelo waboHlanga abasemasimini nasezinkalweni kanye nalabo abasendlini (Field Negros and House Negroes) akumele kukhathaze muntu.

“Kule minyaka engikuyo ngiyamukela ukuthi isizukulwane sethu sabe siyizisulu zengcindezelo neyabe igxile ekubuseni imiqondo yethu, okwakuhlanganisa nangendlela esibuka ngayo izinto. Sonke esizukulwaneni sami sinomsebenzi omkhulu osihlalele wokuthukulula lawo makhamandela engcindezelo asemqondweni wethu. Nami njengabehluleli safunda imfundo yobandlululo angiqambi amanga. Uma ngithi kuBehluleli boHlanga nabo abacindezelwa njengami, basanenhlese yobandlululo angilwi. Engikwenzayo ngithi nabo njengami basenkingeni yokuzama ukuzilungisa,” kusho yena.

Uthi akabuboni ubuhlakani ekutheni uMehluleli uZondo akhethe ukumdikadika kwabezindaba ngesethulo sakhe, waphinde wathi inqaba kulesi senzo wukuthi kasikhulumi ngamaphuzu awabekayo naveza ubufishane boMthethosisekelo uma kufikwa kulokho okuhlupha aboHlanga. Ebuzwa ukuthi kuthini ukuphawula kwakhe ngalokho osekuvele kwabezindaba njengengxabano phakathi kwakhe noMengameli uRamaphosa, uMaXhamela uthe lokhu kuyishwa.

See Also

“Iqiniso lithi abantu ababhala isitatimemnde eHhovisini likaMengameli yibo ababa nokuxhomondela. Babengekho emhlanganweni wethu noMengameli. Okubi kakhulu wukuthi ukubhala kwabo kwabe sekuhlanekezela inkulumo. Yiqiniso ukuthi saxoxa noMengameli wabeka okuwumbono wakhe nami ngabeka owami. Saze savumelana ukuthi asisondeze umuntu wesithathu nowayezobuka esikushoyo ngenhloso yokuqhamuka nendlela eya phambili. Kuthe kusenjalo kwase kuqhamuka isitatimende esihlanekezelwe.”

Ebuzwa ukuthi akazisoli na, usho wangananaza wathi: “Cha angizisoli ngoba akukho okubi nokungaziwa engakushoyo. Lokhu engikushoyo kuyaziwa, kuyimpilo yaboHlanga yansuku zonke, ukuba nezingqinamba ngenxa yezingxenye ezithile ezikuMthethosisekelo. Isizukulwane sami naleso saBehluleli sinomlando okumele sibhekane nawo.”

Uqhubeke wathi: “Mina ngikhulele emzabalazweni ngazi kahle ukuthi ngalesi sikhathi kumele ngabe sikuphi njengezwe, kepha asikafiki lapho kumele ngabe sikhona ngakho kumele senze isiqiniseko ukuthi lokhu siyakulungisa.”

UMaXhamela ufanise uMthethosisekelo neBhayibheli nathe lihunyushwa nsukuzaphuma kepha okungasho ukuthi lokho kuliphutha. Ube esegqugquzela aboHlanga ukuba baxoxe ngoMthethosisekelo, bawubuyekeze ukuthi ngabe usamele bona nezidingo zabo yini.

Scroll To Top